SlideShare a Scribd company logo
1 of 14
Download to read offline
ISINGENISO
Kuyiqiniso ukuthi izimbongi zakwaZulu zazinekhono lokugcina izindaba zomlando
ziveze indaba yempilo yenkosi ngobunkondlo kanye nangokusebenzisa ulimi olujiyile.
Izibongo zisitshela kabanzi ngobunjalo nangokubukeka kwalowo obongwayo. Imbongi
ayiphuthi ukubalula lezo zimpawu ezigqamile ngaye. Izimpawu ezigqamile yilezo
ezinomphumela othile emlandweni (Nyembezi.1958,1). Uma ngabe sikhuluma
ngezibongo kulapho imbongi ibonisa ubugagu bayo ngokubongela inkosi
ngenhloso yokundlulisa umlayezo othile ngempilo, nangezigigaba ezehlakalela inkosi.
Imbongi umuntu oyingwazi kanti futhi nonobuciko bokubeka inkulumo ngamagama
akhombisa ukuhlakanipha nangendlela enongayo futhi ibaluleke kakhulu emlandweni
wamakhosi (Ntuli noMakhambeni.1998,27). Izibongo sivamise ukubongela, ukutusa
kanye nokugxeka inkosi ngesenzo esenzile esibi, kodwa ukuze imbongi ikwenze lokhu
kufanele isebenzise ulimi oluhloniphayo nolungeke luthukuthelise inkosi.. Izibongo
zamakhosi zithathwa njengencwadi yomlomo yomlando wamakhosi kanye nobunjwa
kobukhosi baleso sizwe. Lokhu kugqamisa ukuthi azizona izinkondlo eziqhakambisa
ukucikoza ngamakhosi nje kuphela kodwa ziyibhuku lomlando. Emandulo ngaphambi
kokufika kwama mishini izizwe ezinsundu zasingenalo ulwazi lokuloba phansi kodwa
lokho akuzange kuvimbele ukugcinwa komlando ngendlela yezibongo. Ukugcina
umlando kwakusetshenziswa ubuciko bomlomo okuyinhlanganisela yemisebenzi
esungulwa ngabantu ngaphandle kokuba babhale phansi (Ntuli
noMakhambeni.1998,167). Izibongo zisitshela ngenkosi ngomlando waleso sizwe
kanye nezimpi ezazilwiwa ileyo nkosi kanye nesizwe sakhe. Le eseyi izoxoxa kafuphi
ngomlando bese ixoxa ngomsebenzi wokubaluleka kwezibongo njengoba
ziwumlando, zihlaziya impilo yenkosi zibuye zisebenzise ulimi lobunkondlo olujiyile.
Sizobheka izibongo zamakhosi amathathu aka Zulu okungu Shaka, uDingane kanye
noMpande.
UMZIMBA
Umlando wakwaZulu
Umlando wakwaZulu awuqali ngenkosi u Jama kodwa uqala emuva kakhulu. Isizathu
sokuthi ngiqale ngokubheka umlando wukuthi kufanele sibheke ukuthi lamakhosi
engizoxoxa ngawo aqhamukaphi. uSenzangakhona uzalwa nguMthaniya wesizwe
sakwaSibiya kanye nenkosi uJama. Utholakala nje inkosi yayingasenalo ithemba
lokuthi iyophinde ithole indlalifa ngoba neminyaka yayisihambile. Ngokutholakala kuka
Senzangakhona ilapho isizwe sakwaZulu esaqala ukudlondlobala nokho
kwakusiyiswe esingaqinaqinile. uNyembezi (1958,18) umbeka njengomuntu
owayebukeka emuhle impela uSenzangakhona ngoba zize zithi izibongo zakhe:
IBhicongo elimzimba ubuthaka, Obemzimba muhle nangendlala enkulu
Obebuso bungenandawo yokusolwa, Obemehlo angenandawo yokusolwa
Obezandla zingendawo yokusolwa, Obenyawo zingendawo yokusolwa
Obezitho zingenandawo yokusolwa, Obesiphundu simbhukwane ngezinqa.
uSenzangakhona ebenamadodana ayishumi nane kodwa avela kakhulu ngu Shaka
Sigujana Dingane kaSenzangakhona Mpande kaSenzangakhona ngoba yiwo lawa
akwazi ukuthathe ubukhosi bakwaZulu.
Izibongo njengomlando kanye nobunkondlo obuvezwa izibongo
uShaka kwakuyindodana kaSenzangakhona noNandi intombi yaseLangeni.
Ngaphambi kokuzalwa kukaShaka siyasithola isehlakalo esenzakala engakazalwa,
“Usishaka kasishayeki”
NgokukaNyembezi (1958,28) uShaka wathola lezi zibongo ngoba ngenkathi
uNandi ekhulelwe wabikela uSenzangakhona wasiphika isisu kwathiwa uhlushwa
isifo isishaka esikhukhumalisa isisu.
Imbongi isebenzise isingathekiso sokubiza uShaka ngesikashaka esingashayeki.
Usebenzise ulwimi lobunkondlo ngoba efuna ukuveza amandla uShaka anawo
ngenxa yokuthi uqalwe wabizwa ngesifo esingalapheki waphinda waba iqhawe
elikwazi ukubumba isizwe sakwaZulu.
Wakhula uShaka Waba inkosi yakwaZulu emuva kokukhothama kwenkosi
uSenzangakhona kaJama. Ulwe izimpi eziningi kakhulu wabulala abantu
abaningi ayebasola ukuthi bangaba inkinga esihlalweni sakhe sobukhosi.
Ezinye izibongo zikaShaka ezithi UMbebe kamama, Beba simike ziyinkomba yokuthi
uSenzangakhona benoNandi babengaganene, kanti uNandi wayengavunyelwe
ukuhlala esigodlweni. Babehambe behlala ezindaweni eziningi ezahlukene yaze
iNdlovukazi uNandi yayokwendela kuGendeyane ingakho izibongo zikaShaka
maziqhubeka zithi abanye basemhlane konina babelethwe.
Imbongi ikwazi ukuveza ukuhlupheka kukaShaka ngobunkondlo yangahlambalaza.
Lolulwimi lunothe kakhulu ngoba imbongi isebenzise amagama acishe abe nomqondo
ofanayo kodwa lokhu ukwenze ngobunkondlo ukuthi izibongo zingaphelelwa isigqi
sazo.
Lempilo yokuhlupheka ayeyiphila uShaka eseyingane benonina uNandi
yamenza wakhalipha, washisa wafana nomlilo. Lokhu kuchaza ubuyena uma izibongo
zakhe zithi ophehlwe weva njengomlilo (Nyembezi, 1958: 29).
Lesi isifaniso esifanisa uShaka njengoMlilo. Isifaniso sisuke sifanisa izinto ezimbili
ezingafani kodwa izenze zifane. Ubunkondlo esibuye sibuthola lana ukuthi emandulo
umlilo ubuphehlwa ngameva noma ngozwathi.
Uthe uShaka mayefika kwaMthethwa wakhombisa isibindi esikhulu kanye
nobuchwephesha ngokuhlabana kwakhe empini. Ukwaze ukunqoba uhlanya
obeluhlupha abantu abaningi esizweni sakwa Mthethwa ehlathini luthathe izinkomo
zabantu. Ithi imbongi mayimhaya uNomakhwelooyingonyama, uMahlom’ ehlathini
njengohlanya, Uhlanya olusemehlweni amadoda. Kanti futhi kuseyiso isibindi
sakhe lezi esichazwa imbongi uma ithi uNombangakubuya, Usisanhloko, Nxa
abanye bes’ izinyawo.
Izibongo ezithi ilemb’ eleq’ amanye’ amalembe zisuka lapho uShaka esehlabana
nezimpini, kungekho ngwazi edla ubhedu kuye; yilapho esesukela amakhosi
namakhosana ngamanye. Phela lokhu kuyichazelo eshoyo ukuthi wayekhaliphe
okwezembe. uShaka ebethi uma efika empini aqothule imbokodo nesisekelo ngoba
imbongi mayimchaza imubiza ithi ozulu luyeza khwezani abantwana, Ngabadala
bodwa abazozibalekela. Lokhu singaphinde sikuchaze sibheke ukubuyele kwakhe
kwaZulu eyolanda ubukhosi bakhe efika ebulala uSigujane obeqeda kubekwa
njengenkosi yakwaZulu. Ukubuya kwakhe kwakungalindelekile neze ngoba unina
wayedelelekile kakhulu esizweni nokuthi u Nandi noSenzangakhona babengaganene.
Lokhu kwakwenza bengacabangi nokucabanga abantu ukuthi uShaka angabuya
azokuba inkosi (Nyembezi 1958,31). Kuyavela ezibongweni zakhe ezithi Uteku
lwabafazi bakwaNomgabhi, Betekula behlez’ emlovini, Beth’ uShaka
akayukubusa, Kakubankosi, kant’ ilapho ezakunethezeka. Uthe mayeqeda
ukubuthatha ubukhosi bonke abantu ababemhlukumezile nabanye abahlukumeza
unina wabasusa endleleni, wahlasela ngaph nangapha. Yiwo lomlilo okukhulunywa
ngawo lapho kuthiwa UMlilo wothathe kaMjokwana;
UMlilo wothathe ubuhanguhangu, Oshis’ izikhova eziseDlebe, Kwaya kwasha
neziseMabedlana. Odabule kuNdima noMgovu, Abafaz’ abenendeni baphuluza;
Imikhubulo bayishiy’ izinqindi, Imbewu bayishiya semahlangeni, Izalukazi
zasala semanxiweni, Amaxhegu asala semizileni.
Ubunkondlo esibuthola ezibongweni zikaShaka
Ezibongweni kunobunkondlo obukhona obusetshenziswa izimbongi ngaphandle
kokuqaphela ukuthi ubunkondlo. Njengoba besishilo ngenhla ukuthi emandulo
ukubhala kwakungekho kodwa izimbongi bezisebenzisa ubuciko bomlomo ukuveza
noma ukuhaya izibongo. Ukuveza ubunkondlo obukhona ngizobheka isakhiwo
sangaphandle lapho khona sibheka isigaba, impindwa, imvumelwano,
isigqi,ukuphindwa amaphethini, ukuxhumana kanye nemfanamsind. Ngizophinde
ngibheke nesakhiwo sangaphakathi sibukeze isingathekiso,usenzasamuntu,
isiqhathanisa, isifaniso.
Isakhiwo sangaphandle
Isigaba: uKheswa noMthiyane (1993: 89-90) uma bechaza isigaba bona bathi
ngamaqoqwana emigqa yenkondlo ehlukaniswe kwamanye amaqoqwana ngokushiya
isikhadlana. Leyo naleyo ndima enkondlweni ivama ukwethula umlayezo kumbe
umqondo othile ophelele, kepha ube uyingxenye yomqondo owodwa okuyiwo
oqukethwe yinkondlo yonke. Esikhutholayo ezibongweni zenkosi uShaka ukuthi
azikho izigaba. Lokhu kukhombisa umehluko okhona phakathi kwezinkondlo
zesimanye nezasemandulo.
Ukuphindwaphindwa kwamagama noma Imigqa enomqondo ohambisanayo
ezinkondlweni zesiZulu kuyinto evamisile kakhulu (Thwala L,Z.2005,81). IZibongo
zicebe kakhulu ngalobu buciko obabuzenzakalela. Izimbongi zamakhosi akwaZulu
zazijule kakhulu ngomqondo ngoba zazinekhono lokuqamba izibongo ngesigameko
esithile esenzeka ngaleso sikhathi.
Wamudla uNomhlanjama ezalwa nguZwide
Wamudla uNqabeni ezalwa nguZwide
Wamudla uMphepha ezalwa nguZwide
Wamudla uDayingubo ezalwa nguZwide
Imvumelwano siqalo ichaza ukuhambiselana kwamalunga anomsindo ofanayo
emigqeni elandelanayo. Imvumelwano siqalo yamalunga, ezibongweni zikaShaka:
Bebetekula behlez’ emlovini,
Beth’ uShaka kayikubusa.
Imvumelwano sigcino:etholakalayo lapho
Osifu sinenqaba
UBayethe kaNdaba
Ukuxhumana siqalo- ukuhambisana kwamagama noma izingcezu zenkulumo
ekuqalenikwemigqa elandelanayo. Ezibongweni zikaShaka: ukuxhumana
okusekuqaleni
Uhlumayo lumananga ,uDlungwane
Uhlumayo lumananga lunkone
UMananga ubengelutho
UMananga ubeyinduna kwaJiyampondo
Ukuxhumana okugxemu:
UShaka ngiyesab’ ukuthi nguShaka,
UShaka kwakuyinkosi yaseMashobeni
Kwakungasakhali nkomo kwaNtombazane
Inkomo yayisikhala kithi kwaBulawayo
UPretorius, (1989:32) uma echaza ifanamsindo uthi: Ufanankamisa kuyinto eyinqubo
lapho ongwaqa abafanayo benza umsindo noma onkamisa abafanayo benza umsindo
ophindaphindiwe emigquni owodwa noma engaphezulu kowodwa. Lolu hlobo
lokuphindaphinda siyaluthola ezinkondlweni zesiZulu.Kungubuciko obusezingeni
eliphakeme ukukwazi ukusebenzisa izinhlamvu noma imisindo evumelanayo
ndawonye kungabikhona ukulahleka kwesigqi.
Kulomugqa siyathola ukufanangwaqa: UMahlom’ ehlathini onjengohlanya,
: Izinto zakho zamuka namanzi
Ofanankamisa esibatholayo kulezibongo zikashaka uma imbongi imuhaya ithi: Umlilo
othathe ubuhangunguhangu
Wakhethelwa udwedwe lwamaza siyathola lenkondlo ukuthi ayilahlekelwa isigqi uma
imbongi usebenzise ofanamsindo.
Isakhiwo sangaphakathi
Isingathekiso : Lesi isifengqo esifanisa izinto ezimbili eziqhathaniswayo kufanele kube
ngezingafaniyo. Nokho isingathekiso sehlukile esifanisweni ngokuthi sona
asizisebenzisi izakhi zokuqhathanisa. Kunalokho isingathekiso sisebenzisa isibanjalo
noma sivele sibeke obala le nto esifanisa ngayo:
Inyath' ehamb' isengam' amazibuko.
Kuleli vesi inkosi uShaka ufaniswa nesilwane esinamandla kakhulu futhi esilwayo
lokho okusho ukuthi naye wayenjalo uma eye ekuhlaseleni kwakhe izizwe.
Isenzasamuntu yisifengqo okuthi into engaphili inikwe izimpawu
zobuntu. IkhuIume njengomuntu, yenze njengomuntu, ibe nemizwelo yomuntu noma
ibe nezitho zomuntu:
UVemvane lukaPhunga noMageba
Olumabala azizinge sengathi abekiwe
Uvemvane isilwane esithandekayo kakhulu esinogazi, uShaka lana imbongi imbeka
njengomuntu obethandeka kakhulu.
Isifaniso yisifengqo esiqhathanisa izinto ezimbili ezingafani kodwa ezinobudlelwane
obuthile obutholakala kuzo zombili. Ngokuvamile kubonakala ngegama elithi “njenge”
noma “kuhle kwe”:
“Ophehlwe weva wanjengomlilo”
uMshongweni imbongi kaShaka emfanisa nomlilo. Ichaza ukuhlupheka kukaShaka
ukuthi kumenze waba indoda waqina (Nyembezi, 1958: 29).
Ukuqhathanisa. Lapho usuke ubeka izinto ezimbili ezingafani nhlobo. Kusuke
kukhona imiqondo emibili eqophisanayo ngenhlongo yokugqamisa ukuqophisana
kwayo:
Amanz' aseMpembeni yinguqunguqu,
Angiqedi nalapho ayayo,
Amany' ayewuka,
Amany' ayaqonsa.
La mavesi afanisa inkosi uShaka namanzi. Amanzi ayingozi uma umfula udla
izindwani. imbongi igqamisa ukuthi inkosi uShaka wayengaqondakali wayengumuntu
oguquguqukayo ezikhathi eziningi (Nyembezi, 1958: 41).
Umlando nempilo kaDingani evezwe izibongo
Emva kokuba esembulele umfowabo uMhlangana uDingane wabusa izwe lakwaZulu.
uDingane wayezalwa nguMpikase benoSenzangakhona kaJama. Izimpi uDingane
azilwa aziziningi njengezikaShaka, kwaba impi yaseMaqongqo eyayiphakathi
kwakhe noMpande, ImpiyaseNcome eyayiphakathi kwamabutho kaDingane
kanye namaBhunu ngezi-16kuZibandlela ngo-1838 eyayiholwa u-Andries
Pretorius, yingakho sigubha i-Day ofGoodwill. Ukubusa kuka Dingane kwakufana
kokuShaka kodwa wayengenabo ubuchopho nobuhlakani bukaShaka. Izinhliziyo
zabo ezilukhuni zazifanangendlela ebabazekayo (Dhlomo.1936,23). Wathi mayeqala
ukuthatha ubukhosi uDingane waqala ukuqalaza ngapha nangapha wabulala
abafowabo nalezonceku azabe zithandwa kakhulu nguShaka ngoba ethi uvikela
ubukhosi bakhe. uDingane wayengafuni ukuba kube khona osalayo ongahle
ambangise. Umpande wasinda ngokuthi wayebukeka njengesilinyana futhi ehlushwa
umchoboka. Ukugudluza abafowabo yikho okwamnika lezibongo ezithi: ithol’
elinsizwa lakokaDonda, Elihambe liwakhahlel’ amany’ amathole. Ngombuso
kaDingane sithola ukuthi abantu bathola ukujabula ngokuphefumula ngoba umbuso
kaShaka wawubahlukumeze kakhulu. Ezibongweni zikaDingane inyosi yakhe ithi:
Umalamlela, Owalamlel’ abafazi namadoda, Walamlel’ izintombi namasoka.
Iphinde ithi imbongi Umhloph’ owakhanyis’ ukusa kwadabuka.
Ekutheni uDingane, uVemvane olumabala azibhadu yingoba wayengumuntu
ongaqondakali futhi owayehlazi ewuguquguqula umqondo wakhe. Akushoyo
bekuguquka ngokushesha futhi isimilo sikaDingane ngokuka Nyembezi (1958:50)
sivezwangokuthi, Isizib' esinzonzo, sinzonzobele. Lokhu kuchaza lapho ayaziwa
ngokuthula kodwa ebe enobungozi kabi. UDingane wayefaniswa nendlovu, “Indlovu
lekulala kungqwambayiya” ngoba wayemkhulu kakhulu ngokomzimba. Izibongo
zikaDingane ziqukethe ukuncoma kanye nokugxeka okuqondiswe kuye. Isibonelo
sokuncoma uDingane uNyembezi (1958:45) yena usibeke kanje: UVezi uNonyanda
UMgabadeli, Owagabadela inkundla yakwaBulawayo. Lapha ngenhla imbongi
incoma ukuthi unguVezi ngoba uyena owavumela abantu besilisa ukuthi bagqoke
izicoco futhi bathathe abafazi. Kafishane nje nguye owaveza abantu kanti uShaka
wayekade engakuvumeli lokho. uDingane sibuye sithole ukuthi ebeyiqili bakhulu
ngoba wayekwazi ukukunika isithombe esingeyiso ngaye. Isenzo sakhe sokuthi
athumelele uMpande izinkomo eziyishumi njengesipho ukuze adle aphinde futhi
anikeze nezingane zakhe (Dhlomo. 1936,76). Ukungaqondakali kukaDingane
kwakungenza omunye ongamazi engathuka esekhohlisekile kanti usezifaka obishini.
UNyembezi (1958:49) yena umveza ngokuthi: UVezi ngimfunyane bemzila, Ngafika
ngamudla, Kanti ngizifak'iloy'esiswini.
AmaBhunu ayengamthandisisi uDingane yingakho wayefana nesibhaha kuwo.
UNyembezi (1958:48) uphawula athi: Indiha lebabayo enjengesibhaha, Sona
simababa kuMahashanga. Ayengamthandi ngoba wayengathandi ukuhambisana
nezifiso zawo zokuthatha izwe lonke lakwaZulu. Izibongo zikaDingane lapho imbongi
imuhaya ithi: Izibuko likaNdaba, Elimadwalw'abushelelezi; Lashelel'uPiti
nendodana. Owadl'uPiti kumaBhunu, Wamudla wamtshobotshela;
Odl'uMzibhelibheli kumaBhunu, Wadl'uPhuzukuhloma kumaBhunu,
Wadl'uHwahwini kumaBhunu, Wadl'uJanomude kumaBhunu,
Wadl'uJanejembuluki kumaBhunu, Wadl'uMazinyansakansaka kumaBhunu,
Wadl'oSisini kumaBhunu, Wamfamfatha wakhafula, Wathi bayababa
kabananyongo; Wadl'imhloph'imibili, Omunye nguNoziwawa.
Lamagama anikwe ngenhla ezibongweni aqanjwe ngoba izimbongi zazingawazi
amagama amaBhunu. Lapha kubalwa uPiti, uMzibhelibheli, uPhuzukuhloma,
uHhahwini, uJanomude, uMazinyansakansaka uJanejembuluki kanye noSisini.
NgokukaNyembezi (1958:58) uveza ukuthi kukhona abathi amaBhunu ayefike ngoba
ezolanda izinkomo zawo. Lezo zinkomo zashaqwa yimpi kaDingane eyazithatha
ngesikhathi ithatha ezikaMzilikazi.
Ubunkondlo obutholakala ezibongweni zikaDingane
Ezibongweni zikaDingane kukhona ubunkondlo obutholakalayo. Ukubuveza
lobunkondlo kunezinto okufanele zichazwe ngaphansi kwesakhiwo sangaphandle
kanye nesangaphakathi. Esakhiweni sangaphandle iIapho engizobheka khona
imvumelwano,ukuphindwa amaphethini, ukuxhumana kanye nefanamsindo.
Kwesangaphakathi isakhiwo ngizobheka isingathekiso,isenzasamuntu, isiqhathanisa
kanye isifaniso.
Isakhiwo sangaphakathi
Imvumelwano sigcino- Lokhu kudalwa ukuhambisana noma okufana kwamalunga
emigqe elandelanayo. Umziziny’ ungamathuz’ entaba
UFipha luyindlov’ enamanxeba
Imvumelwano siqalo: Umashiy’ impi yakhe
Umziziny’ ungamathuz’ entaba
Ukuphindwa amaphethini- siyakuthola ukuphindwa kwamaphethini ezibongweni
zikaDingane. Ngoba besichazile ezibongweni zikaShaka ukuthi lokhu kwenzaka
isikhathi esiningi uma ngabe kukhulunywa ngesimilo saleyonkosi. Imbongi sithola lana
ukuthi iphinde igama elithi Wadlu kanye noMashobane. Lokhu ikwenze ngekhono
elikhulu lobunkondlo wenza nalezibongo zangalahlekelwa isigqi.
Wadl’ uMlomo wezinqaba kwaMashobana
Wadl’ uGundane kumitha kwaMashobana
Wadl’ uNkomo ikulala kulukhuni khona kwaMashobana
Ukuxhumana okusekugcineni- Lana sibheka ukuhambisana okukhona phakathi
kwamagama amqondofana noma ophikisanayo ekugcineni kwemigqa elandelanayo:
Wadl' uNhlanganiso kaMashobana,
Wadl' uNkayishana kaMashobana
Ukuxhumana maphakathi- Lashelele uPiti nendodana.
Owadlu uPiti kumaBhunu
Ukuxhumana okusekuqaleni- Lakhalel’ uMagaye kaDibandlela
Lakhalel’ uNzwakele kwaKhutshwayo
Ufanankamisa- ukuphindeka kukankamisa onomsindo ofanayo emgqeni: Wadl’
uMzinyansakansaka kumaBhunu.
Ufanangwaqa- uGaga ngamanz’ angawesi mlomo
Isakhiwo sangaphakathi
Isingathekiso- isingathekiso esisitholayo lana esith: Isiziba esinzonzo sizonzobele
Lapha kukhulunywa ngesimilo sikaDingane ukuthi wayengumuntu owayenza izinto
ngobuqili.
Isenzasamuntu- Lana into engakhulumi noma eyisilwane iqhathaniswa nalowo
muntu.
Indlovu lekulala kungqwambayiya
Imbongi ngenxa yesimo sikaDingane sokuthanda ukuhlolisisa nanokuthi wayenovalo
kakhulu u Dingane ngoba wayehlezi ekhumbula amagama kaShaka okuthi liyobuswa
izinyoni zeZulu. Lokhu kumenze abe umuntu okhathazekile kakhuku ingakho imbongi
imfanisa nalesisilwane.
Isiqhathaniso- enkondlweni kaDingane asizitholi iziqhathaniso kodwa imbongi
isibenzise izingathekiso kakhulu.
Umlando nempilo kaMpande evezwe izibongo
UDingane waze wafa angazange abe nendlalifa lokho kwenza ukuba ubukhosi buwele
kuMpande. UDingane wababulala bonke abafowabo kwasala ababili okungu Mpande
noGquqgu owabulawa nguMpande. Lokho kwasekumtholela izibongo ezethi Usima
yedwa njengelanga, lona elima lodwa ezulwini (Nyembezi. 1958, 70). UMpande
wayenganakiwe neze lapha kwaZulu futhi kuthiwa ngeke akwazi ukubusa ngenxa
yokuthi wayehlala ngokugula ehlushwa isifo umchoboko. Ezibongweni zakhe
kuyavela lokho makuthiwa uSanda sithebeni njengensonyama. UMpande wazalwa
ngonyaka we-1798 ezalwa nguSongiya wesizwe sakwaHlabisa kanye nesilo
uSenzangakhona. USongiya wayeyinkosikazi yesishiyagalolunye emakhosikazini
kaSenzangakhona. UDingane wayengathokozi kahle ngoMpande wayefuna nokuthi
ambulale. Kwathi lapho uDingane eqeda ukuhlulwa ngamaQadasi empini yaseNcome
wacela amabutho kaMpande ukuze aqinise awakhe uma esehlasela amaBhunu
kepha uMpande wenqaba. Lokhu kwaholela ekutheni uDingane athukuthele kakhulu.
Wabe esakha icebo lokukhetha izinkomo ezilishumi ezikhuluphele wazinika uMpande
ukuze akleze aphinde adle nezingane zakhe (Nyembezi. 1958:71). Ngezeluleko
azinikwa induna kaDingane, uNdlela kaSompisi owayengafuni ukubona umbuso
wakwaZulu ushabalala watshela uMpande ukuthi lelo kwakuyicebo lokufuna
ukumbulala. Naphambilini nguye futhi uNdlela owayeluleke uDingane ukuthi
angambulali uMpande ngoba wayengenabuhlakani nabungozi. Lezizigameko zivela
ekuqale kwezibongo zesilo uMpande lapho imbongi imuthopha ithi UMsimude!
Owavela ngesiluba, Phakathi kwamaNgisi namaQadasi, INkonjane
edukel'ezulwini, Unowela muva wawoShaka
Nangembala wabe esenza njengokusho kukaNdlela uMpande nabalandeli bakhe.
Ngaleleso senzo imbongi imubiza
Umhlane kaMama, Hamba simuke, Siqonde phesheya Laph’ abantu bakhona
Bengangemihlambi yezinyamaze
Inkosi uMpande akabanga nalo udumo olwafuza olukaShaka, uDingane noma
uCetshwayo. NgokukaBallard (1988:48) uthi ukungabi nodumo kuka Mpande
kwakudalwa mhlawumbe yingoba wayengenabo ubuqhawe obabufuze obukaShaka
noma uDingane noma yingoba umbuso wakhe wawunokuthula kakhulu
owawungenazo izenzo zokuphokophela impi yokwakha umbuso owodwa. Izimpi
azilwa uMpande ezisezibongweni zakhe impi yamaSwazi kanye neyaseMaqonqo
USongo lwensimbi yakoNdikidi
Elidl'uDambuza benoSikhombazana.
uMpande wayenomoya ophansi futhi wayethandeka kubantu bakhe. Yingakho
uNyembezi (1958:70) ethi:
USomnandi kaNdaba,
Woza ngang'umlomo
Nokho noma uMpande wayengumuntu onomoya ophansi kodwa zaziba khona
izikhathi lapho ayedlondlobala khona ngolaka. Wayeze afaniswe nebhubesi.
Wayethukuthela kungabi kuhle neze.
Ubunkondlo obukhona ezibongweni zikaMpande
Imvumelwano siqalo: ezibongweni zikaMpande sithola imvumelwano esikuqaleni
imbongi mayesebenzise amagama aqala ngo WA ekuqaleni kwemigqa emine
elandelanayo.
1. Wakhand'izihlangu
2. Wazikhandel'enkamangweni
3. Wakh'izindlu ngezinzala zotshani
4. Wakh'amaguma ngomsingizana
Kumugqa 2-3 ekugcineni siphinde sithole imvumelwano esekugcineni okungu NI.
Ukuxhumana : ukuxhumana esikhutholayo sikuthola ekuqaleni, emigqeni emihlanu
elandelanayo egameni elithi Wathi.
Wathi yiwona ayomhlabanela
Wathi ayihlathi lokuphephela
Wathi linjengelaseDlokweni
Wathi lingubaba lingumama
Wathi linguNongogo
Siphinde sithole ukuxhumana okusekugcineneni lapho igama elithi kwabakaSobhuza
livela emigqeni elandelanayo
Weza noMalambule kwabakaSobhuza
Weza noSidubeko kwabakaSobhuza
Weza noThekwane kwabakaSobhuza
Weza noMgidla kwabakaSobhuza
Okuxhumana okuphakathi kuyavela futhi nakho ezibongweni zikaMpande lapho
imbongi iphinda igama elithi izihlangu
Lazithath'izihlangu zikaBulawayo
Lazithath'izihlangu zeZinyosi
Lazithath'izihlangu zoDlambedlu
Lazithath'izihlangu zikaNodayana
Imbongi isebenzise ukuxhumana ngempumelelo ngoba izibongo azange ziphelelwe
isigqi. Wenze izibongo zaba inkondlo uqobo lwayo zafana nezinkondlo zomdabu
wasengilande.
Ufanankamisa- ukuphindeka kukankamisa onomsindo ofanayo emgqeni
kuyatholakala ezibongweni zikaMpande siphinde sithole ukuthi imbongi ikwene lokhu
ngenkulu impumelelo.
Wahlasela libalele koFabase
Wahlasela libalele koSikwata
Ufanagwaqa siyabathola nabo kulezibongo:
Wakh'amaguma ngomsingizana
Wazikhandel'enkamangweni
Isakhiwo sangaphakathi
Ulimi olusetshenzisiwe
Lolu limi olujiyile futhi olunotbile kumele luhlobe kahle. Ulimi lwezibongo lunotbiswa
yizifengqo, zona ezitbatbwa njengomongo wobunkondlo. Lezi zifengqo zibizwa
ngelemifanekiso-mqondo ngoba ziyizithombe ezidwetshwa yimbongi ngamazwi bese
ofunda inkondlo ezibona ngamehlo engqondo. Le mifanekiso yemukelwa ngazo zonke
izinzwa ezisesidalweni esingumuntu. Nazi izinzwa ezemukelayo kumuntu
http://documents.tips/documents/umsebenzi.html#
http://uzspace.uzulu.ac.za/bitstream/handle/10530/113/Ucwaningo+ngesakhiwo+san
gaphandle+-+DE+Thwala pdf.txt?sequence=3
http://researchspace.ukzn.ac.za/xmlui/bitstream/handle/10413/1631/Khuzwayo_Anth
ony_S'Busiso_2007.pdf.txt;jsessionid=76DB0DE63EBEF047853210A06A5A7CC6?s
equence=3
http://uzspace.uzulu.ac.za/bitstream/handle/10530/292/Ucwaningo+olunzulu+ngeng
qikithi+yobunkondlo+bezibongo+zomdabu+-
+Chiliza+MR.pdf.txt;jsessionid=11942CF88127F0A733E0C9D84325D336?sequenc
e=3
Ballard, C. (1988): The house of Shaka. The Zulu Monarchy illustrated. Durban:
Emoyeni books Publishers.
Nyembezi, C.L.S. 1958. Izibongo Zamakhosi. Pietermaritzburg: Shutter and Shooter
Publishers.
Pretorius, W.J.1982. Teaching African Literature. Pretoria: University of South Africa.
Thwala L,Z. 2005. Ucwaningo Ngesakhiwo Sangaphandle Ezinkondlweni Zika - El
MHLANGA. KwaDlangezwa

More Related Content

What's hot (20)

Udweshu ( conflict) Bengihi lizokuna Novel
Udweshu ( conflict) Bengihi lizokuna NovelUdweshu ( conflict) Bengihi lizokuna Novel
Udweshu ( conflict) Bengihi lizokuna Novel
 
Izinkondlo1(2)
Izinkondlo1(2)Izinkondlo1(2)
Izinkondlo1(2)
 
UKUHLAZIYA INDIKIMBA YENGANEKWANE NGETHIYORI YEFEMINISM
UKUHLAZIYA INDIKIMBA YENGANEKWANE NGETHIYORI YEFEMINISMUKUHLAZIYA INDIKIMBA YENGANEKWANE NGETHIYORI YEFEMINISM
UKUHLAZIYA INDIKIMBA YENGANEKWANE NGETHIYORI YEFEMINISM
 
Izinkondlo zika bw vilakazi(2)
Izinkondlo zika bw vilakazi(2)Izinkondlo zika bw vilakazi(2)
Izinkondlo zika bw vilakazi(2)
 
Izinkondlo1(1)
Izinkondlo1(1)Izinkondlo1(1)
Izinkondlo1(1)
 
Umlando omfishane nemisebenzi ka nyembezi
Umlando omfishane nemisebenzi ka nyembeziUmlando omfishane nemisebenzi ka nyembezi
Umlando omfishane nemisebenzi ka nyembezi
 
Inkondlo
InkondloInkondlo
Inkondlo
 
Sicikoza ngosiba
Sicikoza ngosibaSicikoza ngosiba
Sicikoza ngosiba
 
Isakhiwo somdlalo
Isakhiwo somdlaloIsakhiwo somdlalo
Isakhiwo somdlalo
 
Inkinsela yasmgungundlovu
Inkinsela yasmgungundlovuInkinsela yasmgungundlovu
Inkinsela yasmgungundlovu
 
L6 izibongo zika mpande amazwibela
L6 izibongo zika mpande   amazwibelaL6 izibongo zika mpande   amazwibela
L6 izibongo zika mpande amazwibela
 
Izinkondlo zika bw vilakazi
Izinkondlo zika bw vilakaziIzinkondlo zika bw vilakazi
Izinkondlo zika bw vilakazi
 
Imikhakha
ImikhakhaImikhakha
Imikhakha
 
Umlando omfishane nemisebenzi ka nyembezi
Umlando omfishane nemisebenzi ka nyembeziUmlando omfishane nemisebenzi ka nyembezi
Umlando omfishane nemisebenzi ka nyembezi
 
UBUCIKO BOMLOMO
UBUCIKO BOMLOMOUBUCIKO BOMLOMO
UBUCIKO BOMLOMO
 
Izinkondlo1(2)
Izinkondlo1(2)Izinkondlo1(2)
Izinkondlo1(2)
 
Ukulumbana konkamisa(1)
Ukulumbana konkamisa(1)Ukulumbana konkamisa(1)
Ukulumbana konkamisa(1)
 
Inkinsela YaseMgungundlovu
Inkinsela YaseMgungundlovu Inkinsela YaseMgungundlovu
Inkinsela YaseMgungundlovu
 
Ukufingqa
UkufingqaUkufingqa
Ukufingqa
 
Ubuciko bomlomo asandah
Ubuciko bomlomo asandahUbuciko bomlomo asandah
Ubuciko bomlomo asandah
 

Izibongo zamakhosi

  • 1. ISINGENISO Kuyiqiniso ukuthi izimbongi zakwaZulu zazinekhono lokugcina izindaba zomlando ziveze indaba yempilo yenkosi ngobunkondlo kanye nangokusebenzisa ulimi olujiyile. Izibongo zisitshela kabanzi ngobunjalo nangokubukeka kwalowo obongwayo. Imbongi ayiphuthi ukubalula lezo zimpawu ezigqamile ngaye. Izimpawu ezigqamile yilezo ezinomphumela othile emlandweni (Nyembezi.1958,1). Uma ngabe sikhuluma ngezibongo kulapho imbongi ibonisa ubugagu bayo ngokubongela inkosi ngenhloso yokundlulisa umlayezo othile ngempilo, nangezigigaba ezehlakalela inkosi. Imbongi umuntu oyingwazi kanti futhi nonobuciko bokubeka inkulumo ngamagama akhombisa ukuhlakanipha nangendlela enongayo futhi ibaluleke kakhulu emlandweni wamakhosi (Ntuli noMakhambeni.1998,27). Izibongo sivamise ukubongela, ukutusa kanye nokugxeka inkosi ngesenzo esenzile esibi, kodwa ukuze imbongi ikwenze lokhu kufanele isebenzise ulimi oluhloniphayo nolungeke luthukuthelise inkosi.. Izibongo zamakhosi zithathwa njengencwadi yomlomo yomlando wamakhosi kanye nobunjwa kobukhosi baleso sizwe. Lokhu kugqamisa ukuthi azizona izinkondlo eziqhakambisa ukucikoza ngamakhosi nje kuphela kodwa ziyibhuku lomlando. Emandulo ngaphambi kokufika kwama mishini izizwe ezinsundu zasingenalo ulwazi lokuloba phansi kodwa lokho akuzange kuvimbele ukugcinwa komlando ngendlela yezibongo. Ukugcina umlando kwakusetshenziswa ubuciko bomlomo okuyinhlanganisela yemisebenzi esungulwa ngabantu ngaphandle kokuba babhale phansi (Ntuli noMakhambeni.1998,167). Izibongo zisitshela ngenkosi ngomlando waleso sizwe kanye nezimpi ezazilwiwa ileyo nkosi kanye nesizwe sakhe. Le eseyi izoxoxa kafuphi ngomlando bese ixoxa ngomsebenzi wokubaluleka kwezibongo njengoba ziwumlando, zihlaziya impilo yenkosi zibuye zisebenzise ulimi lobunkondlo olujiyile. Sizobheka izibongo zamakhosi amathathu aka Zulu okungu Shaka, uDingane kanye noMpande. UMZIMBA Umlando wakwaZulu Umlando wakwaZulu awuqali ngenkosi u Jama kodwa uqala emuva kakhulu. Isizathu sokuthi ngiqale ngokubheka umlando wukuthi kufanele sibheke ukuthi lamakhosi engizoxoxa ngawo aqhamukaphi. uSenzangakhona uzalwa nguMthaniya wesizwe sakwaSibiya kanye nenkosi uJama. Utholakala nje inkosi yayingasenalo ithemba lokuthi iyophinde ithole indlalifa ngoba neminyaka yayisihambile. Ngokutholakala kuka
  • 2. Senzangakhona ilapho isizwe sakwaZulu esaqala ukudlondlobala nokho kwakusiyiswe esingaqinaqinile. uNyembezi (1958,18) umbeka njengomuntu owayebukeka emuhle impela uSenzangakhona ngoba zize zithi izibongo zakhe: IBhicongo elimzimba ubuthaka, Obemzimba muhle nangendlala enkulu Obebuso bungenandawo yokusolwa, Obemehlo angenandawo yokusolwa Obezandla zingendawo yokusolwa, Obenyawo zingendawo yokusolwa Obezitho zingenandawo yokusolwa, Obesiphundu simbhukwane ngezinqa. uSenzangakhona ebenamadodana ayishumi nane kodwa avela kakhulu ngu Shaka Sigujana Dingane kaSenzangakhona Mpande kaSenzangakhona ngoba yiwo lawa akwazi ukuthathe ubukhosi bakwaZulu. Izibongo njengomlando kanye nobunkondlo obuvezwa izibongo uShaka kwakuyindodana kaSenzangakhona noNandi intombi yaseLangeni. Ngaphambi kokuzalwa kukaShaka siyasithola isehlakalo esenzakala engakazalwa, “Usishaka kasishayeki” NgokukaNyembezi (1958,28) uShaka wathola lezi zibongo ngoba ngenkathi uNandi ekhulelwe wabikela uSenzangakhona wasiphika isisu kwathiwa uhlushwa isifo isishaka esikhukhumalisa isisu. Imbongi isebenzise isingathekiso sokubiza uShaka ngesikashaka esingashayeki. Usebenzise ulwimi lobunkondlo ngoba efuna ukuveza amandla uShaka anawo ngenxa yokuthi uqalwe wabizwa ngesifo esingalapheki waphinda waba iqhawe elikwazi ukubumba isizwe sakwaZulu. Wakhula uShaka Waba inkosi yakwaZulu emuva kokukhothama kwenkosi uSenzangakhona kaJama. Ulwe izimpi eziningi kakhulu wabulala abantu abaningi ayebasola ukuthi bangaba inkinga esihlalweni sakhe sobukhosi. Ezinye izibongo zikaShaka ezithi UMbebe kamama, Beba simike ziyinkomba yokuthi uSenzangakhona benoNandi babengaganene, kanti uNandi wayengavunyelwe ukuhlala esigodlweni. Babehambe behlala ezindaweni eziningi ezahlukene yaze iNdlovukazi uNandi yayokwendela kuGendeyane ingakho izibongo zikaShaka maziqhubeka zithi abanye basemhlane konina babelethwe.
  • 3. Imbongi ikwazi ukuveza ukuhlupheka kukaShaka ngobunkondlo yangahlambalaza. Lolulwimi lunothe kakhulu ngoba imbongi isebenzise amagama acishe abe nomqondo ofanayo kodwa lokhu ukwenze ngobunkondlo ukuthi izibongo zingaphelelwa isigqi sazo. Lempilo yokuhlupheka ayeyiphila uShaka eseyingane benonina uNandi yamenza wakhalipha, washisa wafana nomlilo. Lokhu kuchaza ubuyena uma izibongo zakhe zithi ophehlwe weva njengomlilo (Nyembezi, 1958: 29). Lesi isifaniso esifanisa uShaka njengoMlilo. Isifaniso sisuke sifanisa izinto ezimbili ezingafani kodwa izenze zifane. Ubunkondlo esibuye sibuthola lana ukuthi emandulo umlilo ubuphehlwa ngameva noma ngozwathi. Uthe uShaka mayefika kwaMthethwa wakhombisa isibindi esikhulu kanye nobuchwephesha ngokuhlabana kwakhe empini. Ukwaze ukunqoba uhlanya obeluhlupha abantu abaningi esizweni sakwa Mthethwa ehlathini luthathe izinkomo zabantu. Ithi imbongi mayimhaya uNomakhwelooyingonyama, uMahlom’ ehlathini njengohlanya, Uhlanya olusemehlweni amadoda. Kanti futhi kuseyiso isibindi sakhe lezi esichazwa imbongi uma ithi uNombangakubuya, Usisanhloko, Nxa abanye bes’ izinyawo. Izibongo ezithi ilemb’ eleq’ amanye’ amalembe zisuka lapho uShaka esehlabana nezimpini, kungekho ngwazi edla ubhedu kuye; yilapho esesukela amakhosi namakhosana ngamanye. Phela lokhu kuyichazelo eshoyo ukuthi wayekhaliphe okwezembe. uShaka ebethi uma efika empini aqothule imbokodo nesisekelo ngoba imbongi mayimchaza imubiza ithi ozulu luyeza khwezani abantwana, Ngabadala bodwa abazozibalekela. Lokhu singaphinde sikuchaze sibheke ukubuyele kwakhe kwaZulu eyolanda ubukhosi bakhe efika ebulala uSigujane obeqeda kubekwa njengenkosi yakwaZulu. Ukubuya kwakhe kwakungalindelekile neze ngoba unina wayedelelekile kakhulu esizweni nokuthi u Nandi noSenzangakhona babengaganene. Lokhu kwakwenza bengacabangi nokucabanga abantu ukuthi uShaka angabuya azokuba inkosi (Nyembezi 1958,31). Kuyavela ezibongweni zakhe ezithi Uteku lwabafazi bakwaNomgabhi, Betekula behlez’ emlovini, Beth’ uShaka akayukubusa, Kakubankosi, kant’ ilapho ezakunethezeka. Uthe mayeqeda ukubuthatha ubukhosi bonke abantu ababemhlukumezile nabanye abahlukumeza
  • 4. unina wabasusa endleleni, wahlasela ngaph nangapha. Yiwo lomlilo okukhulunywa ngawo lapho kuthiwa UMlilo wothathe kaMjokwana; UMlilo wothathe ubuhanguhangu, Oshis’ izikhova eziseDlebe, Kwaya kwasha neziseMabedlana. Odabule kuNdima noMgovu, Abafaz’ abenendeni baphuluza; Imikhubulo bayishiy’ izinqindi, Imbewu bayishiya semahlangeni, Izalukazi zasala semanxiweni, Amaxhegu asala semizileni. Ubunkondlo esibuthola ezibongweni zikaShaka Ezibongweni kunobunkondlo obukhona obusetshenziswa izimbongi ngaphandle kokuqaphela ukuthi ubunkondlo. Njengoba besishilo ngenhla ukuthi emandulo ukubhala kwakungekho kodwa izimbongi bezisebenzisa ubuciko bomlomo ukuveza noma ukuhaya izibongo. Ukuveza ubunkondlo obukhona ngizobheka isakhiwo sangaphandle lapho khona sibheka isigaba, impindwa, imvumelwano, isigqi,ukuphindwa amaphethini, ukuxhumana kanye nemfanamsind. Ngizophinde ngibheke nesakhiwo sangaphakathi sibukeze isingathekiso,usenzasamuntu, isiqhathanisa, isifaniso. Isakhiwo sangaphandle Isigaba: uKheswa noMthiyane (1993: 89-90) uma bechaza isigaba bona bathi ngamaqoqwana emigqa yenkondlo ehlukaniswe kwamanye amaqoqwana ngokushiya isikhadlana. Leyo naleyo ndima enkondlweni ivama ukwethula umlayezo kumbe umqondo othile ophelele, kepha ube uyingxenye yomqondo owodwa okuyiwo oqukethwe yinkondlo yonke. Esikhutholayo ezibongweni zenkosi uShaka ukuthi azikho izigaba. Lokhu kukhombisa umehluko okhona phakathi kwezinkondlo zesimanye nezasemandulo. Ukuphindwaphindwa kwamagama noma Imigqa enomqondo ohambisanayo ezinkondlweni zesiZulu kuyinto evamisile kakhulu (Thwala L,Z.2005,81). IZibongo zicebe kakhulu ngalobu buciko obabuzenzakalela. Izimbongi zamakhosi akwaZulu zazijule kakhulu ngomqondo ngoba zazinekhono lokuqamba izibongo ngesigameko esithile esenzeka ngaleso sikhathi. Wamudla uNomhlanjama ezalwa nguZwide Wamudla uNqabeni ezalwa nguZwide
  • 5. Wamudla uMphepha ezalwa nguZwide Wamudla uDayingubo ezalwa nguZwide Imvumelwano siqalo ichaza ukuhambiselana kwamalunga anomsindo ofanayo emigqeni elandelanayo. Imvumelwano siqalo yamalunga, ezibongweni zikaShaka: Bebetekula behlez’ emlovini, Beth’ uShaka kayikubusa. Imvumelwano sigcino:etholakalayo lapho Osifu sinenqaba UBayethe kaNdaba Ukuxhumana siqalo- ukuhambisana kwamagama noma izingcezu zenkulumo ekuqalenikwemigqa elandelanayo. Ezibongweni zikaShaka: ukuxhumana okusekuqaleni Uhlumayo lumananga ,uDlungwane Uhlumayo lumananga lunkone UMananga ubengelutho UMananga ubeyinduna kwaJiyampondo Ukuxhumana okugxemu: UShaka ngiyesab’ ukuthi nguShaka, UShaka kwakuyinkosi yaseMashobeni Kwakungasakhali nkomo kwaNtombazane Inkomo yayisikhala kithi kwaBulawayo UPretorius, (1989:32) uma echaza ifanamsindo uthi: Ufanankamisa kuyinto eyinqubo lapho ongwaqa abafanayo benza umsindo noma onkamisa abafanayo benza umsindo ophindaphindiwe emigquni owodwa noma engaphezulu kowodwa. Lolu hlobo lokuphindaphinda siyaluthola ezinkondlweni zesiZulu.Kungubuciko obusezingeni eliphakeme ukukwazi ukusebenzisa izinhlamvu noma imisindo evumelanayo ndawonye kungabikhona ukulahleka kwesigqi.
  • 6. Kulomugqa siyathola ukufanangwaqa: UMahlom’ ehlathini onjengohlanya, : Izinto zakho zamuka namanzi Ofanankamisa esibatholayo kulezibongo zikashaka uma imbongi imuhaya ithi: Umlilo othathe ubuhangunguhangu Wakhethelwa udwedwe lwamaza siyathola lenkondlo ukuthi ayilahlekelwa isigqi uma imbongi usebenzise ofanamsindo. Isakhiwo sangaphakathi Isingathekiso : Lesi isifengqo esifanisa izinto ezimbili eziqhathaniswayo kufanele kube ngezingafaniyo. Nokho isingathekiso sehlukile esifanisweni ngokuthi sona asizisebenzisi izakhi zokuqhathanisa. Kunalokho isingathekiso sisebenzisa isibanjalo noma sivele sibeke obala le nto esifanisa ngayo: Inyath' ehamb' isengam' amazibuko. Kuleli vesi inkosi uShaka ufaniswa nesilwane esinamandla kakhulu futhi esilwayo lokho okusho ukuthi naye wayenjalo uma eye ekuhlaseleni kwakhe izizwe. Isenzasamuntu yisifengqo okuthi into engaphili inikwe izimpawu zobuntu. IkhuIume njengomuntu, yenze njengomuntu, ibe nemizwelo yomuntu noma ibe nezitho zomuntu: UVemvane lukaPhunga noMageba Olumabala azizinge sengathi abekiwe Uvemvane isilwane esithandekayo kakhulu esinogazi, uShaka lana imbongi imbeka njengomuntu obethandeka kakhulu. Isifaniso yisifengqo esiqhathanisa izinto ezimbili ezingafani kodwa ezinobudlelwane obuthile obutholakala kuzo zombili. Ngokuvamile kubonakala ngegama elithi “njenge” noma “kuhle kwe”: “Ophehlwe weva wanjengomlilo” uMshongweni imbongi kaShaka emfanisa nomlilo. Ichaza ukuhlupheka kukaShaka ukuthi kumenze waba indoda waqina (Nyembezi, 1958: 29).
  • 7. Ukuqhathanisa. Lapho usuke ubeka izinto ezimbili ezingafani nhlobo. Kusuke kukhona imiqondo emibili eqophisanayo ngenhlongo yokugqamisa ukuqophisana kwayo: Amanz' aseMpembeni yinguqunguqu, Angiqedi nalapho ayayo, Amany' ayewuka, Amany' ayaqonsa. La mavesi afanisa inkosi uShaka namanzi. Amanzi ayingozi uma umfula udla izindwani. imbongi igqamisa ukuthi inkosi uShaka wayengaqondakali wayengumuntu oguquguqukayo ezikhathi eziningi (Nyembezi, 1958: 41). Umlando nempilo kaDingani evezwe izibongo Emva kokuba esembulele umfowabo uMhlangana uDingane wabusa izwe lakwaZulu. uDingane wayezalwa nguMpikase benoSenzangakhona kaJama. Izimpi uDingane azilwa aziziningi njengezikaShaka, kwaba impi yaseMaqongqo eyayiphakathi kwakhe noMpande, ImpiyaseNcome eyayiphakathi kwamabutho kaDingane kanye namaBhunu ngezi-16kuZibandlela ngo-1838 eyayiholwa u-Andries Pretorius, yingakho sigubha i-Day ofGoodwill. Ukubusa kuka Dingane kwakufana kokuShaka kodwa wayengenabo ubuchopho nobuhlakani bukaShaka. Izinhliziyo zabo ezilukhuni zazifanangendlela ebabazekayo (Dhlomo.1936,23). Wathi mayeqala ukuthatha ubukhosi uDingane waqala ukuqalaza ngapha nangapha wabulala abafowabo nalezonceku azabe zithandwa kakhulu nguShaka ngoba ethi uvikela ubukhosi bakhe. uDingane wayengafuni ukuba kube khona osalayo ongahle ambangise. Umpande wasinda ngokuthi wayebukeka njengesilinyana futhi ehlushwa umchoboka. Ukugudluza abafowabo yikho okwamnika lezibongo ezithi: ithol’ elinsizwa lakokaDonda, Elihambe liwakhahlel’ amany’ amathole. Ngombuso kaDingane sithola ukuthi abantu bathola ukujabula ngokuphefumula ngoba umbuso kaShaka wawubahlukumeze kakhulu. Ezibongweni zikaDingane inyosi yakhe ithi: Umalamlela, Owalamlel’ abafazi namadoda, Walamlel’ izintombi namasoka. Iphinde ithi imbongi Umhloph’ owakhanyis’ ukusa kwadabuka. Ekutheni uDingane, uVemvane olumabala azibhadu yingoba wayengumuntu ongaqondakali futhi owayehlazi ewuguquguqula umqondo wakhe. Akushoyo
  • 8. bekuguquka ngokushesha futhi isimilo sikaDingane ngokuka Nyembezi (1958:50) sivezwangokuthi, Isizib' esinzonzo, sinzonzobele. Lokhu kuchaza lapho ayaziwa ngokuthula kodwa ebe enobungozi kabi. UDingane wayefaniswa nendlovu, “Indlovu lekulala kungqwambayiya” ngoba wayemkhulu kakhulu ngokomzimba. Izibongo zikaDingane ziqukethe ukuncoma kanye nokugxeka okuqondiswe kuye. Isibonelo sokuncoma uDingane uNyembezi (1958:45) yena usibeke kanje: UVezi uNonyanda UMgabadeli, Owagabadela inkundla yakwaBulawayo. Lapha ngenhla imbongi incoma ukuthi unguVezi ngoba uyena owavumela abantu besilisa ukuthi bagqoke izicoco futhi bathathe abafazi. Kafishane nje nguye owaveza abantu kanti uShaka wayekade engakuvumeli lokho. uDingane sibuye sithole ukuthi ebeyiqili bakhulu ngoba wayekwazi ukukunika isithombe esingeyiso ngaye. Isenzo sakhe sokuthi athumelele uMpande izinkomo eziyishumi njengesipho ukuze adle aphinde futhi anikeze nezingane zakhe (Dhlomo. 1936,76). Ukungaqondakali kukaDingane kwakungenza omunye ongamazi engathuka esekhohlisekile kanti usezifaka obishini. UNyembezi (1958:49) yena umveza ngokuthi: UVezi ngimfunyane bemzila, Ngafika ngamudla, Kanti ngizifak'iloy'esiswini. AmaBhunu ayengamthandisisi uDingane yingakho wayefana nesibhaha kuwo. UNyembezi (1958:48) uphawula athi: Indiha lebabayo enjengesibhaha, Sona simababa kuMahashanga. Ayengamthandi ngoba wayengathandi ukuhambisana nezifiso zawo zokuthatha izwe lonke lakwaZulu. Izibongo zikaDingane lapho imbongi imuhaya ithi: Izibuko likaNdaba, Elimadwalw'abushelelezi; Lashelel'uPiti nendodana. Owadl'uPiti kumaBhunu, Wamudla wamtshobotshela; Odl'uMzibhelibheli kumaBhunu, Wadl'uPhuzukuhloma kumaBhunu, Wadl'uHwahwini kumaBhunu, Wadl'uJanomude kumaBhunu, Wadl'uJanejembuluki kumaBhunu, Wadl'uMazinyansakansaka kumaBhunu, Wadl'oSisini kumaBhunu, Wamfamfatha wakhafula, Wathi bayababa kabananyongo; Wadl'imhloph'imibili, Omunye nguNoziwawa. Lamagama anikwe ngenhla ezibongweni aqanjwe ngoba izimbongi zazingawazi amagama amaBhunu. Lapha kubalwa uPiti, uMzibhelibheli, uPhuzukuhloma, uHhahwini, uJanomude, uMazinyansakansaka uJanejembuluki kanye noSisini. NgokukaNyembezi (1958:58) uveza ukuthi kukhona abathi amaBhunu ayefike ngoba
  • 9. ezolanda izinkomo zawo. Lezo zinkomo zashaqwa yimpi kaDingane eyazithatha ngesikhathi ithatha ezikaMzilikazi. Ubunkondlo obutholakala ezibongweni zikaDingane Ezibongweni zikaDingane kukhona ubunkondlo obutholakalayo. Ukubuveza lobunkondlo kunezinto okufanele zichazwe ngaphansi kwesakhiwo sangaphandle kanye nesangaphakathi. Esakhiweni sangaphandle iIapho engizobheka khona imvumelwano,ukuphindwa amaphethini, ukuxhumana kanye nefanamsindo. Kwesangaphakathi isakhiwo ngizobheka isingathekiso,isenzasamuntu, isiqhathanisa kanye isifaniso. Isakhiwo sangaphakathi Imvumelwano sigcino- Lokhu kudalwa ukuhambisana noma okufana kwamalunga emigqe elandelanayo. Umziziny’ ungamathuz’ entaba UFipha luyindlov’ enamanxeba Imvumelwano siqalo: Umashiy’ impi yakhe Umziziny’ ungamathuz’ entaba Ukuphindwa amaphethini- siyakuthola ukuphindwa kwamaphethini ezibongweni zikaDingane. Ngoba besichazile ezibongweni zikaShaka ukuthi lokhu kwenzaka isikhathi esiningi uma ngabe kukhulunywa ngesimilo saleyonkosi. Imbongi sithola lana ukuthi iphinde igama elithi Wadlu kanye noMashobane. Lokhu ikwenze ngekhono elikhulu lobunkondlo wenza nalezibongo zangalahlekelwa isigqi. Wadl’ uMlomo wezinqaba kwaMashobana Wadl’ uGundane kumitha kwaMashobana Wadl’ uNkomo ikulala kulukhuni khona kwaMashobana Ukuxhumana okusekugcineni- Lana sibheka ukuhambisana okukhona phakathi kwamagama amqondofana noma ophikisanayo ekugcineni kwemigqa elandelanayo: Wadl' uNhlanganiso kaMashobana, Wadl' uNkayishana kaMashobana
  • 10. Ukuxhumana maphakathi- Lashelele uPiti nendodana. Owadlu uPiti kumaBhunu Ukuxhumana okusekuqaleni- Lakhalel’ uMagaye kaDibandlela Lakhalel’ uNzwakele kwaKhutshwayo Ufanankamisa- ukuphindeka kukankamisa onomsindo ofanayo emgqeni: Wadl’ uMzinyansakansaka kumaBhunu. Ufanangwaqa- uGaga ngamanz’ angawesi mlomo Isakhiwo sangaphakathi Isingathekiso- isingathekiso esisitholayo lana esith: Isiziba esinzonzo sizonzobele Lapha kukhulunywa ngesimilo sikaDingane ukuthi wayengumuntu owayenza izinto ngobuqili. Isenzasamuntu- Lana into engakhulumi noma eyisilwane iqhathaniswa nalowo muntu. Indlovu lekulala kungqwambayiya Imbongi ngenxa yesimo sikaDingane sokuthanda ukuhlolisisa nanokuthi wayenovalo kakhulu u Dingane ngoba wayehlezi ekhumbula amagama kaShaka okuthi liyobuswa izinyoni zeZulu. Lokhu kumenze abe umuntu okhathazekile kakhuku ingakho imbongi imfanisa nalesisilwane. Isiqhathaniso- enkondlweni kaDingane asizitholi iziqhathaniso kodwa imbongi isibenzise izingathekiso kakhulu. Umlando nempilo kaMpande evezwe izibongo UDingane waze wafa angazange abe nendlalifa lokho kwenza ukuba ubukhosi buwele kuMpande. UDingane wababulala bonke abafowabo kwasala ababili okungu Mpande noGquqgu owabulawa nguMpande. Lokho kwasekumtholela izibongo ezethi Usima yedwa njengelanga, lona elima lodwa ezulwini (Nyembezi. 1958, 70). UMpande wayenganakiwe neze lapha kwaZulu futhi kuthiwa ngeke akwazi ukubusa ngenxa yokuthi wayehlala ngokugula ehlushwa isifo umchoboko. Ezibongweni zakhe kuyavela lokho makuthiwa uSanda sithebeni njengensonyama. UMpande wazalwa
  • 11. ngonyaka we-1798 ezalwa nguSongiya wesizwe sakwaHlabisa kanye nesilo uSenzangakhona. USongiya wayeyinkosikazi yesishiyagalolunye emakhosikazini kaSenzangakhona. UDingane wayengathokozi kahle ngoMpande wayefuna nokuthi ambulale. Kwathi lapho uDingane eqeda ukuhlulwa ngamaQadasi empini yaseNcome wacela amabutho kaMpande ukuze aqinise awakhe uma esehlasela amaBhunu kepha uMpande wenqaba. Lokhu kwaholela ekutheni uDingane athukuthele kakhulu. Wabe esakha icebo lokukhetha izinkomo ezilishumi ezikhuluphele wazinika uMpande ukuze akleze aphinde adle nezingane zakhe (Nyembezi. 1958:71). Ngezeluleko azinikwa induna kaDingane, uNdlela kaSompisi owayengafuni ukubona umbuso wakwaZulu ushabalala watshela uMpande ukuthi lelo kwakuyicebo lokufuna ukumbulala. Naphambilini nguye futhi uNdlela owayeluleke uDingane ukuthi angambulali uMpande ngoba wayengenabuhlakani nabungozi. Lezizigameko zivela ekuqale kwezibongo zesilo uMpande lapho imbongi imuthopha ithi UMsimude! Owavela ngesiluba, Phakathi kwamaNgisi namaQadasi, INkonjane edukel'ezulwini, Unowela muva wawoShaka Nangembala wabe esenza njengokusho kukaNdlela uMpande nabalandeli bakhe. Ngaleleso senzo imbongi imubiza Umhlane kaMama, Hamba simuke, Siqonde phesheya Laph’ abantu bakhona Bengangemihlambi yezinyamaze Inkosi uMpande akabanga nalo udumo olwafuza olukaShaka, uDingane noma uCetshwayo. NgokukaBallard (1988:48) uthi ukungabi nodumo kuka Mpande kwakudalwa mhlawumbe yingoba wayengenabo ubuqhawe obabufuze obukaShaka noma uDingane noma yingoba umbuso wakhe wawunokuthula kakhulu owawungenazo izenzo zokuphokophela impi yokwakha umbuso owodwa. Izimpi azilwa uMpande ezisezibongweni zakhe impi yamaSwazi kanye neyaseMaqonqo USongo lwensimbi yakoNdikidi Elidl'uDambuza benoSikhombazana. uMpande wayenomoya ophansi futhi wayethandeka kubantu bakhe. Yingakho uNyembezi (1958:70) ethi: USomnandi kaNdaba, Woza ngang'umlomo Nokho noma uMpande wayengumuntu onomoya ophansi kodwa zaziba khona izikhathi lapho ayedlondlobala khona ngolaka. Wayeze afaniswe nebhubesi.
  • 12. Wayethukuthela kungabi kuhle neze. Ubunkondlo obukhona ezibongweni zikaMpande Imvumelwano siqalo: ezibongweni zikaMpande sithola imvumelwano esikuqaleni imbongi mayesebenzise amagama aqala ngo WA ekuqaleni kwemigqa emine elandelanayo. 1. Wakhand'izihlangu 2. Wazikhandel'enkamangweni 3. Wakh'izindlu ngezinzala zotshani 4. Wakh'amaguma ngomsingizana Kumugqa 2-3 ekugcineni siphinde sithole imvumelwano esekugcineni okungu NI. Ukuxhumana : ukuxhumana esikhutholayo sikuthola ekuqaleni, emigqeni emihlanu elandelanayo egameni elithi Wathi. Wathi yiwona ayomhlabanela Wathi ayihlathi lokuphephela Wathi linjengelaseDlokweni Wathi lingubaba lingumama Wathi linguNongogo Siphinde sithole ukuxhumana okusekugcineneni lapho igama elithi kwabakaSobhuza livela emigqeni elandelanayo Weza noMalambule kwabakaSobhuza Weza noSidubeko kwabakaSobhuza Weza noThekwane kwabakaSobhuza Weza noMgidla kwabakaSobhuza Okuxhumana okuphakathi kuyavela futhi nakho ezibongweni zikaMpande lapho imbongi iphinda igama elithi izihlangu Lazithath'izihlangu zikaBulawayo Lazithath'izihlangu zeZinyosi
  • 13. Lazithath'izihlangu zoDlambedlu Lazithath'izihlangu zikaNodayana Imbongi isebenzise ukuxhumana ngempumelelo ngoba izibongo azange ziphelelwe isigqi. Wenze izibongo zaba inkondlo uqobo lwayo zafana nezinkondlo zomdabu wasengilande. Ufanankamisa- ukuphindeka kukankamisa onomsindo ofanayo emgqeni kuyatholakala ezibongweni zikaMpande siphinde sithole ukuthi imbongi ikwene lokhu ngenkulu impumelelo. Wahlasela libalele koFabase Wahlasela libalele koSikwata Ufanagwaqa siyabathola nabo kulezibongo: Wakh'amaguma ngomsingizana Wazikhandel'enkamangweni Isakhiwo sangaphakathi Ulimi olusetshenzisiwe Lolu limi olujiyile futhi olunotbile kumele luhlobe kahle. Ulimi lwezibongo lunotbiswa yizifengqo, zona ezitbatbwa njengomongo wobunkondlo. Lezi zifengqo zibizwa ngelemifanekiso-mqondo ngoba ziyizithombe ezidwetshwa yimbongi ngamazwi bese ofunda inkondlo ezibona ngamehlo engqondo. Le mifanekiso yemukelwa ngazo zonke izinzwa ezisesidalweni esingumuntu. Nazi izinzwa ezemukelayo kumuntu http://documents.tips/documents/umsebenzi.html# http://uzspace.uzulu.ac.za/bitstream/handle/10530/113/Ucwaningo+ngesakhiwo+san gaphandle+-+DE+Thwala pdf.txt?sequence=3
  • 14. http://researchspace.ukzn.ac.za/xmlui/bitstream/handle/10413/1631/Khuzwayo_Anth ony_S'Busiso_2007.pdf.txt;jsessionid=76DB0DE63EBEF047853210A06A5A7CC6?s equence=3 http://uzspace.uzulu.ac.za/bitstream/handle/10530/292/Ucwaningo+olunzulu+ngeng qikithi+yobunkondlo+bezibongo+zomdabu+- +Chiliza+MR.pdf.txt;jsessionid=11942CF88127F0A733E0C9D84325D336?sequenc e=3 Ballard, C. (1988): The house of Shaka. The Zulu Monarchy illustrated. Durban: Emoyeni books Publishers. Nyembezi, C.L.S. 1958. Izibongo Zamakhosi. Pietermaritzburg: Shutter and Shooter Publishers. Pretorius, W.J.1982. Teaching African Literature. Pretoria: University of South Africa. Thwala L,Z. 2005. Ucwaningo Ngesakhiwo Sangaphandle Ezinkondlweni Zika - El MHLANGA. KwaDlangezwa