SlideShare a Scribd company logo
1 of 13
Download to read offline
IZINKONDLO ZOMDABU
DR H. NDEBELE
IZINHLOBO ZEZINKONDLO ZOMDABU:
UMSEBENZI WAMAQEMBU
• UMILOLOZELO NEZILANDELO (GROUP 3)-----------------------16:10
• IZANGELO (GROUP 5)-----------------------16:20
• IZITHAKAZELO (GROUP 1 & 10)----------------16:30 &16:40
• AMACULO (GROUP 7)-----------------------16:50
• IZIBONGO
IZIHASHO (GROUP 2)------------17:00
IZIBONGO ZAMAQHAWE/ZAMAKHOSI (GROUP 4 & 8)--------17:10 & 17:20
IZIGIYO (GROUP 9)--------------17:30
UMASKANDI (GROUP 6)--------------17:40
 CHAZA INKONDLO YOMDABU
 YINI UMSEBENZI WAYO
 IZIBONELO
 UBUNKONDLO (IZIFENGQO, ULIMI OLUJULILE, IZAGA NEZISHO ETC)
BUYINI UBUNKONDLO
• Ubunkondlo buwulimi olujulile noluhlabahlosile. Esikhathini esiningi
ubunkondlo bucebe ngezifenqo.
• Ubunkondlo wulimi olujulile,olucebe kakhulu ngezifenqo ukuze lukwazi
ukusambulela amaqiniso ngendalo noMdali nezidalwa zakhe
okungamaqiniso afhlakele (Msimang, 1988:19).
• Lokhu kuyiqiniso ngoba uma inkondlo ihaywa kukhona amagama
angazwakali ukuthi athini ngenxa yokucikoza kanye nokunkondloza
kwembongi.
• Kule ncazelo engenhla kuyavela ukuthi ulimi luyahambisana kakhulu
nobunkondlo ngoba ebunkondlweni kumele kusebenze izifenqo, izaga
kanye nezisho.
• Ulimi lungasetshenziswa ngezindlela eziningi ezahlukene, lungasebenza
uma umuntu esosizini, esenjabulweni noma umlayezo othile.
BUYINI UBUNKONDLO
• ungabona amabutho egida ngokukhulu ukujabula bephindaphinda
inkondlo/iculo. Ukujabula lokhu akusukeli ekuphindaphindweni
kokujika nokushaywa phansi kwezinyawo zabo kuphela kodwa
kungasuka ebumnandini bamagama asetshenzisiwe engomeni
abayigidelayo (Ntuli, 1984: 14)
• Ukheswa noMthiyane (1993: 92) bathi ubunkondlo bungabhekwa
ngezindlela ezahlukene kabili, bathi kungabhekwa ukubumbeka
kwangaphakathi kanye nokubumbeka kwangaphandle kwenkondlo.
• Uma sikhuluma ngokubumbeka kwangaphandle kwenkondlo lapha
sisho izinto ozibona ungakayifundi inkondlo, noma uzizwe lapho
uyihaya. Ezinye zalezo zinto yizindima, ukuhleleka kwemigqa,
Ukuxhumana, imvumelwano, kanye nokunye.
IZIMPAWU ZOBUNKONDLO
UMQONDO OCASHILE
• Uma kukhulunywa ngomqondo wezinkondlo kusuke
kubhekwa umongo wenkondlo ukuthi zidlulisa muphi
umnyalezo kwabalalele.
• Zonke izinkondlo zidlulisa umnyalezo othile odingwa
abalalele kodwa ziwudlulisa ngendlela enobuciko
engahambisana nokusina kanyenokukhwahla ihlombe
IZIFENQO
• Uma kukhulunywa ngezifenqo kusuke kukhulunywa ngesimo
sokukhuluma esinothisa ulimi silwenze lucebe.
• Izifenqo kungaba igama noma ibinza lamagama asetshenziswayo
kodwa kakusiyona indlela ejwayelekile okusetshenziswa ngayo
noma incazelo ejwayelekile eqondiwe. Inhloso enkulu ukuhlobisa
ulimi lombhali noma isikhulumi. Izifenqo zenza umsebenzi
omkhulu wokuthinta imizwa yolalele (Khathi, 2002:41).
• Izifenqo zenza ukuthi inkulumo ibe nomsoco futhi izwakale
kamnandi kwabalalele.
• Kanti futhi izifenqo zinokugcizelela okuthile okwenza ukuthi
umqondo owedluliswa yigama ucace uthi bha ngenxa
yokusetshenziswa kwesifenqo.
IZINHLOBO ZEZIFENQO
ISIFANISO
• Lapha kusuke kufaniswa into nenye into. Lezi zinto zisuke
zehlukene kodwa zinokufana okuthile. Into okusuke
kufaniswa nayo ivame ukuba ngcono kunalena
eqhathaniswa nayo.
• Lapha sisuke siqhathanisa izinto ezimbili ezingefani
ngokuphelele, kodwa nokho kube kukhona okuthile
okutholakala kuzo zombili. Uma siqhathanisa ngale ndlela
siyaye sisebenzise indlela amagama noma izakhi
njengalezi njenga-, nganga-, kuna, fana na-, kuhle kwe-,
okwe njalonjalo (Makhaye, 2000: 38).
ISINGATHEKISO
• Esingathekisweni kusuke kuqhathaniswa izinto ezimbili noma
ngaphezulu, bese kuthi eyodwa yazo ibizwe ngalena
eqhathaniswa nayo.
• wuhlobo lokuqhathanisa kodwa olungasebenzisi izakhi
zokuqhathanisa njengesifaniso. Lapha ekungathekiseni into
simane siyibize ngaleyo esiyifanisa nayo okukhomba ukuthi
ziyafana nse. Esikhundleni sokuba kuthiwe into yokuqala ifana
neyesibili kuvele kuthiwe into yokuqala ingeyesibili (Khathi,
2002:8).
EZINYE IZINHLOBO ZEZIFENQO
IHABA
• Liwukwandisa lokho okukhulunywa ngakho kuzwakale sengathi kukhulu
kakhulu kunalokho okuyikhona ngempela (izimbokodo zamehlo)
ISIHLONIPHO
• Lena yindlela yokukhuluma ngento esabekayo noma ebuhlungu
ngokusebenzisa amazwi athe ukuthamba nangayigaguli into ngegama
elilumelayo.
UMBHINQO
• Ukusebenzisa amazwi achaza okuthile kepha kube kuqondwe
okuphambene nawo. Kusuke kusetshenziswe amazwi okuncoma kuqondwe
ukugxeka)
UKWENZASAMUNTU
• Into engaphili inikwa izimpawu zomuntu
AMANYE AMASU OBUNKONDLO
• Uma kukhulunywa ngamasu obunkondlo kusuke kukhulunywa
ngezinto ezithinta ubunkondlo uqobo lwabo,
• kuyaziwa ukuthi ziningi izindlela ezingasetshenziswa ukuhlaziya
izinkondlo.
• Ukuhlaziya ubunkondlo kudinga wona amasu anjenge
mvumelwano, ukuxhumana, ulimi olusetshenziswe enkondlweni
okungabalwa izifenqo, izisho kanye nezaga.
• Uma inkondlo ingenakho lokhu kuba sengathi umbhalo nje
ongehlukile kweminye imibhalo, kanti inkondlo ngisho uyifunda
iyezwakala ukuthi ihlukile kweminye imibhalo.
UKUXHUMANA
• Ukuxhumana kanye nemvumelwano kwenza umsebenzi othi
awufane ezinkondlweni
• Lapha sibuka ukuhleleka nokuxhumana komqondo
wamagama emigqeni elandelanayo. Kungahle kube yimigqa
emibili noma engaphezulu, kuye ngokuthi imbongi iwuhlele
kanjani umqondo wendikimba leyo.
• Lapha kusetshenziswa ukuxhumana ngenhloso yokugcizelela
nokuthuthukisa umqondo olwethulwe endimeni leyo.
• Ukuxhumana ngokuhlukana kwakho kwenza ukuba leli phuzu
eligcizelelwayo nokuphinda izinhlamvu linakeke kulabo
abalalele umculo.
IMVUMELWANO
• Inkondlo kufanele icebe ngaphakathi, ingaphandle layo nalo
kufanele lidlisele ukuze indikimba yayo igqame kangcono. Lokhu
sikuthola nxa imigqa ehambisanayo yenkondlo iqala noma igcina
ngamalunga anomsindo ofanayo emagameni angefani.
• Imisindo yonkamisa yiyona evamile kumvumelwano-sigcino kanti
kuyenzeka kube ngongwaqa kuphela abavumelanayo.
Imvumelwano sigcino yenziwa wumsindo ozwakala lapho
kuphinyiswa amalungaavumelanayo nokubhalwa kwazo ngendlela
efanayo.
• Umsimang (1988) uthi …itholakala uma imigqa ehambisanyo
enkondlweni igcina ngamalunga noma izinhlamvu ezinemisindo
efanayo.
ISIGQI
• Uma kukhulunywa ngesigqi enkondlweni kusuke kubukwa izinto
ezifana nokuvuleka kanye nokuvaleka kwemigqa ezitanzeni.
• Imigqa evalekile ileyo enezimpawu zokuloba ekugcineni, kanti
evulekile ileyo engenazo izimpawu ekugcineni. Uma imigqa eminingi
ivalekile lokho kusho ukuthi isigqi saleyo nkondlo siyanensa ngenxa
yokuthi ohayayo noma ohlabelelayo kumele ababaze lapho kufanele
khona noma abuze aphinde aphumule lapho kufanele khona.
• Isigqi sinomthelela omkhulu ekwedluliseni umlayezo enkondlweni.
• Uma isigqi sinensa senza ukuba abalalele umculo bakwazi
ukucabangisisa kahle ngomlayezo oqukethwe yinkondlo kanti uma
isigqi sishesha abalalele abalitholi kahle ithuba lokuzwa umlayezo
oqukethwe

More Related Content

What's hot (20)

Izinguquko zemisindo uma silwangisa, singwaqazisa nalapho sinkankazisa
Izinguquko zemisindo uma silwangisa, singwaqazisa nalapho sinkankazisaIzinguquko zemisindo uma silwangisa, singwaqazisa nalapho sinkankazisa
Izinguquko zemisindo uma silwangisa, singwaqazisa nalapho sinkankazisa
 
Izinkondlo
IzinkondloIzinkondlo
Izinkondlo
 
Ukulwangisa
UkulwangisaUkulwangisa
Ukulwangisa
 
Izinkondlo1(1)
Izinkondlo1(1)Izinkondlo1(1)
Izinkondlo1(1)
 
ISIFUNDO isikhangisi (1) (1)
ISIFUNDO isikhangisi (1) (1)ISIFUNDO isikhangisi (1) (1)
ISIFUNDO isikhangisi (1) (1)
 
Ukuvezwa kwabalingiswa
Ukuvezwa kwabalingiswaUkuvezwa kwabalingiswa
Ukuvezwa kwabalingiswa
 
Udweshu ( conflict) Bengihi lizokuna Novel
Udweshu ( conflict) Bengihi lizokuna NovelUdweshu ( conflict) Bengihi lizokuna Novel
Udweshu ( conflict) Bengihi lizokuna Novel
 
NDEBELE POEMS - Inkondlo zikasibeko
NDEBELE POEMS - Inkondlo zikasibekoNDEBELE POEMS - Inkondlo zikasibeko
NDEBELE POEMS - Inkondlo zikasibeko
 
Ukufingqa
UkufingqaUkufingqa
Ukufingqa
 
Imikhakha
ImikhakhaImikhakha
Imikhakha
 
Izinkondlo zika bw vilakazi
Izinkondlo zika bw vilakaziIzinkondlo zika bw vilakazi
Izinkondlo zika bw vilakazi
 
ukwakheka kolimi
ukwakheka kolimiukwakheka kolimi
ukwakheka kolimi
 
Izinkondlo zika bw vilakazi(1)
Izinkondlo zika bw vilakazi(1)Izinkondlo zika bw vilakazi(1)
Izinkondlo zika bw vilakazi(1)
 
Isifundo sezincazelo
Isifundo sezincazelo   Isifundo sezincazelo
Isifundo sezincazelo
 
Isizulu ulimi lwasekhaya
Isizulu ulimi lwasekhayaIsizulu ulimi lwasekhaya
Isizulu ulimi lwasekhaya
 
Izindlela zesenzo (2)
Izindlela zesenzo (2)Izindlela zesenzo (2)
Izindlela zesenzo (2)
 
Ezinye izinguquko zemisindo
Ezinye izinguquko zemisindoEzinye izinguquko zemisindo
Ezinye izinguquko zemisindo
 
iSIZULU
iSIZULUiSIZULU
iSIZULU
 
FET Phase IsiZulu Language Caps Doc.
FET Phase IsiZulu Language Caps Doc.FET Phase IsiZulu Language Caps Doc.
FET Phase IsiZulu Language Caps Doc.
 
Izinkondlo (Isakhiwo)
Izinkondlo (Isakhiwo)Izinkondlo (Isakhiwo)
Izinkondlo (Isakhiwo)
 

Lecture-Ubunkondlo.pptx.pdf

  • 2. IZINHLOBO ZEZINKONDLO ZOMDABU: UMSEBENZI WAMAQEMBU • UMILOLOZELO NEZILANDELO (GROUP 3)-----------------------16:10 • IZANGELO (GROUP 5)-----------------------16:20 • IZITHAKAZELO (GROUP 1 & 10)----------------16:30 &16:40 • AMACULO (GROUP 7)-----------------------16:50 • IZIBONGO IZIHASHO (GROUP 2)------------17:00 IZIBONGO ZAMAQHAWE/ZAMAKHOSI (GROUP 4 & 8)--------17:10 & 17:20 IZIGIYO (GROUP 9)--------------17:30 UMASKANDI (GROUP 6)--------------17:40  CHAZA INKONDLO YOMDABU  YINI UMSEBENZI WAYO  IZIBONELO  UBUNKONDLO (IZIFENGQO, ULIMI OLUJULILE, IZAGA NEZISHO ETC)
  • 3. BUYINI UBUNKONDLO • Ubunkondlo buwulimi olujulile noluhlabahlosile. Esikhathini esiningi ubunkondlo bucebe ngezifenqo. • Ubunkondlo wulimi olujulile,olucebe kakhulu ngezifenqo ukuze lukwazi ukusambulela amaqiniso ngendalo noMdali nezidalwa zakhe okungamaqiniso afhlakele (Msimang, 1988:19). • Lokhu kuyiqiniso ngoba uma inkondlo ihaywa kukhona amagama angazwakali ukuthi athini ngenxa yokucikoza kanye nokunkondloza kwembongi. • Kule ncazelo engenhla kuyavela ukuthi ulimi luyahambisana kakhulu nobunkondlo ngoba ebunkondlweni kumele kusebenze izifenqo, izaga kanye nezisho. • Ulimi lungasetshenziswa ngezindlela eziningi ezahlukene, lungasebenza uma umuntu esosizini, esenjabulweni noma umlayezo othile.
  • 4. BUYINI UBUNKONDLO • ungabona amabutho egida ngokukhulu ukujabula bephindaphinda inkondlo/iculo. Ukujabula lokhu akusukeli ekuphindaphindweni kokujika nokushaywa phansi kwezinyawo zabo kuphela kodwa kungasuka ebumnandini bamagama asetshenzisiwe engomeni abayigidelayo (Ntuli, 1984: 14) • Ukheswa noMthiyane (1993: 92) bathi ubunkondlo bungabhekwa ngezindlela ezahlukene kabili, bathi kungabhekwa ukubumbeka kwangaphakathi kanye nokubumbeka kwangaphandle kwenkondlo. • Uma sikhuluma ngokubumbeka kwangaphandle kwenkondlo lapha sisho izinto ozibona ungakayifundi inkondlo, noma uzizwe lapho uyihaya. Ezinye zalezo zinto yizindima, ukuhleleka kwemigqa, Ukuxhumana, imvumelwano, kanye nokunye.
  • 5. IZIMPAWU ZOBUNKONDLO UMQONDO OCASHILE • Uma kukhulunywa ngomqondo wezinkondlo kusuke kubhekwa umongo wenkondlo ukuthi zidlulisa muphi umnyalezo kwabalalele. • Zonke izinkondlo zidlulisa umnyalezo othile odingwa abalalele kodwa ziwudlulisa ngendlela enobuciko engahambisana nokusina kanyenokukhwahla ihlombe
  • 6. IZIFENQO • Uma kukhulunywa ngezifenqo kusuke kukhulunywa ngesimo sokukhuluma esinothisa ulimi silwenze lucebe. • Izifenqo kungaba igama noma ibinza lamagama asetshenziswayo kodwa kakusiyona indlela ejwayelekile okusetshenziswa ngayo noma incazelo ejwayelekile eqondiwe. Inhloso enkulu ukuhlobisa ulimi lombhali noma isikhulumi. Izifenqo zenza umsebenzi omkhulu wokuthinta imizwa yolalele (Khathi, 2002:41). • Izifenqo zenza ukuthi inkulumo ibe nomsoco futhi izwakale kamnandi kwabalalele. • Kanti futhi izifenqo zinokugcizelela okuthile okwenza ukuthi umqondo owedluliswa yigama ucace uthi bha ngenxa yokusetshenziswa kwesifenqo.
  • 7. IZINHLOBO ZEZIFENQO ISIFANISO • Lapha kusuke kufaniswa into nenye into. Lezi zinto zisuke zehlukene kodwa zinokufana okuthile. Into okusuke kufaniswa nayo ivame ukuba ngcono kunalena eqhathaniswa nayo. • Lapha sisuke siqhathanisa izinto ezimbili ezingefani ngokuphelele, kodwa nokho kube kukhona okuthile okutholakala kuzo zombili. Uma siqhathanisa ngale ndlela siyaye sisebenzise indlela amagama noma izakhi njengalezi njenga-, nganga-, kuna, fana na-, kuhle kwe-, okwe njalonjalo (Makhaye, 2000: 38).
  • 8. ISINGATHEKISO • Esingathekisweni kusuke kuqhathaniswa izinto ezimbili noma ngaphezulu, bese kuthi eyodwa yazo ibizwe ngalena eqhathaniswa nayo. • wuhlobo lokuqhathanisa kodwa olungasebenzisi izakhi zokuqhathanisa njengesifaniso. Lapha ekungathekiseni into simane siyibize ngaleyo esiyifanisa nayo okukhomba ukuthi ziyafana nse. Esikhundleni sokuba kuthiwe into yokuqala ifana neyesibili kuvele kuthiwe into yokuqala ingeyesibili (Khathi, 2002:8).
  • 9. EZINYE IZINHLOBO ZEZIFENQO IHABA • Liwukwandisa lokho okukhulunywa ngakho kuzwakale sengathi kukhulu kakhulu kunalokho okuyikhona ngempela (izimbokodo zamehlo) ISIHLONIPHO • Lena yindlela yokukhuluma ngento esabekayo noma ebuhlungu ngokusebenzisa amazwi athe ukuthamba nangayigaguli into ngegama elilumelayo. UMBHINQO • Ukusebenzisa amazwi achaza okuthile kepha kube kuqondwe okuphambene nawo. Kusuke kusetshenziswe amazwi okuncoma kuqondwe ukugxeka) UKWENZASAMUNTU • Into engaphili inikwa izimpawu zomuntu
  • 10. AMANYE AMASU OBUNKONDLO • Uma kukhulunywa ngamasu obunkondlo kusuke kukhulunywa ngezinto ezithinta ubunkondlo uqobo lwabo, • kuyaziwa ukuthi ziningi izindlela ezingasetshenziswa ukuhlaziya izinkondlo. • Ukuhlaziya ubunkondlo kudinga wona amasu anjenge mvumelwano, ukuxhumana, ulimi olusetshenziswe enkondlweni okungabalwa izifenqo, izisho kanye nezaga. • Uma inkondlo ingenakho lokhu kuba sengathi umbhalo nje ongehlukile kweminye imibhalo, kanti inkondlo ngisho uyifunda iyezwakala ukuthi ihlukile kweminye imibhalo.
  • 11. UKUXHUMANA • Ukuxhumana kanye nemvumelwano kwenza umsebenzi othi awufane ezinkondlweni • Lapha sibuka ukuhleleka nokuxhumana komqondo wamagama emigqeni elandelanayo. Kungahle kube yimigqa emibili noma engaphezulu, kuye ngokuthi imbongi iwuhlele kanjani umqondo wendikimba leyo. • Lapha kusetshenziswa ukuxhumana ngenhloso yokugcizelela nokuthuthukisa umqondo olwethulwe endimeni leyo. • Ukuxhumana ngokuhlukana kwakho kwenza ukuba leli phuzu eligcizelelwayo nokuphinda izinhlamvu linakeke kulabo abalalele umculo.
  • 12. IMVUMELWANO • Inkondlo kufanele icebe ngaphakathi, ingaphandle layo nalo kufanele lidlisele ukuze indikimba yayo igqame kangcono. Lokhu sikuthola nxa imigqa ehambisanayo yenkondlo iqala noma igcina ngamalunga anomsindo ofanayo emagameni angefani. • Imisindo yonkamisa yiyona evamile kumvumelwano-sigcino kanti kuyenzeka kube ngongwaqa kuphela abavumelanayo. Imvumelwano sigcino yenziwa wumsindo ozwakala lapho kuphinyiswa amalungaavumelanayo nokubhalwa kwazo ngendlela efanayo. • Umsimang (1988) uthi …itholakala uma imigqa ehambisanyo enkondlweni igcina ngamalunga noma izinhlamvu ezinemisindo efanayo.
  • 13. ISIGQI • Uma kukhulunywa ngesigqi enkondlweni kusuke kubukwa izinto ezifana nokuvuleka kanye nokuvaleka kwemigqa ezitanzeni. • Imigqa evalekile ileyo enezimpawu zokuloba ekugcineni, kanti evulekile ileyo engenazo izimpawu ekugcineni. Uma imigqa eminingi ivalekile lokho kusho ukuthi isigqi saleyo nkondlo siyanensa ngenxa yokuthi ohayayo noma ohlabelelayo kumele ababaze lapho kufanele khona noma abuze aphinde aphumule lapho kufanele khona. • Isigqi sinomthelela omkhulu ekwedluliseni umlayezo enkondlweni. • Uma isigqi sinensa senza ukuba abalalele umculo bakwazi ukucabangisisa kahle ngomlayezo oqukethwe yinkondlo kanti uma isigqi sishesha abalalele abalitholi kahle ithuba lokuzwa umlayezo oqukethwe