SlideShare a Scribd company logo
Umlando wemibhalo
yesiZulu
 Umlando wemibhalo yesizulu uhlukene izigaba ezinhlanu. Kukhona
isikhathi esingaphambi kokuthi kufike abeLungu, nesingathi kusadliwa
ngoludala. Isikhathi samamishini, isikhathi sezingqalabutho, isikhathi
sobandlululo kanye nesikhathi senkululeko. Sizobheka lezi zikhathi
ngokulandelana kwazo:
A) Kusadliwa ngoludala
Lesi yisikhathi esingaphambi kwezinsuku zabacindezeli. Lapha singathi
yisikhathi sangaphambi konyaka we-1835. Ngalesi sikhathi impilo
yayingathintwa noma iphazanyiswe ngabezizwe noma ondlebezikhanya
ilanga. Lapha sibona ukubumbeka kwesizwe sikaZulu. Lesi sikhathi
kwakungekho lutho olubhalwa phansi. Imibhalo esunguliwe ngalesi
sikhathi kwakuyimibhalo ewubuciko bomlomo. Kubalulekile ukusazi lesi
sigaba ngenxa yokuthi ubuciko bomlomo: izinganekwane, izibongo,
izigiyo, njll, kube nomthelela omkhulu emibhalweni yesiZulu ikakhulukazi
uma sibheka imibhalo okuyiyona eyavula indlela yokulotshwa
kwemibhalo esiZulwini. Izibongo zaba nomthelela ekusungulweni
kwezinkondlo kanti izinganekwane zona zaba nomthelela ezindabeni
ezibhalwayo zibe yingxoxo. Izibonelo yizibongo zesimanje esisazibona
zisaqhubeka. Umdlalo wokuqala oshicilelwe phansi wesiZulu osihloko
sithi UGubudele Namazimuzimu ususelwe enganekwaneni kanti iqoqo
lezindaba ezimfushane elithi Woza Nazo liyizinganekwane. Ukuthola
olunye ulwazi ungafunda incwadi ka-CT Msimang ethi The Folktale
Influence on the Zulu Novel.
B) Isikhathi samamishini (1835-1910)
Nakuba kukhona ukugxeka ukuthi osomishini babeguqula indlela abantu
ababephila ngayo, nokwaholela ekulahlekeni kwamasiko athile, kukhona
okuhle okweza namamishini. Asiza amamishini ngokwethula indlela
yokubhala. Osomishini yibona abashicilela indlela yokubhala. Ukubhala
kwafika kudala kwaZulu ngenxa yeminyakanyaka yengxabano phakathi
kukaZulu kanye nabandlebe zikhanaya ilanga. Ukubulawa kukaPiet
Retief namabutho akhe nguZuluu Ophathe ngesinye sezigameko
esaphazamisa ukuzinza kwabantu abamhlophe kwaZulu. IMarianhill
Mission School kanye ne-Press (okuyisikhungo sokushicilela izincwadi)
kwagcina kusunguliwe kwelakwaZulu. Phakathi kwabantu ababa
negalelo: osomishini – Allen Gardener, Francis Owen, uNewton Adam,
uGeorge Champion, no-Adlin Grout (nokwethiwa ngaye iGroutvile), John
Colenso (yingakho sinendawo okuthiwa yiColenso ngaseBergville).
Kwaqala kwashicilelwa izingqenye zebhayibheli ngo-1846 kwase
kushicilelwa uhlelo lolimi ngo-1855. Nokudlalwa kwemidlalo yeshashalazi
okwaqala ngeminyaka yawo 1909 – ngaphansi kuka Father Bernard
Huss – eMarianhill. Ukufunda kabanzi ngalokhu ungabheka incwadi
kaSolwazi Bheki Peterson ethi Monarch, Missionaries and African
Intellectuals (2002). Iningi lale midlalo kwakuyimidlalo enkundlanye.
C) Isikhathi sezingqalabutho
(1910 - 1948)
Phakathi kwezinye zezingqalabutho singabala
u-Isiah Shembe, owaqala inkonzo yakhe ngo-
1911 eyaziwa ngelaManazaretha noma
uShembe noma inkonzo yasEkuphakameni.
Le nkolo ihlanganisa amasiko esintu
nobuKhrestu. Wayeziqambela ngisho amaculo
(amahubo) enkonzo. UMagema Fuze
washicilela incwadi ethi Abantu Abamnyama
Lapa Bavela Ngakhona. UJohn Langalibalele
Dube, owazalelwa eNanda eThekwini,
nongumsunguli wephephandaba Ilanga. Waba
nguMongameli wokuqala weSouth African
Native National Congess, neyagcina iguquliwe
yaba yi-African National Congress. Ibhuku
lakhe lokuqala lithi = Isitha Somuntu Nguye
Uqobo lwakhe
Inoveli lokuqala, elithi Insila KaShaka (1930)
laphuma kulo usiba lukaDube. Wabuye
wabhala incwadi ethi UShembe (1930).
Ngowe-1933 waphinda washicilela incwadi
ethi Ukuziphatha Kahle.
Ababhali bezindaba ezimushane abavela
kulesi sikhathi yilaba: AH Mbhatha noGC
Mdladla = UChakijana Bogcololo (1927);
Violet Dube = Woza Nazo (1935); u-HIE
Dhlomo waqhubeka wabhala ngesiNgisi;
Nimrod NT Ndebele = UGubudele
Namazimuzimu (1937). U-RRR Dhlomo
(ongumfowabo ka-HIE Dhlomo) waziwa
njengoqokuqala omyama ukubhala inoveli
yeseNgisi = African Tragedy: A Novel in
English by A Zulu Writer (1928). Eqinisweni
bakhona ababemandulele: Chaka (T Mofolo);
Mhudi (TS Plaatje)
UDhlomo ukubaluleka kwakhe njengomlobi
wukuthi nguyena owaqala indlela ekubhaleni
ngomlando wesizwe sakwaZulu, ikakhulukazi
amakhosi. Nazi izincwadi azibhala eziqukethe
umlando obalulekile: UNomalanga KaNdengezi
(1934), UDingane KaSenzangakhona (1936),
UShaka (1937), UCetshwayo (1952), kanye
nethi UDinizulu (1968).
Enye ingqalabutho esiziqhenya ngayo ngu-
BW Vilakazi. UVilakazi ubuye aziwe ngokuthi
nguBhambatha kaMakhwatha. Leli gama
walithola ngoba wazalwa ngonyaka wempi
kaBhambatha kaMancinza wakwaZondi (ngo-
1906) nokuyimpi eyayilwisana nokuthelelwa
kwamakhanda (Ukhandampondo). Ukubaluleka
kukaVIlakazi emlandweni wukuthi ungumuntu
wokuqala omnyam ukuthola iziqu
zobudokotela = ubuye abe ngumuntu
wokuqala omnyama ukufundisa eWits
University
Ngokwemibhalo, nguyena owabhala iqoqo
lokuqala lezinkondlo ukuthi lishicilelwe. Iqoqo
lakhe lithi Inkondlo KaZulu (1935). Waphinde
walandelisa ngelinye iqoqo lezinkondlo elithi
Amal’ Ezulu (1945). Amanoveli akhe,
asiqukathela izingxenye ezithile zomlando
wakithi, abhalwe nguye uVilakazi yalawa:
Noma Nini (1935), UDingiswayo KaJobe
(1939) kanye nethi Nje Nempela (1949).
UVilakazi wedlula emhlabeni ngo-1947
eseneminyaka enga-41.
Enye ingqalabutho esingayibala ngu-EHA
Made owabhala inoveli ethi Indlalifa
YaseHarrisdale (1940), kanye neqoqo
lokuqala lama-eseyi elithi Ubuwula Bexoxo
(1947)
D) Isikhathi sobandlululo (1948
– 1994)
Sithola umthelela wobuciko bomlomo ngalesi
siikahthi. Siphinde sithole ababhali begxile
ekubhaleni ngomlando kanye nezomphakathi.
Kulesi sikhathi singabala ukuthi sithola
kuvela ababhali esebabalile ngenhla,
ikakhulukazi uRRR Dhlomo. Kuvela futhi
ababhali abafana noKenneth Bhengu
owabhala: UKhalalembube (1953), UKadebona
(1958) kanye nethi Umbuso Wezembe
Nenkinga KaBhekifa nokuyizincwadi ezigxile
kakhulu emlandweni. Kulesi sikhathi siphinde
sithole imibhalo eveza ububi bedolobha
enhlalweni yabantu. Isibonelo, yinoveli
kaSibusiso Nyembezi ethi Mntanami!
Mntanami!
Okubalulekile wukuthi lesi sikhathi saveza
ababhali ababalulekile emibhalweni yesiZulu,
futhi abathanda imibhalo yesiZulu bayibeka
ezingeni eliphakeme:
i. DBZ Ntuli
ii. WMB Mkhize
iii. KS Bhengu
iv. Christian Themba Msimang
v. Joyce Gwayi
vi. Mandla OEH Nxuamlo
Ezombusazwe zaba negalelo ekubunjweni
kwemibhalo yesiZulu. Izinga lokufunda
kubantu abadala beliphansi kakhulu, ngakho-
ke izincwadi bezishicilelelwa abafundi,
kungekho ezibhalelwa abantu abadala.
(Yingakho nje iningi lemibhalo lingena
ngaphansi kwemibhalo yesimilo) Izincwadi
bezihlungwa kunamakomidi akhetha okumele
ziye ezikoleni nezingafanele. Incwadi egxeka
inkolo, ethinta ezombangazwe kanye nocansi,
ibingashicilelwa. Naphezu kokuba ababhali
babengavunyelwe ukusola umbuso
woBandlululo, akusho ukuthi babethule du
ngendaba yengcindezelo: uBW Vilakazi
kukhona izinkondlo azibhala ezigxeka
abamhlophe encwadini ethi Amal’ Ezulu.
Nomdlalo efana nokaMsimang othi Izulu
Eladuma ESandlwana (1976) ungumdlalo
okhombisa ukuthi abantu abamnyama yini
abakwazi ukuyenza uma belwela izwe labo.
Ngakho lo mdlalo ungafundwa njengendaba
yomlando kodwa futhi wedlulisa umlayezo
E) Isikhathi senkululeko
Kusekuncane esingakuphawula ngalesi
sikhathi. Siyakuthola nokho ukuthi ababhali
besiZulu kanye nabezinye izilimi, sebeyakwazi
ukubhala ngezindikimba obekuthathwa
ngokuthi azivumelekile ukuba kubhalwe
ngazo. Ukusungulwa kochungechunge
lwezincwadi, ngabashicileli bakwaHeinemann
Publishers olwaziwa ngokuthi yi-Mamela
Afrika Series luyinkomba yintshisekelo
yokuthuthukisa imibhalo yabomdabu. Lapha
kuneminye imibhalo esiyitholayo, ekhombisa
ukuhlalisana kwabantu abamnyama
nabamhlophe kanye nokuganana kwabo.
Kanti-ke siphinde sithole imibhalo ekhuluma
ngesimo sabantu abamnyama ngesikhathi
senkululeko. Inoveli ka-Jabulani C Buthelezi
ethi, Impi YaboMdabu Isethunjini iyisibonelo
esihle sezincwadi.
Njengoba siphila esikhathini senkulueko, ezinye
izincwadi zikhuluma ngenkulueko yokuzwana
kwabantu abanobulili obufanayo kanye
nokuziguqula ubulili (transsexuality), njengakunoveli
kaNakanjani Sibiya ethi, Bengithi Lizokuna.
Esikhathini senkululeko, sithola inkohlakalo idla
lubi emphakathini, ukudliwa kwezimali
kuyinsakavukela umchilo wesidwaba,
ukudlwengulwa kwabesifazane kuyinto ehlala
isematheni kwabezindaba. Inoveli ka-EDM Sibiya
ethi, Ngiyolibala Ngifile idingida ezinye zalezi
zinto. Njengoba bese sishilo ngenhla,
kusekuncane kusekuncane esingakusho ngesikhathi
senkululeko, imibhalo eminingi isancike esikhathini
sakudala, ababhali abakakhulueki kahle ukubhala
ngezinto ezazaziwa ngokuthi azithintwa.
Ngiyabonga!!

More Related Content

What's hot

FET Phase IsiZulu Language Caps Doc.
FET Phase IsiZulu Language Caps Doc.FET Phase IsiZulu Language Caps Doc.
FET Phase IsiZulu Language Caps Doc.
Celumusa Nkabinde
 
Izibongo zamakhosi zithathwa_njengencwadi_yomlomo_yomlando_wamakhosi_kanye_no...
Izibongo zamakhosi zithathwa_njengencwadi_yomlomo_yomlando_wamakhosi_kanye_no...Izibongo zamakhosi zithathwa_njengencwadi_yomlomo_yomlando_wamakhosi_kanye_no...
Izibongo zamakhosi zithathwa_njengencwadi_yomlomo_yomlando_wamakhosi_kanye_no...
Simphiwe Sandile Ndlovu
 

What's hot (20)

IZINHLOBO ZEMISHO.pptx
IZINHLOBO ZEMISHO.pptxIZINHLOBO ZEMISHO.pptx
IZINHLOBO ZEMISHO.pptx
 
Ukulumbana konkamisa(1)
Ukulumbana konkamisa(1)Ukulumbana konkamisa(1)
Ukulumbana konkamisa(1)
 
Ukuhluzwa kwezinkondlo
Ukuhluzwa kwezinkondloUkuhluzwa kwezinkondlo
Ukuhluzwa kwezinkondlo
 
Ukuhluza inkondlo
Ukuhluza inkondloUkuhluza inkondlo
Ukuhluza inkondlo
 
Ubuciko bomlomo asandah
Ubuciko bomlomo asandahUbuciko bomlomo asandah
Ubuciko bomlomo asandah
 
Ukulumbana konkamisa 2
Ukulumbana konkamisa 2Ukulumbana konkamisa 2
Ukulumbana konkamisa 2
 
ubuciko komlomo
ubuciko komlomoubuciko komlomo
ubuciko komlomo
 
Inkondlo
InkondloInkondlo
Inkondlo
 
Umlandowemibhaloyesizulu 161129134753
Umlandowemibhaloyesizulu 161129134753Umlandowemibhaloyesizulu 161129134753
Umlandowemibhaloyesizulu 161129134753
 
UBUCIKO BOMLOMO
UBUCIKO BOMLOMOUBUCIKO BOMLOMO
UBUCIKO BOMLOMO
 
Inkinsela YaseMgungundlovu
Inkinsela YaseMgungundlovu Inkinsela YaseMgungundlovu
Inkinsela YaseMgungundlovu
 
Izinkondlo
IzinkondloIzinkondlo
Izinkondlo
 
FET Phase IsiZulu Language Caps Doc.
FET Phase IsiZulu Language Caps Doc.FET Phase IsiZulu Language Caps Doc.
FET Phase IsiZulu Language Caps Doc.
 
Izinkondlo1(2)
Izinkondlo1(2)Izinkondlo1(2)
Izinkondlo1(2)
 
Ukufingqa
UkufingqaUkufingqa
Ukufingqa
 
Izindlela zesenzo
Izindlela zesenzoIzindlela zesenzo
Izindlela zesenzo
 
Isakhiwo somdlalo
Isakhiwo somdlaloIsakhiwo somdlalo
Isakhiwo somdlalo
 
Ubuciko bomlomo
Ubuciko bomlomoUbuciko bomlomo
Ubuciko bomlomo
 
Izibongo zamakhosi zithathwa_njengencwadi_yomlomo_yomlando_wamakhosi_kanye_no...
Izibongo zamakhosi zithathwa_njengencwadi_yomlomo_yomlando_wamakhosi_kanye_no...Izibongo zamakhosi zithathwa_njengencwadi_yomlomo_yomlando_wamakhosi_kanye_no...
Izibongo zamakhosi zithathwa_njengencwadi_yomlomo_yomlando_wamakhosi_kanye_no...
 
Ukulwangisa
UkulwangisaUkulwangisa
Ukulwangisa
 

Similar to IsiZulu

Philippine Literature boa
Philippine Literature boaPhilippine Literature boa
Philippine Literature boa
raileeanne
 
Philippineliterature 091020093804-phpapp01
Philippineliterature 091020093804-phpapp01Philippineliterature 091020093804-phpapp01
Philippineliterature 091020093804-phpapp01
loffzqowh
 
Phil. literature
Phil. literaturePhil. literature
Phil. literature
Ysa Garcera
 
Representative through the years
Representative through the yearsRepresentative through the years
Representative through the years
ninivearco
 

Similar to IsiZulu (20)

Umlando wemibhalo yesi zulu(1)
Umlando wemibhalo yesi zulu(1)Umlando wemibhalo yesi zulu(1)
Umlando wemibhalo yesi zulu(1)
 
Umlando wemibhalo yesi zulu(1)
Umlando wemibhalo yesi zulu(1)Umlando wemibhalo yesi zulu(1)
Umlando wemibhalo yesi zulu(1)
 
Philippine Literature boa
Philippine Literature boaPhilippine Literature boa
Philippine Literature boa
 
Pre-colonial and Spanish Colonial Text
Pre-colonial and Spanish Colonial TextPre-colonial and Spanish Colonial Text
Pre-colonial and Spanish Colonial Text
 
Chinua achebe
Chinua achebe Chinua achebe
Chinua achebe
 
Q2. L1 EXPLORING CHINESE LITERATURE.pptx
Q2. L1 EXPLORING CHINESE LITERATURE.pptxQ2. L1 EXPLORING CHINESE LITERATURE.pptx
Q2. L1 EXPLORING CHINESE LITERATURE.pptx
 
Philippine-Literature-v2.pptdhrhrh4h4uegwt3u4yegwt3y36 y3ywgwt2y3y2twtwt
Philippine-Literature-v2.pptdhrhrh4h4uegwt3u4yegwt3y36 y3ywgwt2y3y2twtwtPhilippine-Literature-v2.pptdhrhrh4h4uegwt3u4yegwt3y36 y3ywgwt2y3y2twtwt
Philippine-Literature-v2.pptdhrhrh4h4uegwt3u4yegwt3y36 y3ywgwt2y3y2twtwt
 
1. Week1-LITknnbsxhxnxvnhxzmx xncmcbbc cnc
1. Week1-LITknnbsxhxnxvnhxzmx xncmcbbc cnc1. Week1-LITknnbsxhxnxvnhxzmx xncmcbbc cnc
1. Week1-LITknnbsxhxnxvnhxzmx xncmcbbc cnc
 
Philippine literature (under the republic) FINAL
Philippine literature (under the republic) FINALPhilippine literature (under the republic) FINAL
Philippine literature (under the republic) FINAL
 
LUO ORIGIN OF CIVILIZATION IN RELATION TO ANCIENT EGYPTAIN PHARAONIC GREAT EM...
LUO ORIGIN OF CIVILIZATION IN RELATION TO ANCIENT EGYPTAIN PHARAONIC GREAT EM...LUO ORIGIN OF CIVILIZATION IN RELATION TO ANCIENT EGYPTAIN PHARAONIC GREAT EM...
LUO ORIGIN OF CIVILIZATION IN RELATION TO ANCIENT EGYPTAIN PHARAONIC GREAT EM...
 
The Philippine Literature
The Philippine LiteratureThe Philippine Literature
The Philippine Literature
 
Philippineliterature 091020093804-phpapp01
Philippineliterature 091020093804-phpapp01Philippineliterature 091020093804-phpapp01
Philippineliterature 091020093804-phpapp01
 
Phil. literature
Phil. literaturePhil. literature
Phil. literature
 
Q1-Week-1-STUDENTS.pptx
Q1-Week-1-STUDENTS.pptxQ1-Week-1-STUDENTS.pptx
Q1-Week-1-STUDENTS.pptx
 
Essay On Japanese Culture
Essay On Japanese CultureEssay On Japanese Culture
Essay On Japanese Culture
 
The librarian who won the laurels by Abid Hussain Library Officer
The librarian who won the laurels by Abid Hussain Library OfficerThe librarian who won the laurels by Abid Hussain Library Officer
The librarian who won the laurels by Abid Hussain Library Officer
 
November 20th isabela clarissa danylian leandra clara min1
November 20th isabela clarissa danylian leandra clara min1November 20th isabela clarissa danylian leandra clara min1
November 20th isabela clarissa danylian leandra clara min1
 
African Literature
African LiteratureAfrican Literature
African Literature
 
Representative through the years
Representative through the yearsRepresentative through the years
Representative through the years
 
21st Century Literature from the Philippines and the.pptx
21st Century Literature from the Philippines and the.pptx21st Century Literature from the Philippines and the.pptx
21st Century Literature from the Philippines and the.pptx
 

Recently uploaded

Adversarial Attention Modeling for Multi-dimensional Emotion Regression.pdf
Adversarial Attention Modeling for Multi-dimensional Emotion Regression.pdfAdversarial Attention Modeling for Multi-dimensional Emotion Regression.pdf
Adversarial Attention Modeling for Multi-dimensional Emotion Regression.pdf
Po-Chuan Chen
 

Recently uploaded (20)

Adversarial Attention Modeling for Multi-dimensional Emotion Regression.pdf
Adversarial Attention Modeling for Multi-dimensional Emotion Regression.pdfAdversarial Attention Modeling for Multi-dimensional Emotion Regression.pdf
Adversarial Attention Modeling for Multi-dimensional Emotion Regression.pdf
 
Sectors of the Indian Economy - Class 10 Study Notes pdf
Sectors of the Indian Economy - Class 10 Study Notes pdfSectors of the Indian Economy - Class 10 Study Notes pdf
Sectors of the Indian Economy - Class 10 Study Notes pdf
 
MARUTI SUZUKI- A Successful Joint Venture in India.pptx
MARUTI SUZUKI- A Successful Joint Venture in India.pptxMARUTI SUZUKI- A Successful Joint Venture in India.pptx
MARUTI SUZUKI- A Successful Joint Venture in India.pptx
 
Advances in production technology of Grapes.pdf
Advances in production technology of Grapes.pdfAdvances in production technology of Grapes.pdf
Advances in production technology of Grapes.pdf
 
The Benefits and Challenges of Open Educational Resources
The Benefits and Challenges of Open Educational ResourcesThe Benefits and Challenges of Open Educational Resources
The Benefits and Challenges of Open Educational Resources
 
NCERT Solutions Power Sharing Class 10 Notes pdf
NCERT Solutions Power Sharing Class 10 Notes pdfNCERT Solutions Power Sharing Class 10 Notes pdf
NCERT Solutions Power Sharing Class 10 Notes pdf
 
How to Split Bills in the Odoo 17 POS Module
How to Split Bills in the Odoo 17 POS ModuleHow to Split Bills in the Odoo 17 POS Module
How to Split Bills in the Odoo 17 POS Module
 
Application of Matrices in real life. Presentation on application of matrices
Application of Matrices in real life. Presentation on application of matricesApplication of Matrices in real life. Presentation on application of matrices
Application of Matrices in real life. Presentation on application of matrices
 
The Art Pastor's Guide to Sabbath | Steve Thomason
The Art Pastor's Guide to Sabbath | Steve ThomasonThe Art Pastor's Guide to Sabbath | Steve Thomason
The Art Pastor's Guide to Sabbath | Steve Thomason
 
aaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaa
aaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaa
aaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaa
 
Students, digital devices and success - Andreas Schleicher - 27 May 2024..pptx
Students, digital devices and success - Andreas Schleicher - 27 May 2024..pptxStudents, digital devices and success - Andreas Schleicher - 27 May 2024..pptx
Students, digital devices and success - Andreas Schleicher - 27 May 2024..pptx
 
B.ed spl. HI pdusu exam paper-2023-24.pdf
B.ed spl. HI pdusu exam paper-2023-24.pdfB.ed spl. HI pdusu exam paper-2023-24.pdf
B.ed spl. HI pdusu exam paper-2023-24.pdf
 
How to Break the cycle of negative Thoughts
How to Break the cycle of negative ThoughtsHow to Break the cycle of negative Thoughts
How to Break the cycle of negative Thoughts
 
GIÁO ÁN DẠY THÊM (KẾ HOẠCH BÀI BUỔI 2) - TIẾNG ANH 8 GLOBAL SUCCESS (2 CỘT) N...
GIÁO ÁN DẠY THÊM (KẾ HOẠCH BÀI BUỔI 2) - TIẾNG ANH 8 GLOBAL SUCCESS (2 CỘT) N...GIÁO ÁN DẠY THÊM (KẾ HOẠCH BÀI BUỔI 2) - TIẾNG ANH 8 GLOBAL SUCCESS (2 CỘT) N...
GIÁO ÁN DẠY THÊM (KẾ HOẠCH BÀI BUỔI 2) - TIẾNG ANH 8 GLOBAL SUCCESS (2 CỘT) N...
 
NLC-2024-Orientation-for-RO-SDO (1).pptx
NLC-2024-Orientation-for-RO-SDO (1).pptxNLC-2024-Orientation-for-RO-SDO (1).pptx
NLC-2024-Orientation-for-RO-SDO (1).pptx
 
50 ĐỀ LUYỆN THI IOE LỚP 9 - NĂM HỌC 2022-2023 (CÓ LINK HÌNH, FILE AUDIO VÀ ĐÁ...
50 ĐỀ LUYỆN THI IOE LỚP 9 - NĂM HỌC 2022-2023 (CÓ LINK HÌNH, FILE AUDIO VÀ ĐÁ...50 ĐỀ LUYỆN THI IOE LỚP 9 - NĂM HỌC 2022-2023 (CÓ LINK HÌNH, FILE AUDIO VÀ ĐÁ...
50 ĐỀ LUYỆN THI IOE LỚP 9 - NĂM HỌC 2022-2023 (CÓ LINK HÌNH, FILE AUDIO VÀ ĐÁ...
 
[GDSC YCCE] Build with AI Online Presentation
[GDSC YCCE] Build with AI Online Presentation[GDSC YCCE] Build with AI Online Presentation
[GDSC YCCE] Build with AI Online Presentation
 
slides CapTechTalks Webinar May 2024 Alexander Perry.pptx
slides CapTechTalks Webinar May 2024 Alexander Perry.pptxslides CapTechTalks Webinar May 2024 Alexander Perry.pptx
slides CapTechTalks Webinar May 2024 Alexander Perry.pptx
 
Operations Management - Book1.p - Dr. Abdulfatah A. Salem
Operations Management - Book1.p  - Dr. Abdulfatah A. SalemOperations Management - Book1.p  - Dr. Abdulfatah A. Salem
Operations Management - Book1.p - Dr. Abdulfatah A. Salem
 
How to Create Map Views in the Odoo 17 ERP
How to Create Map Views in the Odoo 17 ERPHow to Create Map Views in the Odoo 17 ERP
How to Create Map Views in the Odoo 17 ERP
 

IsiZulu

  • 2.  Umlando wemibhalo yesizulu uhlukene izigaba ezinhlanu. Kukhona isikhathi esingaphambi kokuthi kufike abeLungu, nesingathi kusadliwa ngoludala. Isikhathi samamishini, isikhathi sezingqalabutho, isikhathi sobandlululo kanye nesikhathi senkululeko. Sizobheka lezi zikhathi ngokulandelana kwazo:
  • 3. A) Kusadliwa ngoludala Lesi yisikhathi esingaphambi kwezinsuku zabacindezeli. Lapha singathi yisikhathi sangaphambi konyaka we-1835. Ngalesi sikhathi impilo yayingathintwa noma iphazanyiswe ngabezizwe noma ondlebezikhanya ilanga. Lapha sibona ukubumbeka kwesizwe sikaZulu. Lesi sikhathi kwakungekho lutho olubhalwa phansi. Imibhalo esunguliwe ngalesi sikhathi kwakuyimibhalo ewubuciko bomlomo. Kubalulekile ukusazi lesi sigaba ngenxa yokuthi ubuciko bomlomo: izinganekwane, izibongo, izigiyo, njll, kube nomthelela omkhulu emibhalweni yesiZulu ikakhulukazi uma sibheka imibhalo okuyiyona eyavula indlela yokulotshwa kwemibhalo esiZulwini. Izibongo zaba nomthelela ekusungulweni kwezinkondlo kanti izinganekwane zona zaba nomthelela ezindabeni ezibhalwayo zibe yingxoxo. Izibonelo yizibongo zesimanje esisazibona zisaqhubeka. Umdlalo wokuqala oshicilelwe phansi wesiZulu osihloko sithi UGubudele Namazimuzimu ususelwe enganekwaneni kanti iqoqo lezindaba ezimfushane elithi Woza Nazo liyizinganekwane. Ukuthola olunye ulwazi ungafunda incwadi ka-CT Msimang ethi The Folktale Influence on the Zulu Novel.
  • 4. B) Isikhathi samamishini (1835-1910) Nakuba kukhona ukugxeka ukuthi osomishini babeguqula indlela abantu ababephila ngayo, nokwaholela ekulahlekeni kwamasiko athile, kukhona okuhle okweza namamishini. Asiza amamishini ngokwethula indlela yokubhala. Osomishini yibona abashicilela indlela yokubhala. Ukubhala kwafika kudala kwaZulu ngenxa yeminyakanyaka yengxabano phakathi kukaZulu kanye nabandlebe zikhanaya ilanga. Ukubulawa kukaPiet Retief namabutho akhe nguZuluu Ophathe ngesinye sezigameko esaphazamisa ukuzinza kwabantu abamhlophe kwaZulu. IMarianhill Mission School kanye ne-Press (okuyisikhungo sokushicilela izincwadi) kwagcina kusunguliwe kwelakwaZulu. Phakathi kwabantu ababa negalelo: osomishini – Allen Gardener, Francis Owen, uNewton Adam, uGeorge Champion, no-Adlin Grout (nokwethiwa ngaye iGroutvile), John Colenso (yingakho sinendawo okuthiwa yiColenso ngaseBergville). Kwaqala kwashicilelwa izingqenye zebhayibheli ngo-1846 kwase kushicilelwa uhlelo lolimi ngo-1855. Nokudlalwa kwemidlalo yeshashalazi okwaqala ngeminyaka yawo 1909 – ngaphansi kuka Father Bernard Huss – eMarianhill. Ukufunda kabanzi ngalokhu ungabheka incwadi kaSolwazi Bheki Peterson ethi Monarch, Missionaries and African Intellectuals (2002). Iningi lale midlalo kwakuyimidlalo enkundlanye.
  • 5. C) Isikhathi sezingqalabutho (1910 - 1948) Phakathi kwezinye zezingqalabutho singabala u-Isiah Shembe, owaqala inkonzo yakhe ngo- 1911 eyaziwa ngelaManazaretha noma uShembe noma inkonzo yasEkuphakameni. Le nkolo ihlanganisa amasiko esintu nobuKhrestu. Wayeziqambela ngisho amaculo (amahubo) enkonzo. UMagema Fuze washicilela incwadi ethi Abantu Abamnyama Lapa Bavela Ngakhona. UJohn Langalibalele Dube, owazalelwa eNanda eThekwini, nongumsunguli wephephandaba Ilanga. Waba nguMongameli wokuqala weSouth African Native National Congess, neyagcina iguquliwe yaba yi-African National Congress. Ibhuku lakhe lokuqala lithi = Isitha Somuntu Nguye Uqobo lwakhe
  • 6. Inoveli lokuqala, elithi Insila KaShaka (1930) laphuma kulo usiba lukaDube. Wabuye wabhala incwadi ethi UShembe (1930). Ngowe-1933 waphinda washicilela incwadi ethi Ukuziphatha Kahle. Ababhali bezindaba ezimushane abavela kulesi sikhathi yilaba: AH Mbhatha noGC Mdladla = UChakijana Bogcololo (1927); Violet Dube = Woza Nazo (1935); u-HIE Dhlomo waqhubeka wabhala ngesiNgisi; Nimrod NT Ndebele = UGubudele Namazimuzimu (1937). U-RRR Dhlomo (ongumfowabo ka-HIE Dhlomo) waziwa njengoqokuqala omyama ukubhala inoveli yeseNgisi = African Tragedy: A Novel in English by A Zulu Writer (1928). Eqinisweni bakhona ababemandulele: Chaka (T Mofolo); Mhudi (TS Plaatje)
  • 7. UDhlomo ukubaluleka kwakhe njengomlobi wukuthi nguyena owaqala indlela ekubhaleni ngomlando wesizwe sakwaZulu, ikakhulukazi amakhosi. Nazi izincwadi azibhala eziqukethe umlando obalulekile: UNomalanga KaNdengezi (1934), UDingane KaSenzangakhona (1936), UShaka (1937), UCetshwayo (1952), kanye nethi UDinizulu (1968). Enye ingqalabutho esiziqhenya ngayo ngu- BW Vilakazi. UVilakazi ubuye aziwe ngokuthi nguBhambatha kaMakhwatha. Leli gama walithola ngoba wazalwa ngonyaka wempi kaBhambatha kaMancinza wakwaZondi (ngo- 1906) nokuyimpi eyayilwisana nokuthelelwa kwamakhanda (Ukhandampondo). Ukubaluleka kukaVIlakazi emlandweni wukuthi ungumuntu wokuqala omnyam ukuthola iziqu zobudokotela = ubuye abe ngumuntu wokuqala omnyama ukufundisa eWits University
  • 8. Ngokwemibhalo, nguyena owabhala iqoqo lokuqala lezinkondlo ukuthi lishicilelwe. Iqoqo lakhe lithi Inkondlo KaZulu (1935). Waphinde walandelisa ngelinye iqoqo lezinkondlo elithi Amal’ Ezulu (1945). Amanoveli akhe, asiqukathela izingxenye ezithile zomlando wakithi, abhalwe nguye uVilakazi yalawa: Noma Nini (1935), UDingiswayo KaJobe (1939) kanye nethi Nje Nempela (1949). UVilakazi wedlula emhlabeni ngo-1947 eseneminyaka enga-41. Enye ingqalabutho esingayibala ngu-EHA Made owabhala inoveli ethi Indlalifa YaseHarrisdale (1940), kanye neqoqo lokuqala lama-eseyi elithi Ubuwula Bexoxo (1947)
  • 9. D) Isikhathi sobandlululo (1948 – 1994) Sithola umthelela wobuciko bomlomo ngalesi siikahthi. Siphinde sithole ababhali begxile ekubhaleni ngomlando kanye nezomphakathi. Kulesi sikhathi singabala ukuthi sithola kuvela ababhali esebabalile ngenhla, ikakhulukazi uRRR Dhlomo. Kuvela futhi ababhali abafana noKenneth Bhengu owabhala: UKhalalembube (1953), UKadebona (1958) kanye nethi Umbuso Wezembe Nenkinga KaBhekifa nokuyizincwadi ezigxile kakhulu emlandweni. Kulesi sikhathi siphinde sithole imibhalo eveza ububi bedolobha enhlalweni yabantu. Isibonelo, yinoveli kaSibusiso Nyembezi ethi Mntanami! Mntanami!
  • 10. Okubalulekile wukuthi lesi sikhathi saveza ababhali ababalulekile emibhalweni yesiZulu, futhi abathanda imibhalo yesiZulu bayibeka ezingeni eliphakeme: i. DBZ Ntuli ii. WMB Mkhize iii. KS Bhengu iv. Christian Themba Msimang v. Joyce Gwayi vi. Mandla OEH Nxuamlo
  • 11. Ezombusazwe zaba negalelo ekubunjweni kwemibhalo yesiZulu. Izinga lokufunda kubantu abadala beliphansi kakhulu, ngakho- ke izincwadi bezishicilelelwa abafundi, kungekho ezibhalelwa abantu abadala. (Yingakho nje iningi lemibhalo lingena ngaphansi kwemibhalo yesimilo) Izincwadi bezihlungwa kunamakomidi akhetha okumele ziye ezikoleni nezingafanele. Incwadi egxeka inkolo, ethinta ezombangazwe kanye nocansi, ibingashicilelwa. Naphezu kokuba ababhali babengavunyelwe ukusola umbuso woBandlululo, akusho ukuthi babethule du ngendaba yengcindezelo: uBW Vilakazi kukhona izinkondlo azibhala ezigxeka abamhlophe encwadini ethi Amal’ Ezulu. Nomdlalo efana nokaMsimang othi Izulu Eladuma ESandlwana (1976) ungumdlalo okhombisa ukuthi abantu abamnyama yini abakwazi ukuyenza uma belwela izwe labo. Ngakho lo mdlalo ungafundwa njengendaba yomlando kodwa futhi wedlulisa umlayezo
  • 12. E) Isikhathi senkululeko Kusekuncane esingakuphawula ngalesi sikhathi. Siyakuthola nokho ukuthi ababhali besiZulu kanye nabezinye izilimi, sebeyakwazi ukubhala ngezindikimba obekuthathwa ngokuthi azivumelekile ukuba kubhalwe ngazo. Ukusungulwa kochungechunge lwezincwadi, ngabashicileli bakwaHeinemann Publishers olwaziwa ngokuthi yi-Mamela Afrika Series luyinkomba yintshisekelo yokuthuthukisa imibhalo yabomdabu. Lapha kuneminye imibhalo esiyitholayo, ekhombisa ukuhlalisana kwabantu abamnyama nabamhlophe kanye nokuganana kwabo. Kanti-ke siphinde sithole imibhalo ekhuluma ngesimo sabantu abamnyama ngesikhathi senkululeko. Inoveli ka-Jabulani C Buthelezi ethi, Impi YaboMdabu Isethunjini iyisibonelo esihle sezincwadi.
  • 13. Njengoba siphila esikhathini senkulueko, ezinye izincwadi zikhuluma ngenkulueko yokuzwana kwabantu abanobulili obufanayo kanye nokuziguqula ubulili (transsexuality), njengakunoveli kaNakanjani Sibiya ethi, Bengithi Lizokuna. Esikhathini senkululeko, sithola inkohlakalo idla lubi emphakathini, ukudliwa kwezimali kuyinsakavukela umchilo wesidwaba, ukudlwengulwa kwabesifazane kuyinto ehlala isematheni kwabezindaba. Inoveli ka-EDM Sibiya ethi, Ngiyolibala Ngifile idingida ezinye zalezi zinto. Njengoba bese sishilo ngenhla, kusekuncane kusekuncane esingakusho ngesikhathi senkululeko, imibhalo eminingi isancike esikhathini sakudala, ababhali abakakhulueki kahle ukubhala ngezinto ezazaziwa ngokuthi azithintwa.