Izindlela zesenzo tst3 b2. UMEHLUKO PHAKATHI KWEZINKATHI
ZESENZO NEZINDLELA ZESENZO
• Uma kukhulunywa ngezinkathi zezenzokuqondwe ukuthi izinto ezenzekayo
zenzeka nini.
Izibonelo:
• Inkathi yamanje – Ugogo uwasha ingubo kanokusho.
• Inkathi edlule – Ugogo wawasha inguboka nokusho.
• Inkathi ezayo – Ugogo uzowasha/uyowasha ingubo kanokusho.
• Uma kukhulunywa ngezindlela zezenzokuqondwe ukuthi
3. IZINDLELA ZESENZO
• Indlela esabizo (The infinitive mood)
• Indlela ephoqayo noma yokuyalela (Imperative mood)
• Indlela yamandla (Potential mood)
• Indlela eqondisayo (Indicative mood)
• Indlela eyamile noma encikile (Subjunctive mood)
• Indlela yesimo (Situative mood)
5. • Ubaba uyathanda ukulijimisa ihhashi uma esuthi.
• Ngifisa ukusifundisa isiZulu lapho sengingumfundisi/nguthisha.
• Uhulumeni wethu angakwazi ukubafundisa mahhala bonke abafundi
basemaNyuvesi.
• UThemba akathandi ukuzikamisisa izinwele.
6. IZENZO EZISEBENZISA IZIVUMELWANO
ZENHLOKO
• Indlela yamandla
Isibonelo: Mina ngingasiqeda isinkwa sonke ngingedwa.
• Indlela eqondisayo
Isibonelo: Izinsizwa zilusa izinkomo.
• Indlela eyamile noma encikile
Isibonelo: Ngifuna ukuba sisheshe sihambe namuhla.
7. INDLELA ESABIZO (THE INFINITIVE MOOD)
• Iziqu zezenzo:
• lala
• gijima
• pheka
• geza
• khala
• funda
• hleka
8. SAKHIWA KANJANI ISENZO ESISABIZO
ESIVUMAYO?
Isiqalo samabizo esigaba 15 + isiqu sesenzo = isenzo esisabizo
• ukulala
• ukugijima
• ukupheka
• ukugeza
• ukukhala
• ukufunda
• ukuhleka
9. SAKHIWA KANJANI ISENZO ESISABIZO
ESIVUMAYO EZENZWENI EZIQALA
NGONKAMISA?
Sakhiwa ngokuqalisa ngo uku esiqwini sesenzo. -
• Uma isiqu siqala ngonkamisa a- noma ekusetshenziswa ukw-.
azi: uku-azi = ukwazi
eba: uku-eba = ukweba
• Uma isiqu siqala ngonkamisa okusetshenziswa o-
ukondla: uku-ondla = ukondla
10. SAKHIWA KANJANI ISENZO ESISABIZO
ESIPHIKAYO?
• Isiqalo samabizo esigaba 15 + isakhi sokuphika nga +
• umsuka + isakhi sokuphika -i = isenzo esisabizo
• ukuhamba
uku+nga+hamb+i
• ukudlala
uku+nga+dlal+i
• •ukukhuluma
uku+nga+khulum+i
• ukuwasha
uku+nga+wash+i
11. SAKHIWA KANJANI ISENZO ESISABIZO
ESIPHIKAYO EZENZWENI EZIQALA
NGONKAMISA?
Isiqalo samabizo esigaba 15 + isakhi sokuphika nga
+ umsuka + isakhi sokuphika -i = isenzo esisabizo
• azi
uku+ng(a)+az+i = ukungazi
• eba
uku+ng(a)+eb+i = ukungebi
• ondla
uku+ng(a)+ondl+i = ukungondli
12. INDLELA EPHOQAYO NOMA YOKUYALELA
(IMPERATIVE MOOD)
• Izinhloso zalesi sifundo. Kumele nikwazi -
• Ukutomula izenzo ezisendleleni ephoqayo (ezivumayo) kunoma yimuphi
umbhalo.
• Ukutomula izenzo ezisendleleni ephoqayo (eziphikayo) kunoma yimuphi
umbhalo.
• Ukuzakhela imisho ngezenzo ezisendleleni ephoqayo (ezivumayo).
• Ukuzakhela imisho ngezenzo ezisendleleniephoqayo (eziphikayo).
14. IZENZO EZIPHOQAYO ZINAZO
IZIVUMELWANO ZIKAMENZIWA
• Izibonelo:
• Ibambe inja ingangilumi!
• Ziwashisise lezo zingubo!
• Siphekisise leso sitambu!
• Isule nangaphakathi imoto!
• Baphakeleni ukudla abantwana
25. IZENZO EZIPHOQAYO EZINHLAMVUNTATHU
(EZIPHIKAYO) EZIBHEKISWE KUMUNTU
OYEDWA
Izibonelo:
Ukuvuma Ukuphika
• Gijimani! Ningagijimi!
• Khulumani! Ningakhulumi!
• Goqozani! Ningagoqozi!
• Khahlelani! Ningakhahleli!
• Khokhobani! Ningakhokhobi!
• Khalisani! Ningakhalisi!
• Khumulani! Ningakhulumi!
26. ENYE INDLELA
Ukuvuma Ukuphika
Izibonelo:
• Gijimani! Musani ukugijima!
• Khulumani! Musani ukukhuluma!
• Goqozani! Musani ukugoqoza!
• Khahlelani! Musani ukukhahlela!
• Khokhobani! Musani ukukhokhoba!
• Khalisani! Musani ukukhalisa!
• Khumulani! Musani ukukhuluma!
27. IZENZO EZIPHOQAYO EZIQALA
NGONKAMISA (EZIPHIKAYO) EZIBHEKISWE
KUMUNTU OYEDWA
• Izibonelo:
• Ukuvuma Ukuphika
• Azi! Ungazi!
• Ala! Ungali!
• Akha! Ungakhi!
• Imba! Ungambi!
• Ima! Ungami!
• Idla! Ungadli!
• Izwa! Ungezwa (unga+izwa)
28. ENYE INDLELA
• Izibonelo:
• Ukuvuma Ukuphika
• Azi! Musa ukwazi!
• Ala! Musa ukwala!
• Akha! Musa ukwakha!
• Imba! Musa ukumba!
• Ima! Musa ukuma!
• Idla! Musa ukudla!
• Izwa! Musa ukuzwa!
29. IZENZO EZIPHOQAYO EZIQALA
NGONKAMISA (EZIPHIKAYO) EZIBHEKISWE
KUBANTU ABANINGI
Izibonelo
Ukuvuma Ukuphika
• Azini! Ningazi!
• Alani! Ningali!
• Akhani! Ningakhi!
• Imbani! Ningambi!
• Imani! Ningami!
• Idlani! Ningadli!
• Izwani! Ningezwa! (ninga+izwa)
30. ENYE INDLELA
Izibonelo:
Ukuvuma Ukuphika
• Azini! Musani ukwazi!
• Alani! Musani ukwala!
• Akhani! Musani ukwakha!
• Imbani! Musani ukumba!
• Imani! Musani ukuma!
• Idlani! Musani ukudla!
• Izwani! Musani ukuzwa!
32. INDLELA EQONDISAYO (EZIMELAYO)
Inkathi yamanje (ukuvuma)
Isigaba Ibizo Isenzo
• 1 Umfana uhamba
• 1a Ugogo uhamba
• 2 Abafana bahamba
• 2a Ogogo bahamba
• 3 Umuzi uhamba
• 4 Imizi ihamba
• 5 Ilifu lihamba
• 6 Amafu ahamba
33. • Isigaba Ibizo Isenzo
• 7 Isilo sihamba
• 8 Izilo zihamba
• 9 Inkomo ihamba
• 10 Izinkomo zihamba
• 11 Uhlanya luhamba
• 12 ________ _________
• 13 ________ _________
35. ENYE INDLELA ESEBENZISA ISAKHI ‘YA’
INKATHI YAMANJE (UKUVUMA)
• Isigaba Ibizo Isenzo
• 1 Umfana uyahamba
• 1a Ugogo uyahamba
• 2 Abafana bayahamba
• 2a Ogogo bayahamba
• 3 Umuzi uyahamba
• 4 Imizi iyahamba
• 5 Ilifu liyahamba
• 6 Amafu ayahamba
36. Isigaba Ibizo Isenzo
• 7 Isilo siyahamba
• 8 Izilo ziyahamba
• 9 Inkomo iyahamba
• 10 Izinkomo ziyahamba
• 11 Uhlanya luyahamba
• 12 ________ _________
• 13 ________ _________
38. INKATHI YAMANJE (UKUPHIKA)
Isigaba Ibizo Isenzo
• 1 Umfana akahambi
• 1a Ugogo akahambi
• 2 Abafana abahambi
• 2a Ogogo abahambi
• 3 Umuzi awuhambi
• 4 Imizi ayihambi
• 5 Ilifu alihambi
• 6 Amafu awahambi
39. Isigaba Ibizo Isenzo
• 7 Isilo asihambi
• 8 Izilo azihambi
• 9 Inkomo ayihambi
• 10 Izinkomo azihambi
• 11 Uhlanya aluhambi
• 12 ________ _________
• 13 ________ _________
41. INKATHI EZAYO (UKUVUMA)
Isigaba Ibizo Isenzo
• 1 Umfana uzohamba
• 1a Ugogo uzohamba
• 2 Abafana bazohamba
• 2a Ogogo bazohamba
• 3 Umuzi uzohamba
• 4 Imizi izohamba
• 5 Ilifu lizohamba
• 6 Amafu azohamba
42. Isigaba Ibizo Isenzo
• 7 Isilo sizohamba
• 8 Izilo zizohamba
• 9 Inkomo izohamba
• 10 Izinkomo zizohamba
• 11 Uhlanya luzohamba
• 12 ________ _________
• 13 ________ _________
44. IZINDLELA OKUSETSHENZISWA NGAZO
INDLELA EYAMILE
Ilandela izihlanganiso ezithile:
• Sicabanga ukuba siye eKapa ngonyaka ozayo.
• Bafuna ukuba bawalime wonke amasimu akubo.
• Qhelisa umntwana ukuze angashi.
• Sizogeza qede sidlale.
• Ungamthethisi hleze akhale.
• Likhuleke lelo hhashi funa libaleke.
46. LAPHO SIKHULUMA NGEZINTO ESIZENZA
NJALO:
• Ekuseni ngivuka ngigeze, ngigqoke, ngidle,
• ngithathe izincwadi zami ngiye esikoleni.
• Kusihlwa ngithi ngingadla ngithathe izincwadi ngifunde.
• Emalokishini abantu baphila ngokuthenga:
• bathenga ukudla bathenge izinkuni, bathenge
• amalahle, bathenge okokwembatha,
• bathenge yonke into.
48. REFERENCES
• Khanye,V. (2017) Izindlela Zesenzo. Available from slideshare at
https://www.slideshare.net/vivi205/izindlela-zesenzo-for-slideshare (Accessed 27 August 2017).
• Gasa, S. (2017) Izindlela Zesenzo. Available from slideshare at
https://www.slideshare.net/sandile94/izindlela-zesenzo-for-slideshare (Accessed 27 August 2017).
• Masango, P. (2017) Izindlela Zesenzo. Available from slideshare at
https://www.slideshare.net/prudenceMasango1/izindlela-zesenzo-for-slideshare (Accessed 27
August 2017).
• Mahlangu, M. (2015) Isifundo Sezincazelo/ Semantics. Available from slideshare at
https://www.slideshare.net/mahlangu004/isifundo-sezincazelo-/semantics-for-slideshare (Accessed
27 August 2017).
• Nkosi, D. (2017) Ngefeminizimu. Available from slideshare at
https://www.slideshare.net/delaninkosi/ngefeminizumu-for-slideshare (Accessed 27 August 2017).