More Related Content
More from University of Johannesburg
More from University of Johannesburg (10)
Ukulumbanakonkamisa2 151030105824-lva1-app6891
- 2. Uma onkamisa belandelana nazi
izinguquko ezenzekayo emisindweni:
• Ukulumbana konkamisa (vowel coalescence)
• Ukweqiwa konkamisa (vowel elision/deletion)
• Ukulwangisa (palatalisation)
• Ukunkankazisa (nasalisation)
• Ukungwaqazisa (consonantalisation)
• Ukukhuphuka konkamisa (vowel raising)
• Ukunsininiza (alveolarisation)
2
- 3. Uma onkamisa belandelana
balumbana benze unkamisa omusha
• Unkamisa ophansi + unkamisa ophezulu =
unkamisa ophakathi nendawo, unkamisa
ophansi+ophansi= ophansi:
> a + i = e (na+inja = nenja; nga+impama =
ngempama)
> a + u = o (na+umona = nomona; nga+umusa
= ngomusa
> a + a = a (na+amanga = namanga;
nga+amandla = ngamandla)
• nganga+ijuba = ngangejuba; njenga+umuntu =
njengomuntu; nganga+amanzi = ngangamanzi
3
- 4. Ukulumbana konkamisa kwenzeka
ngaphansi kwalezi zimo:
• Uma kusetshenziswa isakhi sesihlanganiso /na/:
na+abantu = nabantu; na+itshe = netshe;
na+umuntu = nomuntu
• Uma sisebenzisa izakhi zokuqhathanisa: njenga+amasi
= njengamasi; okwa+izwe = okwezwe;
nganga+uThemba = ngangoThemba; kuna+inja =
kunenja
• Uma sakha isivumelwano sesiphawulo kanye
nongumnini: a+umu = omu- (omuhle); a+isi = esi-
(esihle); a+ama = ama- (amakhulu); la+inkukhu =
lenkukhu; la+amasi = lamasi; la+umuntu = lomuntu
4
- 5. Ukweqiwa konkamisa/ Vowel elision
• Uma onkamisa belandelana ngesinye isikhathi
abalumbani kodwa omunye wonkamisa uyeqiwa
noma alahlwe.
• Onkamisa beqewa ngaphansi kwezimo ezintathu:
seqa ngokuthanda, seqa ngempoqo, seqe
ngokohlelo
• Ukweqiwa konkamisa ngokuthanda – seqa
ngokuthanda uma sikhuluma ngokushesha:
Ingan’ egulayo iphuthunyiswe esibhedlela
ngemoto. / Umfan’ omubi ulunguza ewindini. –
Qaphela: seqa unkamisa wokuqala!
5
- 6. Ukweqiwa konkamisa
(kuyaqhutshwa)
• Ukweqiwa konkamisa ngempoqo: lokhu
kuvamise ukwenziwa ekuqaleni kwegama:
Lo mfana akezwa. Baba uyafika, baba
uyafika, lutho.
• Siphoqeleka ukweqa unkamisa uma sibabaza:
Mfana wami! Themba, woza lapha!
• Uma isibanjalo sandulela ibizo: Yiyona
nkululeko yenu lena. USipho nguyena mfana
osahlonipha.
6
- 7. Ukweqiwa konkamisa
(kuyaqhutshwa)
• Seqa unkamisa uma ibizo landulelwa yisenzo
esiphikayo: Angifuni kuzwa lutho okushoyo.
Akusiniswa mahleza lapha enyuvesi.
Angikhulumi manga mina. Akwaziwa
mbhantshi kujiya.
• Unkamisa siyameqa uma ibizo landulela inani:
Mfundisi muni lona oweshela esontweni?
Khanda lini leli elingapheli?
7
- 8. Ukweqiwa konkamisa
(kuyaqhutshwa)
• Uma isabizwana soqobo, umuntu okhulumayo
noma okukhulunywa naye, sandulela ibizo:
Nina bafana nicabanga ukuthi kuyadlalwa.
Thina zingane sigqoka kahle.
Wena Sipho uyedelela.
• Uma isabizwana sokukhomba sandulela ibizo:
Lo muntu udlala ngami.
Lesi sinkwa simnandi kabi.
8
- 9. Ukweqiwa konkamisa
(kuyaqhutshwa)
• Uma onkamisa belandelana siyameqa omunye ngenxa
yohlelo olungakuvumi ukulandelana konkamisa.
• Unkamisa wesivumelwano uyeqiwa uma elandelwa
isiqu sokubala /-nke/ noma /-dwa/: ba+a+o+nke>
bonke; si+a+o+nke> sonke; ni+a+o+dwa> nodwa;
ba+a+o+dwa> bodwa
• Uma kwakhiwa isivumelwano sikamenzi esenzweni
esiqala ngonkamisa: isela (li+eba=) leba imfe; Abafana
(ba+osa=) bosa inyama.
• Uma sinciphisa amabizo agcina ngonkamisa /-i/
nanezinhlamvu ezingalwangiseki: umsebenzi+ana>
umsebenzana; isiyezi+ana> isiyezana; insizi+ana>
insizana
9