SlideShare a Scribd company logo
1 of 18
Download to read offline
IZINGCEZU
ZENKULUMO
AC NTIMBANE
221067940
Ikhono: Izakhiwo nezimiso zokusetshenziswa kolimi
AKE SIBHEKE LEZI ZITHOMBE EZILANDELAYO:
IMISHO:
1.Izingane ziya esikoleni
2.Izintombi zikha amanzi emfuleni.
3.Indoda ihamba ebusuku.
4.UCharlie ucasuke kakhulu.
IZINGCEZU ZENKULUMO
~ Isigaba esichaza indima edlalwa yigama emshweni.
Emuva kwalesi sifundo, umfundi kumele akwazi:
• Ukuchaza ukuthi siyini isandiso.
• Ukuxoxa kabanzi ngezingxenye zontathu zesandiso.
• Ukuzakhela imisho asebenzise isandiso ngendlela
efanele.
• Ukutomula izibonelo zesandiso emshweni.
IMIPHUMELAYESIFUNDO
 Isandiso ucwezu lwenkulumo olukhanyisa ngesenzo,
ngesibanjalo, ngesichasiso, noma ngesinye isikhanyiso
(isandiso/isenzukuthi) mayelana nesimo noma
indawo noma isikhathi (Nkosi & Msomi, 2021).
 Isandiso sihlukene kathathu (3):
1. Isandiso sendawo
2. Isandiso senkathi
3. Isandiso sesimo
ISANDISO
ISANDISO SENDAWO
• Lesi sandiso siphinde sibizwe ngokuthi Ondaweni.
• Lapha amabizo asitshela ukuthi into yenzeka kuphi.
• Siphendula umbuzo othi kuphi?
Isakhiwo sesandiso sendawo:
1) Emabizweni ezigaba 3 kuya ku-15
Unkamisa wokuqala webizo uguquka abe u-e oyisakhi sesandiso
ngaphandle kwamabizo esigaba se-11 lapho siqalisa ngo-o.
Emabizweni agcina ngonkamisa u-a no -e sijobelela isakhi sesandiso
u -eni; unkamisa wokugcina webizo udedela unkamisa wesakhi
sesandiso u-e.
ISANDISO SENDAWO
Izibonelo:
a) Umfula : e- + -mful(a) + -eni
Izintombi zikha amanzi emfuleni.
b) Ingane : e- + -ngan(e) + -eni
Bathini labo enganeni?
c) Ulwanga: o- + -lwang(a) + -eni
Ulimi lwami lunamathele olwangeni lwami.
ISANDISO SENDAWO
Emabizweni agcina ngonkamisa -i sijobelela ngesakhi sesandiso
u-ini; unkamisa wokugcina webizo udedela unkamisa wesakhi
sesandiso u-i.
Izibonelo:
a) Ihhashi : e- + -hhashi + -ini
Umlisa ugibele ehhashini.
b) Umuzi : e- + -m(u)zi + -ini
Phuma emzini yami!
ISANDISO SENDAWO
Emabizweni agcina ngonkamisa -o no -u nakhona sijobelela
isakhi sesandiso u-eni no -ini; unkamisa wokugcina webizo
uphenduka abe usingankamisa (w).
Izibonelo:
a) Isango : e- + -sang(o) + -eni
Inja ikhonkothela abantu esangweni.
b) Isisu : e- + -sis(u) + -ini
Bamgwaze esiswini uNtobeko.
ISANDISO SENDAWO
2) Ukusetshenziswa kwesakhi Kwa-
Lesi sakhi sisetshenziswa namabizo ekukhombeni indawo yomuntu
noma umuzi wakhe.
Izibonelo:
a) kwa- + (u)Mbokazi > kwaMbokazi
b) kwa- + (u)Nosipho > kwaNosipho
ISANDISO SENDAWO
QAPHELA: Kuyenzeka singajobeleli lutho.
Izibonelo:
Amabizo:
a) ikhanda > ekhanda
b) ukhalo > okhalo
Amagama ezindawo:
a) iTheku > eThekwini
b) iGoli > eGoli
Amagama emifula:
a) uThongathi > oThongathi
b) uMtshezi > eMtshezi
ISANDISO SENKATHI
• Lapha silandiselwa ngokuthi into yenzeka nini.
Isib. izolo, ngoLwesine
• Siphendula umbuzo othi nini?
1. Isandiso senkathi singathathelwa emabizweni
Izibonelo:
a) ubusuku > ebusuku
b) umuhla > namuhla
c) ihlobo > ehlobo
ISANDISO SENKATHI
2. Isandiso senkathi singasuselwa ezenzweni
Izibonelo:
a) qala > ekuqaleni / kuqala
b) gcina > ekugcineni
ISANDISO SESIMO
• Lapha sitshelwa ukuthi into yenzeke kanjani.
• Siphendula umbuzo othi kanjani?
Isakhiwo sesandiso sesimo:
Isandiso sesimo sibonakala ikakhulukazi ngesakhi sesandiso
uka- kanye nesiqu sesiphawulo noma sesibaluli.
Izibonelo:
a) UZinhle ukhuluma kakhulu.
b) Asixoxe kabanzi ngalolu daba.
IMIBUZO?
AKE SIZIHLOLE!
Quizizz.com
https://quizizz.com/admin/quiz/6509725271
d6688457378931?source=quiz_share
Asibonge!

More Related Content

What's hot (20)

ubuciko komlomo
ubuciko komlomoubuciko komlomo
ubuciko komlomo
 
iSIZULU
iSIZULUiSIZULU
iSIZULU
 
ukwakheka kolimi
ukwakheka kolimiukwakheka kolimi
ukwakheka kolimi
 
Ubuciko bomlomo
Ubuciko bomlomoUbuciko bomlomo
Ubuciko bomlomo
 
Ukulumbana konkamisa 2
Ukulumbana konkamisa 2Ukulumbana konkamisa 2
Ukulumbana konkamisa 2
 
Ukulwangisa
UkulwangisaUkulwangisa
Ukulwangisa
 
Izindlela zesenzo (2)
Izindlela zesenzo (2)Izindlela zesenzo (2)
Izindlela zesenzo (2)
 
409581744-MTSHALI-BONGUMENZI.pdf
409581744-MTSHALI-BONGUMENZI.pdf409581744-MTSHALI-BONGUMENZI.pdf
409581744-MTSHALI-BONGUMENZI.pdf
 
Isizulu ulimi lwasekhaya
Isizulu ulimi lwasekhayaIsizulu ulimi lwasekhaya
Isizulu ulimi lwasekhaya
 
Izinguquko zemisindo uma silwangisa, singwaqazisa nalapho sinkankazisa
Izinguquko zemisindo uma silwangisa, singwaqazisa nalapho sinkankazisaIzinguquko zemisindo uma silwangisa, singwaqazisa nalapho sinkankazisa
Izinguquko zemisindo uma silwangisa, singwaqazisa nalapho sinkankazisa
 
Ubuciko bomlomo slides
Ubuciko bomlomo slidesUbuciko bomlomo slides
Ubuciko bomlomo slides
 
Izindlelazesenzo2 170828135830
Izindlelazesenzo2 170828135830Izindlelazesenzo2 170828135830
Izindlelazesenzo2 170828135830
 
Izinkondlo1(2)
Izinkondlo1(2)Izinkondlo1(2)
Izinkondlo1(2)
 
Inkondlo
InkondloInkondlo
Inkondlo
 
Sicikoza ngosiba
Sicikoza ngosibaSicikoza ngosiba
Sicikoza ngosiba
 
Izinkondlo (Isakhiwo)
Izinkondlo (Isakhiwo)Izinkondlo (Isakhiwo)
Izinkondlo (Isakhiwo)
 
Ubuciko bomlomo asandah
Ubuciko bomlomo asandahUbuciko bomlomo asandah
Ubuciko bomlomo asandah
 
Isifundo sezincazelo
Isifundo sezincazeloIsifundo sezincazelo
Isifundo sezincazelo
 
Umlando wemibhalo yesi zulu
Umlando wemibhalo yesi zuluUmlando wemibhalo yesi zulu
Umlando wemibhalo yesi zulu
 
Imikhakha
ImikhakhaImikhakha
Imikhakha
 

Izingcezu zenkulumo (sandiso).pdf

  • 2. AKE SIBHEKE LEZI ZITHOMBE EZILANDELAYO:
  • 3. IMISHO: 1.Izingane ziya esikoleni 2.Izintombi zikha amanzi emfuleni. 3.Indoda ihamba ebusuku. 4.UCharlie ucasuke kakhulu.
  • 4. IZINGCEZU ZENKULUMO ~ Isigaba esichaza indima edlalwa yigama emshweni.
  • 5. Emuva kwalesi sifundo, umfundi kumele akwazi: • Ukuchaza ukuthi siyini isandiso. • Ukuxoxa kabanzi ngezingxenye zontathu zesandiso. • Ukuzakhela imisho asebenzise isandiso ngendlela efanele. • Ukutomula izibonelo zesandiso emshweni. IMIPHUMELAYESIFUNDO
  • 6.  Isandiso ucwezu lwenkulumo olukhanyisa ngesenzo, ngesibanjalo, ngesichasiso, noma ngesinye isikhanyiso (isandiso/isenzukuthi) mayelana nesimo noma indawo noma isikhathi (Nkosi & Msomi, 2021).  Isandiso sihlukene kathathu (3): 1. Isandiso sendawo 2. Isandiso senkathi 3. Isandiso sesimo ISANDISO
  • 7. ISANDISO SENDAWO • Lesi sandiso siphinde sibizwe ngokuthi Ondaweni. • Lapha amabizo asitshela ukuthi into yenzeka kuphi. • Siphendula umbuzo othi kuphi? Isakhiwo sesandiso sendawo: 1) Emabizweni ezigaba 3 kuya ku-15 Unkamisa wokuqala webizo uguquka abe u-e oyisakhi sesandiso ngaphandle kwamabizo esigaba se-11 lapho siqalisa ngo-o. Emabizweni agcina ngonkamisa u-a no -e sijobelela isakhi sesandiso u -eni; unkamisa wokugcina webizo udedela unkamisa wesakhi sesandiso u-e.
  • 8. ISANDISO SENDAWO Izibonelo: a) Umfula : e- + -mful(a) + -eni Izintombi zikha amanzi emfuleni. b) Ingane : e- + -ngan(e) + -eni Bathini labo enganeni? c) Ulwanga: o- + -lwang(a) + -eni Ulimi lwami lunamathele olwangeni lwami.
  • 9. ISANDISO SENDAWO Emabizweni agcina ngonkamisa -i sijobelela ngesakhi sesandiso u-ini; unkamisa wokugcina webizo udedela unkamisa wesakhi sesandiso u-i. Izibonelo: a) Ihhashi : e- + -hhashi + -ini Umlisa ugibele ehhashini. b) Umuzi : e- + -m(u)zi + -ini Phuma emzini yami!
  • 10. ISANDISO SENDAWO Emabizweni agcina ngonkamisa -o no -u nakhona sijobelela isakhi sesandiso u-eni no -ini; unkamisa wokugcina webizo uphenduka abe usingankamisa (w). Izibonelo: a) Isango : e- + -sang(o) + -eni Inja ikhonkothela abantu esangweni. b) Isisu : e- + -sis(u) + -ini Bamgwaze esiswini uNtobeko.
  • 11. ISANDISO SENDAWO 2) Ukusetshenziswa kwesakhi Kwa- Lesi sakhi sisetshenziswa namabizo ekukhombeni indawo yomuntu noma umuzi wakhe. Izibonelo: a) kwa- + (u)Mbokazi > kwaMbokazi b) kwa- + (u)Nosipho > kwaNosipho
  • 12. ISANDISO SENDAWO QAPHELA: Kuyenzeka singajobeleli lutho. Izibonelo: Amabizo: a) ikhanda > ekhanda b) ukhalo > okhalo Amagama ezindawo: a) iTheku > eThekwini b) iGoli > eGoli Amagama emifula: a) uThongathi > oThongathi b) uMtshezi > eMtshezi
  • 13. ISANDISO SENKATHI • Lapha silandiselwa ngokuthi into yenzeka nini. Isib. izolo, ngoLwesine • Siphendula umbuzo othi nini? 1. Isandiso senkathi singathathelwa emabizweni Izibonelo: a) ubusuku > ebusuku b) umuhla > namuhla c) ihlobo > ehlobo
  • 14. ISANDISO SENKATHI 2. Isandiso senkathi singasuselwa ezenzweni Izibonelo: a) qala > ekuqaleni / kuqala b) gcina > ekugcineni
  • 15. ISANDISO SESIMO • Lapha sitshelwa ukuthi into yenzeke kanjani. • Siphendula umbuzo othi kanjani? Isakhiwo sesandiso sesimo: Isandiso sesimo sibonakala ikakhulukazi ngesakhi sesandiso uka- kanye nesiqu sesiphawulo noma sesibaluli. Izibonelo: a) UZinhle ukhuluma kakhulu. b) Asixoxe kabanzi ngalolu daba.