Izindlelazesenzo2 1708281358302. Umehluko phakathi kwezinkathi
zesenzo nezindlela zesenzo
• Uma kukhulunywa ngezinkathi zezenzo
kuqondwe ukuthi izinto ezenzekayo zenzeka nini.
Izibonelo:
Inkathi yamanje – Umama uthenga
ingubo kanokusho.
Inkathi edlule – Umama wathenga ingubo
kanokusho.
Inkathi ezayo – Umama uzothenga/uyothenga
ingubo kanokusho.
4. Izindlela zesenzo
• Indlela esabizo (The infinitive mood)
• Indlela ephoqayo noma yokuyalela
(Imperative mood)
• Indlela yamandla (Potential mood)
• Indlela eqondisayo (Indicative mood)
• Indlela eyamile noma encikile (Subjunctive
mood)
• Indlela yesimo (Situative mood)
6. Qaphela
• Izenzo eziphoqayo ziyasetshenziswa
nezivumelwano zikamenziwa. Izibonelo:
Ibambe inja ingangilumi.
Ziwashisise lezo zingubo.
Siphekisise leso sitambu.
Isule kahle nangaphakathi imoto.
• Kanjalo nezenzo ezisabizo ziyasetshenziswa
nezivumelwano zikamenziwa. Izibonelo:
7. - Ubaba uyathanda ukulijimisa ihhashi uma
esuthi.
- Ngifisa ukusifundisa isiZulu lapho
sengingumfundisi/nguthisha.
- Uhulumeni wethu angakwazi ukubafundisa
mahhala bonke abafundi basemaNyuvesi.
- UThemba akathandi ukuzikamisisa
izinwele.
8. Izenzo ezisebenzisa izivumelwano
zenhloko
• Indlela yamandla
Isibonelo: Mina ngingayiqeda inkukhu
ngingedwa.
• Indlela eqondisayo
Isibonelo: Izinsizwa zishela izintombi.
• Indlela eyamile noma encikile
Isibonelo: Ngifuna ukuba sisheshe silale
namuhla.
10. Sakhiwa kanjani isenzo esisabizo
esivumayo?
Isiqalo samabizo esigaba 15 + isiqu sesenzo = isenzo
esisabizo
ukuhamba
ukudlala
ukukhuluma
ukugeza
ukuwasha
ukubhala
ukubheka
12. Sakhiwa kanjani isenzo esisabizo
esivumayo ezenzweni eziqala
ngonkamisa?
Sakhiwa ngokuqalisa ngo uku esiqwini sesenzo. -
- Uma isiqu siqala ngonkamisa a- noma e-
kusetshenziswa ukw-.
azi: uku-azi = ukwazi
eba: uku-eba = ukweba
- Uma isiqu siqala ngonkamisa o-
kusetshenziswa uk-
ondla: uku-ondla = ukondla
16. Sakhiwa kanjani isenzo esisabizo
esiphikayo?
Isiqalo samabizo esigaba 15 + isakhi sokuphika nga +
umsuka + isakhi sokuphika -i = isenzo esisabizo
• ukuhamba
uku+nga+hamb+i
• ukudlala
uku+nga+dlal+i
• ukukhuluma
uku+nga+khulum+i
• ukuwasha
uku+nga+wash+i
17. Sakhiwa kanjani isenzo esisabizo
esiphikayo ezenzweni eziqala
ngonkamisa?
Isiqalo samabizo esigaba 15 + isakhi sokuphika nga
+ umsuka + isakhi sokuphika -i = isenzo esisabizo
• azi
uku+ng(a)+az+i = ukungazi
• eba
uku+ng(a)+eb+i = ukungebi
• ondla
uku+ng(a)+ondl+i = ukungondli
18. Umsebenzi 4
Nikeza izenzo eziphikayo eziqala ngonkamisa
zibeli-10
akha ifa
aba ima
elapha iza
eba osa
elapha onga
engeza ithi
21. Indlela ephoqayo noma yokuyalela
(Imperative mood)
Izinhloso zalesi sifundo. Kumele nikwazi -
• Ukutomula izenzo ezisendleleni ephoqayo
(ezivumayo) kunoma yimuphi umbhalo.
• Ukutomula izenzo ezisendleleni ephoqayo
(eziphikayo) kunoma yimuphi umbhalo.
• Ukuzakhela imisho ngezenzo ezisendleleni
ephoqayo (ezivumayo).
• Ukuzakhela imisho ngezenzo ezisendleleni
ephoqayo (eziphikayo).
23. Izenzo eziphoqayo zinazo
izivumelwano zikamenziwa
Izibonelo:
- Ibambe inja ingangilumi!
- Ziwashisise lezo zingubo!
- Siphekisise leso sitambu!
- Isule nangaphakathi imoto!
- Baphakeleni ukudla abantwana!
34. Izenzo eziphoqayo ezinhlamvuntathu
(eziphikayo) ezibhekiswe kumuntu
oyedwa
Izibonelo:
Ukuvuma Ukuphika
• Gijimani! Ningagijimi!
• Khulumani! Ningakhulumi!
• Goqozani! Ningagoqozi!
• Khahlelani! Ningakhahleli!
• Khokhobani! Ningakhokhobi!
• Khalisani! Ningakhalisi!
• Khumulani! Ningakhulumi!
35. Enye indlela
Izibonelo:
Ukuvuma Ukuphika
• Gijimani! Musani ukugijima!
• Khulumani! Musani ukukhuluma!
• Goqozani! Musani ukugoqoza!
• Khahlelani! Musani ukukhahlela!
• Khokhobani! Musani ukukhokhoba!
• Khalisani! Musani ukukhalisa!
• Khumulani! Musani ukukhuluma!
36. Izenzo eziphoqayo eziqala
ngonkamisa (eziphikayo) ezibhekiswe
kumuntu oyedwa
Izibonelo:
Ukuvuma Ukuphika
• Azi! Ungazi!
• Ala! Ungali!
• Akha! Ungakhi!
• Imba! Ungambi!
• Ima! Ungami!
• Idla! Ungadli!
• Izwa! Ungezwa (unga+izwa)
38. Izenzo eziphoqayo eziqala
ngonkamisa (eziphikayo) ezibhekiswe
kubantu abaningi
Izibonelo:
Ukuvuma Ukuphika
• Azini! Ningazi!
• Alani! Ningali!
• Akhani! Ningakhi!
• Imbani! Ningambi!
• Imani! Ningami!
• Idlani! Ningadli!
• Izwani! Ningezwa! (ninga+izwa)
39. Enye indlela
Izibonelo:
Ukuvuma Ukuphika
• Azini! Musani ukwazi!
• Alani! Musani ukwala!
• Akhani! Musani ukwakha!
• Imbani! Musani ukumba!
• Imani! Musani ukuma!
• Idlani! Musani ukudla!
• Izwani! Musani ukuzwa!
40. Umsebenzi 1
Tomula isenzo esisendleleni ephoqayo:
• Ubani igama lakho?
• NginguZama wakwaXulu.
• Letha incwadi yakho, Zama!
• Yebo, Thisha.
• Bhala igama lakho nekheli kuleli phepha!
• Cha, musa ukubhala ngempensela, bhala
ngepeni!
• Ngiyaxolisa Thisha, angiliphethe ipeni.
• Hamba ulilande!
41. • Ziletheni zonke izincwadi zenu zokubhalela,
bafundi. Ngifuna ukuzihlola.
• Libuyise ipeni lami oliboleke izolo, Thembi!
• Musa ukuhlanya, wena, ngilibuyisile ipeni lakho!
• Ungakhulumi amanga, awulibuyisanga!
• Musani ukuxabana nina lapho! Yiza lapha Zama
ngikunike elami ipeni!
• Ngiyabonga, Thisha.
42. Umsebenzi 2
Yakha isenzo esiphoqayo ngesenzo ngasinye:
• akha ifa
• aba ima
• elapha iza
• eba osa
• elapha onga
• engeza ithi
44. Umsebenzi 4
Yakha isenzo esiphoqayo esiphikayo ngesenzo
ngasinye:
• akha ifa
• aba ima
• elapha iza
• eba osa
• elapha onga
• engeza ithi
47. Indlela eqondisayo (ezimelayo)
Inkathi yamanje (ukuvuma)
Isigaba Ibizo Isenzo
1 Umfana uhamba
1a Ugogo uhamba
2 Abafana bahamba
2a Ogogo bahamba
3 Umuzi uhamba
4 Imizi ihamba
5 Ilifu lihamba
6 Amafu ahamba
48. Isigaba Ibizo Isenzo
7 Isilo sihamba
8 Izilo zihamba
9 Inkomo ihamba
10 Izinkomo zihamba
11 Uhlanya luhamba
12 ________ _________
13 ________ _________
50. Enye indlela esebenzisa isakhi ‘ya’
Inkathi yamanje (ukuvuma)
Isigaba Ibizo Isenzo
1 Umfana uyahamba
1a Ugogo uyahamba
2 Abafana bayahamba
2a Ogogo bayahamba
3 Umuzi uyahamba
4 Imizi iyahamba
5 Ilifu liyahamba
6 Amafu ayahamba
51. Isigaba Ibizo Isenzo
7 Isilo siyahamba
8 Izilo ziyahamba
9 Inkomo iyahamba
10 Izinkomo ziyahamba
11 Uhlanya luyahamba
12 ________ _________
13 ________ _________
53. Inkathi yamanje (ukuphika)
Isigaba Ibizo Isenzo
1 Umfana akahambi
1a Ugogo akahambi
2 Abafana abahambi
2a Ogogo abahambi
3 Umuzi awuhambi
4 Imizi ayihambi
5 Ilifu alihambi
6 Amafu awahambi
54. Isigaba Ibizo Isenzo
7 Isilo asihambi
8 Izilo azihambi
9 Inkomo ayihambi
10 Izinkomo azihambi
11 Uhlanya aluhambi
12 ________ _________
13 ________ _________
56. Inkathi ezayo (ukuvuma)
Isigaba Ibizo Isenzo
1 Umfana uzohamba
1a Ugogo uzohamba
2 Abafana bazohamba
2a Ogogo bazohamba
3 Umuzi uzohamba
4 Imizi izohamba
5 Ilifu lizohamba
6 Amafu azohamba
57. Isigaba Ibizo Isenzo
7 Isilo sizohamba
8 Izilo zizohamba
9 Inkomo izohamba
10 Izinkomo zizohamba
11 Uhlanya luzohamba
12 ________ _________
13 ________ _________
59. Inkathi ezayo (ukuphika)
Isigaba Ibizo Isenzo
1 Umfana akazuhamba
1a Ugogo akazuhamba
2 Abafana abazuhamba
2a Ogogo abazuhamba
3 Umuzi awuzuhamba
4 Imizi ayizuhamba
5 Ilifu alizuhamba
6 Amafu awazuhamba
60. Isigaba Ibizo Isenzo
7 Isilo asizuhamba
8 Izilo azizuhamba
9 Inkomo ayizuhamba
10 Izinkomo azizuhamba
11 Uhlanya aluzuhamba
12 ________ _________
13 ________ _________
62. Inkathi edlule (ukuvuma)
Isigaba Ibizo Isenzo
1 Umfana wahamba
1a Ugogo wahamba
2 Abafana bahamba
2a Ogogo bahamba
3 Umuzi wahamba
4 Imizi yahamba
5 Ilifu lahamba
6 Amafu ahamba
63. Isigaba Ibizo Isenzo
7 Isilo sahamba
8 Izilo zahamba
9 Inkomo yahamba
10 Izinkomo zahamba
11 Uhlanya lwahamba
12 ________ _________
13 ________ _________
65. Inkathi edlule (ukuphika)
Isigaba Ibizo Isenzo
1 Umfana akahambanga
1a Ugogo akahambanga
2 Abafana abahambanga
2a Ogogo abahambanga
3 Umuzi awuhambanga
4 Imizi ayihambanga
5 Ilifu alihambanga
6 Amafu awahambanga
66. Isigaba Ibizo Isenzo
7 Isilo asihambanga
8 Izilo azihambanga
9 Inkomo ayihambanga
10 Izinkomo azihambanga
11 Uhlanya aluhambanga
12 ________ _________
13 ________ _________
68. Indlela eqondisayo yesimo
Inkathi yamanje (ukuvuma)
Isigaba Ibizo ezimelayo yesimo
1 Umfana udla edla
1a Ugogo udla edla
2 Abafana badla bedla
2a Ogogo badla bedla
3 Umdlwane udla udla
4 Imidlwane idla idla
5 Ilima lidla lidla
6 Amalima adla edla
69. Isigaba Ibizo ezimelayo yesimo
7 Isilo sidla sidla
8 Izilo zidla zidla
9 Inkomo idla idla
10 Izinkomo zidla zidla
11 Uhlanya ludla ludla
12 _______ _______ _______
13 _______ _______ _______
71. Imisho
• Umfana udla inyama. (ezimelayo)
• Umfana uhamba edla amasi. (yesimo)
• Abafana badla inyama. (ezimelayo)
• Abafana bahamba bedla inyama. (yesimo)
• Indoda iqonywa yonke indawo.
• Indoda ihamba iqonywa yonke indawo. (yesimo)
• Amadoda ahamba eqonywa yonke indawo. (yesimo)
• Le ngane ihamba icela imali. (yesimo)
• Lezi zingane zihlala zicela imali. (yesimo)
• Umama usebenza egula. (yesimo)
72. • Abantwana besikole badla ukudla kwabo uma
belambile. (yesimo)
• Abantwana bakhula kahle uma belala.
(yesimo)
• Amadoda asebenza ecula. (yesimo)
73. Inkathi yamanje (ukuphika)
Isigaba Ibizo ezimelayo yesimo
1 Umfana akadli engadli
1a Ugogo akadli engadli
2 Abafana abadli bengadli
2a Ogogo bangadli bengadli
3 Umdlwane ungadli ungadli
4 Imidlwane ingadli ingadli
5 Ilima lingadli lingadli
6 Amalima angadli engadli
74. Isigaba Ibizo ezimelayo yesimo
7 Isilo singadli singadli
8 Izilo zingadli zingadli
9 Inkomo ingadli ingadli
10 Izinkomo zingadli zingadli
11 Uhlanya lungadli lungadli
12 _______ _______ _______
13 _______ _______ _______
76. Imisho
• Umfana akadli nanamuhla.
• Nimfunze umfana uma engadli nanamuhla.
• Uhlanya luthukuthele namhlanje.
• Ungasondeli kulo (uhlanya) uma luthukuthele.
77. Indlela eyamile (Subjunctive Mood)
Inkathi Yamanje (Ukuvuma)
Isigaba Ibizo Indlela eyamile
1 Umfana adlale
1a Ugogo adlale
2 Abafana badlale
2a Ogogo badlale
3 Umdlwane udlale
4 Imidlwane idlale
5 Ilitshe lidlale
6 Amatshe adlale
78. Isigaba Ibizo Indlela eyamile
7 Isihlahla sidlale
8 Izihlahla zidlale
9 Inkomo idlale
10 Izinkomo zidlale
11 Uphondo ludlale
12 ------------ ---------
13 ------------ ---------
14 Ubuso budlale
15 Ukufa kudlale
80. Ukuphika
Inkathi Yamanje
Isigaba Ibizo Indlela eyamile
1 Umfana angadlali
1a Ugogo angadlali
2 Abafana bangadlali
2a Ogogo bangadlali
3 Umdlwane ungadlali
4 Imidlwane ingadlali
5 Ilitshe lingadlali
6 Amatshe angadlali
81. Isigaba Ibizo Indlela eyamile
7 Isihlahla singadlali
8 Izihlahla zingadlali
9 Inkomo ingadlali
10 Izinkomo zingadlali
11 Uphondo lungadlali
12 ------------ ---------
13 ------------ ---------
14 Ubuso bungadlale
15 Ukufa kungadlale
83. Inkathi Edlule (Ukuvuma)
Isigaba Ibizo Indlela eyamile
1 Umfana wadlala
1a Ugogo wadlala
2 Abafana badlala
2a Ogogo badlala
3 Umdlwane wadlala
4 Imidlwane yadlala
5 Ilitshe ladlala
6 Amatshe adlala
84. Isigaba Ibizo Indlela eyamile
7 Isihlahla sadlala
8 Izihlahla zadlala
9 Inkomo yadlala
10 Izinkomo zadlala
11 Uphondo lwadlala
12 ------------ ---------
13 ------------ ---------
14 Ubuso badlala
15 Ukufa kwadlala
85. Ukulandula
Indlela yokuqala:
Isigaba Ibizo Indlela eyamile
1 Umfana akadlala
1a Ugogo akadlala
2 Abafana abadlala
2a Ogogo abadlala
3 Umdlwane awadlala
4 Imidlwane ayadlala
5 Ilitshe aladlala
6 Amatshe awadlala
86. Isigaba Ibizo Indlela eyamile
7 Isihlahla asadlala
8 Izihlahla azadlala
9 Inkomo ayadlala
10 Izinkomo azadlala
11 Uphondo alwadlala
12 ------------ ---------
13 ------------ ---------
14 Ubuso abadlala
15 Ukufa akwadlala
87. Indlela yesibili:
Isigaba Ibizo Indlela eyamile
1 Umfana wangadlala
1a Ugogo wangadlala
2 Abafana bangadlala
2a Ogogo bangadlala
3 Umdlwane wangadlala
4 Imidlwane yangadlala
5 Ilitshe langadlala
6 Amatshe angadlala
88. Izindlela okusetshenziswa ngazo
indlela eyamile
Ilandela izihlanganiso ezithile:
• Sicabanga ukuba siye eKapa ngonyaka ozayo.
• Bafuna ukuba bawalime wonke amasimu
akubo.
• Qhelisa umntwana ukuze angashi.
• Sizogeza qede sidlale.
• Ungamthethisi hleze akhale.
• Likhuleke lelo hhashi funa libaleke.
89. Isigaba Ibizo Indlela eyamile
7 Isihlahla sangadlala
8 Izihlahla zangadlala
9 Inkomo yangadlala
10 Izinkomo zangadlala
11 Uphondo lwangadlala
12 ------------ ---------
13 ------------ ---------
14 Ubuso bangadlala
15 Ukufa kwangadlala
90. Siyayisebenzisa lapho sibuza imibuzo:
• Sihambe na?
• Abantwana balale yini manje?
• Sihlale phansi na?
• Bawumbe yini abafana umgodi?
• Sibushise yini utshani?
• Siyihlabe yini imbuzi?
91. Lapho sikhuluma ngezinto esizenza njalo:
• Ekuseni ngivuka ngigeze, ngigqoke, ngidle,
ngithathe izincwadi zami ngiye esikoleni.
• Kusihlwa ngithi ngingadla ngithathe izincwadi
ngifunde.
• Emalokishini abantu baphila ngokuthenga:
bathenga ukudla bathenge izinkuni, bathenge
amalahle, bathenge okokwembatha,
bathenge yonke into.
92. Siyayisebenzisa nezingasenzo ezithile:
• Lo mntwana umane athule nje lapho ebizwa.
• Ubofike ubase umlilo weThoko.
• Laba bantwana basimze bahleke lapho
bethethiswa.
• Liyavalelwa leli thole lidlule lifohle.