SlideShare a Scribd company logo
SINGABANTU SIYILOKHU ESIKUGQOKILE
ISINGENISO
Ubhali wendaba ‘inkinsela yasemgungundlovu’ unekhono elibanzi kakhulu lokuchaza
abalingiswa ngendlela abagqoka ngayo. Izingubo zisuka kwimpahla ebonakalayo ziye
kwihlo lomphakathi, zithinta indlela esizibona ngayo. Zisisiza ukuthi sibonakale
ekukhanyeni esifisa ukuba yikho, futhi zikhipha ubuntu bethu nesimo senhlalo.
Emiphakathini eminingi, umqondo wokugqoka uhlanganisa ingcebo yomuntu kanye
nokuthandeka ezingeni elithile labantu. Izingubo zikutshela ukuthi yini umuntu
ayazisayo nokuncane ngobuntu. Umuntu ogqoke isudi ukutshela okuhlukile
kunomuntu onesikhindi kanye nesikibha esiveze isisu. Umbala nesitayela
kubalulekile, kodwa nezinye izinto zibalulekile. Indlela ogqoka ngayo iphinde isho
ukuthi izingubo ozigqokile zihlanzekile noma zingcolile noma zishwabene.
Izimpahla esizigqokayo azisichazi ubunjalo bethu ngaso sonke isikhathi, nakuba
abanye abantu ubabona ezingubeni zokugqoka ukuthi bangabantu abanjani abanye
siye sisheshe sibahlulele kanti abayona lento esicabanga ukuthi bayiyo. Izimpahla
zokugqoka zingaveza ukuthi umuntu unjani ngezindlela ezahlukene, kokunye kuye
ngokuthi omunye umuntu ukubheka ngaliphi iso, ngoba phela akusiyena wonke
umuntu ozokubuka angakwehluleli. Kwesinye isikhathi kubuye kube nzima ukufunda
abanye abantu ukuthi bangabantu abanjani ngendlela abagqoke ngayo. Abanye
abantu uma uzobheka indlela abagqoka ngayo uba nokudideka ngoba bengayo indlea
eqondile yokugqoka, bagqoka loko abakubona kubalungele ngaleso sikhathi.
Izingubo zokugqoka esikhathini esiningi zisetshenziswa ngendlela yokuhlukanisa
ubulili. Esikhathi samanje akusafani nakudala lapho abantu besifazane babengagqoki
okuthile noma abantu besilisa babengagqoki okuthile. Abantu sebegqoka
abakuthandayo noma ngabe akukona okubulili obuhambisana nababo inqobo nje uma
umuntu ekuthanda lokhu akugqokile. Kokunye kubakhona izimahla ezithile ezigqokwa
endaweni ethile. Okwesibonelo, angeke ufake isikhindi uya kwinhlolokho, kukhona
indlela ethize ehloniphekayo okumele ugqoke ngayo.
Akuyona imfihlo ukuthi izingubo ozigqokayo zithinta indlela oziphatha ngayo, isimo
sakho sengqondo, ubuntu bakho, imizwa yakho, ukuzethemba kwakho, kanye
nendlela oxhumana ngayo nabanye. Izingubo zakho azikuchazi futhi azinqumi
ukubaluleka kwakho njengomuntu kodwa zinomthelela omkhulu ukuthi abantu
bakubuka kanjani. Sizobheka inoveli ‘inkinsela yase Mgungundlo’ ukuchaza
abalingiswa ngendlela abagqoke ngayo ukuthi bangabantu abanjani.
Indaba ‘Inkinsela yaseMgungundlovu’ yenzeka endaweni yaseNyanyadu emakhaya
eduzana nedolobha laseDandi. Lendaba yenzeka esikhathini sakudala lapho khona
uhululumeni wobandlululo akhipha khona umthetho wokuthi abantu abamnyama
mabanciphiselwe izinga lemfuyo. Abalingiswa kulenoveli bangabalingiswa
abangabantu abahlukene futhi nezimilo zabo zempilo azifani. Indlela abachazwe
ngayo ngokokugqoka ikhombisa ukuthi bangabantu abanjani futhi abakuliphi izinga.
NDEBENKULU
Umnumzane undebenkulu ungumlingiswa osemqoka kakhulu endabeni nguyena
okuthiwa uyinkinsela yaseMgungundlovu. Uma sifunda indaba sithola ukuthi
uNdebenkulu wasuka eMgungundlovu waya eNyanyadu ngenhloso yokusiza abantu
ngokuthi abathengisele izinkomo zabo kubelungu ukuze bazothola inzuzo.
UNdebenkulu ubuye avezwe njengomuntu owayefundile kakhulu futhi edla izambane
likapondo. Lokhu kufakazelwa yizimpahla umbhali athi wayezigqoka, umbhali uthi
wayegqoka izimpahla ezibukeka zibiza kakhulu kusukele esigqokweni ayesigqoke
ekhanda ukuya ezicathulweni ayezifake onyaweni yingakho ngisho abantu
baseNyanyadu babemethemba bengasoli lutho ngaye. Indlela owayekhuluma ngayo
wayenakho ukuzethemba ngoba ezazi ukuthi lokhu akugqokile kuyamfakazela
kulokhu akukhulumayo. Undebenkulu ubegqoka amasudi ayebonakala ukuthi
ayabiza, efaka isigqoko efaka nezibuko. Ubethi uma efika endaweni, abantu
bebengabuzi ukuthi ungumuntu osezingeni eliphezulu kepha bekuziveza khona
ngendlela agqoke ngayo.Siyathola nokuthi wayenezimoto, okukhombisa ukuthi
wayengaswele lutho wayedla izambane likapondo.
Undebenkulu ubezibiza ngesikwaya sasedolobheni esizwana nabalengu kanye
nabantu abasezingeni eliphezuli. Umnumzane Ndebenkulu ungumuntu othanda izinto
zobukhazikhazi, impahla zakhe zazimkhulumela yena engakakhulumi. Bekuthi
nanoma esebaqambela amanga abantu bamkholwe kungabikho abamngabazayo
ngenxa yokuthi wayebukeka njengomuntu othembekile kusukela kwindlela agqoke
ngayo. Ubebonakala njengomuntu owazana nabantu abasezingeni eliphezulu ngoba
nje wayehlezi ehamba ephethe isikhwama.
UMKHWANAZI
Umkhwanazi naye ungumlingiswa osemqoka endabeni njengoba kunguyena
obhekana nenkinga kakhulu endabeni. UMkhwanazi ungumnumzane wekhaya,
ungubaba kaThemba noThoko aphinde abe ngumyeni kaMaNtuli. UMkhwanazi
ubegqoka amabhulukwe namahembe akhakhi kanye namabhuzu ngoba
wayengumuntu ozithandela umsebenzi wezandla, imfuyo yakhe kanye nokulima.
Umkhwanazi ubefaka mabhuzu ngoba ethi yiwona amphatha kahle uma eyolima.
Indlela agqoka ngayo ibikhombisa nje ukuthi ungubaba womuzi okhuthele nje emzini
wakhe ohlala elima futhi enza umsebenzi wezandla. Ibhulukwe nehembe elikhakhi
yimpahla ezivame ukugqokwa abantu abasebenza ngamasimu nezimfuyo esikhathini
esiningi.
Lokhu kugqoka kuka Mkwanazi kuyamchaza ukuthi ungumuntu onjani. Isizathu
esingenza ukuthi abantu bagqoke impahla ezikhakhi uma beyosebenza kungaba
ukuthi umbala okhakhi uwuhlukene kakhulu kumbala womhlabathi futhi awugqamile
kakhulu. Uma umuntu osebenza umsebenzi wezandla noma elima noma ebheke
imfuyo uye angcole yingakho bengakuthandi ukufaka imibala egqamile kakhulu.
uMkhwanazi umuntu ojwayele ukufingqa ihembe lakhe, lokhu kukhombisa ukuthi
ungumuntuojwayele ukusebenza ngezandla. UMkwanazi ungumuntu ofasa ibhande
lesikhumba aliqinise, isizathi kungaba ukuthi uma esebenza akafuni ukulibele
ehlushwa yibhulukwe limane lehla uma egoba. Uma usebenza umsebenzi wezandla
noma owangaphandle wehla wenyuka, lokhukusho ukuthi uma ibhande ungalifasile
lizolibe lehla njalo.
MANTULI
UMaNtuli ungumlingiswa ongaqondakali ukuthi ungumuntu onjani ngakho ngizothi
ungumlingiswaoyindilinga. Umbhali umveze njengomuntu othwalayo ekhanda, lokhu
kuyakhombisa ukuthi usengumama omdala oganile ohlala endaweni yasemakhaya.
Bonke omama emakhaya abaganile bayathwala emakhanda ukukhombisa inhlonipho.
uMaNtuli ungumuntu ogqoka ngokuhlonipheka njengabo bonke omama
basemakhaya abaganile. Siyazi sonke ukuthi omama emakhaya bafaka iziketi ezinde
ezihloniphekile. Omama babuye bafake amaphinifa ngoba bengafuni ukungcolisa
izimpahla zabo uma besebenza ekhaya, kungba ukupheka, ukulima noma ukuhlanza
ikhaya.
THEMBA
uThemba yizibulo lika mnumzane uMkhwanazi nowakwakhe uMaNtuli. UThemba
wayeyinsizwa eyayiyohlanganisa amashumi amabili eminyaka. Ungumlingiswa
oyisicaba ngoba selokhu indaba iqalile akaguquki entweni ayishoyo. Ungumfana
ogqoka amabhulukwe amade, lokho kuyinto ethandwa abafana asebethe ukukhula
abayizinswizwa. Umbhali ubesikhombisa ukuthi uThemba usengumfana okhulile
osenomqondo ophusile. Indlela aziphatha ngayo endabeni iyakhombisa ukuthi
usekhulile ngoba useyakwazi nokubonisa abazali bakhe uma benza into engathi
ayiqondile kahle. Sikubona ngenkathi ekhombisa abazali bakhe ibufakazi bokuthi
uNdebenkulu akayona lento athi uyiyo. Indlela agqoka ngayo iyakhombisa ukuthi
uzokhula abe yindoda ekwaziyo ukunakekela umndeni wayo futhi yonke into ayenzayo
uyayiqaphelisisa. Okunye okuvelayo ngaye ukuthi uyazethemba, ukholelwa kulento
yena akholelwa kuyo, yize noma zonke izaba azenzayo ukukhombisa abazali bakhe
ukuthi akethembekile uNdebenkulu zifana nokuthela amanzi emhlane wedada
waqhubeka wangamethemba uNdebenkulu.
THOKO
Ungudadewabo ka Themba, indodakazi ka Mkhwanazi noMaNtuli. Ungumlingiswa
ongagqamanga kakhulu ngeba akavelanga kakhulu endabeni. Endabeni bamuchaza
njengentombazane ehloniphayo egqoka izingubo ezinde ezifika phansi ezinyaweni.
Lokhu kuyakhombisa ukuthi uThoko useyintombazane esithe ukukhula kancane
ehlala endaweni yasemakhaya. Iyakhombisa ukuthi iphuma emzini onenhlonipho futhi
uyabahlonipha abazali. Lokhu sikubona encwadini, nanoma uThoko ebona naye
ukuthi uyise uyaphazama akamlwisi kodwa usizana nobhudi wakhe ukuze bazokwazi
ukutshengisa uyise ukuthi uyaphazama ngokwethemba uNdebenkulu.
ABANYE ABALINGISWA
Bakhona abanye abalingiswa abatholakala endabeni. Abalingiswa abafana
noMaShezi, uDiliza, uMpungose kanye noShandu. Laba balingiswa abagqamile
endabeni kodwa bayavela. Laba abalingiswa abaseka abalingiswa abakhulu.
UMaShezi uvezwe njengentokazi ende, enomzimba, enamabele agcwele isifuba.
Uthanda ukuzithi kamfu ngebhande.
ISIPHETHO
Kule Ndaba sithola ukuchazwa kwabalingiswa ngendlela abagqoka ngayo. Lokhu
kukhombisa amakhono umbhali anawo ukuthi asichazele abalingiswa thina
abafundayo sizakhele bona emiqondweni yethu. Nanoma sikholelwa ekutheni umuntu
uchazwa yilokhu akugqokile kwesinye esikhathi abantu sibakha ngomqondo ongesiwo
ngendlela abagqoke ngayo. Singathatha sibheke endabeni, UNdebenkulu uvele
endabeni engumuntu ogqoka izimpahla ezibizayo, lezo zimpahla yizona ezibe
nomthelela wokuthi bamethembe abanye abantu endaweni bengaboni ukuthi
uyisigebengu. Engingakusho ukuthi indlela yokugqoka iyona enomthelela ukuthi
abantu bakuthathe kanjani yingakho kubalulekile ukuthi ugqoke ngendlela efanelekile
endaweni efanelekile.
IMITHOMBO YOLWAZI
Forster, E.M. (1974). Aspects of the Novel and Related Writings. London: William &
Sons Ltd, Colchester & Beccles.
Ntuli, J.H. (1998). The conception And Evolution of Characterisation in The Zulu Novel.
KwaZulu Natal: Department of African Languages at The University of Zululand.
Nyembezi, S. (1961). Inkinsela Yasemgungundlovu. KwaZulu Natal: Shutter &
Shooters Publishers (Pty) Ltd.

More Related Content

What's hot

Inkondlo
InkondloInkondlo
Umlando omfishane nemisebenzi ka nyembezi
Umlando omfishane nemisebenzi ka nyembeziUmlando omfishane nemisebenzi ka nyembezi
Umlando omfishane nemisebenzi ka nyembezi
Mlando Prosperity
 
Izinkondlo zika bw vilakazi
Izinkondlo zika bw vilakaziIzinkondlo zika bw vilakazi
Izinkondlo zika bw vilakazi
Nsindiso Clement
 
FET Phase IsiZulu Language Caps Doc.
FET Phase IsiZulu Language Caps Doc.FET Phase IsiZulu Language Caps Doc.
FET Phase IsiZulu Language Caps Doc.Celumusa Nkabinde
 
Sicikoza ngosiba
Sicikoza ngosibaSicikoza ngosiba
Sicikoza ngosiba
Xolani Knowledge Dlamini
 
Izinkondlo zika bw vilakazi(1)
Izinkondlo zika bw vilakazi(1)Izinkondlo zika bw vilakazi(1)
Izinkondlo zika bw vilakazi(1)
lucas Tshabalala
 
METHODOLOGY ISIZULU MLANDO KAMUFI SLIDES.pptx
METHODOLOGY ISIZULU MLANDO KAMUFI SLIDES.pptxMETHODOLOGY ISIZULU MLANDO KAMUFI SLIDES.pptx
METHODOLOGY ISIZULU MLANDO KAMUFI SLIDES.pptx
NOMVULA SIMELANE
 
Ukuhluza inkondlo
Ukuhluza inkondloUkuhluza inkondlo
Ukuhluza inkondlo
THANDI NKOSI
 
Izibongo zamakhosi
Izibongo zamakhosiIzibongo zamakhosi
Izibongo zamakhosi
university of johannesburg
 
Eminye yemizamo eyenziwayo ukuthuthukisa ulimi lwesizulu
Eminye yemizamo eyenziwayo ukuthuthukisa ulimi lwesizuluEminye yemizamo eyenziwayo ukuthuthukisa ulimi lwesizulu
Eminye yemizamo eyenziwayo ukuthuthukisa ulimi lwesizuluThendayi
 
Ukuhluzwa kwezinkondlo
Ukuhluzwa kwezinkondloUkuhluzwa kwezinkondlo
Ukuhluzwa kwezinkondlo
Nonjabulo Sibiya
 
Izinkondlo zika bw vilakazi(2)
Izinkondlo zika bw vilakazi(2)Izinkondlo zika bw vilakazi(2)
Izinkondlo zika bw vilakazi(2)
nokubonga lungile
 
Incwadi Yobungani.pptx
Incwadi Yobungani.pptxIncwadi Yobungani.pptx
Incwadi Yobungani.pptx
Ntombikayise Gwala
 
Izinkondlo (Isakhiwo)
Izinkondlo (Isakhiwo)Izinkondlo (Isakhiwo)
Izinkondlo (Isakhiwo)
Lethukuthula Molife
 
Imbongi zika zulu
Imbongi zika zuluImbongi zika zulu
Imbongi zika zulu
Lovemore Malaki
 
Izinkondlo zika bw vilakazi
Izinkondlo zika bw vilakaziIzinkondlo zika bw vilakazi
Izinkondlo zika bw vilakazi
Mlando Prosperity
 
Imikhakha
ImikhakhaImikhakha
Lecture-Ubunkondlo.pptx.pdf
Lecture-Ubunkondlo.pptx.pdfLecture-Ubunkondlo.pptx.pdf
Lecture-Ubunkondlo.pptx.pdf
NelisiweClaudia
 
Izinkondlo1(2)
Izinkondlo1(2)Izinkondlo1(2)
Izinkondlo1(2)
Salome Paulina
 
UKUHLAZIYA INDIKIMBA YENGANEKWANE NGETHIYORI YEFEMINISM
UKUHLAZIYA INDIKIMBA YENGANEKWANE NGETHIYORI YEFEMINISMUKUHLAZIYA INDIKIMBA YENGANEKWANE NGETHIYORI YEFEMINISM
UKUHLAZIYA INDIKIMBA YENGANEKWANE NGETHIYORI YEFEMINISM
BONGUMENZIMTSHALI1
 

What's hot (20)

Inkondlo
InkondloInkondlo
Inkondlo
 
Umlando omfishane nemisebenzi ka nyembezi
Umlando omfishane nemisebenzi ka nyembeziUmlando omfishane nemisebenzi ka nyembezi
Umlando omfishane nemisebenzi ka nyembezi
 
Izinkondlo zika bw vilakazi
Izinkondlo zika bw vilakaziIzinkondlo zika bw vilakazi
Izinkondlo zika bw vilakazi
 
FET Phase IsiZulu Language Caps Doc.
FET Phase IsiZulu Language Caps Doc.FET Phase IsiZulu Language Caps Doc.
FET Phase IsiZulu Language Caps Doc.
 
Sicikoza ngosiba
Sicikoza ngosibaSicikoza ngosiba
Sicikoza ngosiba
 
Izinkondlo zika bw vilakazi(1)
Izinkondlo zika bw vilakazi(1)Izinkondlo zika bw vilakazi(1)
Izinkondlo zika bw vilakazi(1)
 
METHODOLOGY ISIZULU MLANDO KAMUFI SLIDES.pptx
METHODOLOGY ISIZULU MLANDO KAMUFI SLIDES.pptxMETHODOLOGY ISIZULU MLANDO KAMUFI SLIDES.pptx
METHODOLOGY ISIZULU MLANDO KAMUFI SLIDES.pptx
 
Ukuhluza inkondlo
Ukuhluza inkondloUkuhluza inkondlo
Ukuhluza inkondlo
 
Izibongo zamakhosi
Izibongo zamakhosiIzibongo zamakhosi
Izibongo zamakhosi
 
Eminye yemizamo eyenziwayo ukuthuthukisa ulimi lwesizulu
Eminye yemizamo eyenziwayo ukuthuthukisa ulimi lwesizuluEminye yemizamo eyenziwayo ukuthuthukisa ulimi lwesizulu
Eminye yemizamo eyenziwayo ukuthuthukisa ulimi lwesizulu
 
Ukuhluzwa kwezinkondlo
Ukuhluzwa kwezinkondloUkuhluzwa kwezinkondlo
Ukuhluzwa kwezinkondlo
 
Izinkondlo zika bw vilakazi(2)
Izinkondlo zika bw vilakazi(2)Izinkondlo zika bw vilakazi(2)
Izinkondlo zika bw vilakazi(2)
 
Incwadi Yobungani.pptx
Incwadi Yobungani.pptxIncwadi Yobungani.pptx
Incwadi Yobungani.pptx
 
Izinkondlo (Isakhiwo)
Izinkondlo (Isakhiwo)Izinkondlo (Isakhiwo)
Izinkondlo (Isakhiwo)
 
Imbongi zika zulu
Imbongi zika zuluImbongi zika zulu
Imbongi zika zulu
 
Izinkondlo zika bw vilakazi
Izinkondlo zika bw vilakaziIzinkondlo zika bw vilakazi
Izinkondlo zika bw vilakazi
 
Imikhakha
ImikhakhaImikhakha
Imikhakha
 
Lecture-Ubunkondlo.pptx.pdf
Lecture-Ubunkondlo.pptx.pdfLecture-Ubunkondlo.pptx.pdf
Lecture-Ubunkondlo.pptx.pdf
 
Izinkondlo1(2)
Izinkondlo1(2)Izinkondlo1(2)
Izinkondlo1(2)
 
UKUHLAZIYA INDIKIMBA YENGANEKWANE NGETHIYORI YEFEMINISM
UKUHLAZIYA INDIKIMBA YENGANEKWANE NGETHIYORI YEFEMINISMUKUHLAZIYA INDIKIMBA YENGANEKWANE NGETHIYORI YEFEMINISM
UKUHLAZIYA INDIKIMBA YENGANEKWANE NGETHIYORI YEFEMINISM
 

Inkinsela yasmgungundlovu

  • 1. SINGABANTU SIYILOKHU ESIKUGQOKILE ISINGENISO Ubhali wendaba ‘inkinsela yasemgungundlovu’ unekhono elibanzi kakhulu lokuchaza abalingiswa ngendlela abagqoka ngayo. Izingubo zisuka kwimpahla ebonakalayo ziye kwihlo lomphakathi, zithinta indlela esizibona ngayo. Zisisiza ukuthi sibonakale ekukhanyeni esifisa ukuba yikho, futhi zikhipha ubuntu bethu nesimo senhlalo. Emiphakathini eminingi, umqondo wokugqoka uhlanganisa ingcebo yomuntu kanye nokuthandeka ezingeni elithile labantu. Izingubo zikutshela ukuthi yini umuntu ayazisayo nokuncane ngobuntu. Umuntu ogqoke isudi ukutshela okuhlukile kunomuntu onesikhindi kanye nesikibha esiveze isisu. Umbala nesitayela kubalulekile, kodwa nezinye izinto zibalulekile. Indlela ogqoka ngayo iphinde isho ukuthi izingubo ozigqokile zihlanzekile noma zingcolile noma zishwabene. Izimpahla esizigqokayo azisichazi ubunjalo bethu ngaso sonke isikhathi, nakuba abanye abantu ubabona ezingubeni zokugqoka ukuthi bangabantu abanjani abanye siye sisheshe sibahlulele kanti abayona lento esicabanga ukuthi bayiyo. Izimpahla zokugqoka zingaveza ukuthi umuntu unjani ngezindlela ezahlukene, kokunye kuye ngokuthi omunye umuntu ukubheka ngaliphi iso, ngoba phela akusiyena wonke umuntu ozokubuka angakwehluleli. Kwesinye isikhathi kubuye kube nzima ukufunda abanye abantu ukuthi bangabantu abanjani ngendlela abagqoke ngayo. Abanye abantu uma uzobheka indlela abagqoka ngayo uba nokudideka ngoba bengayo indlea eqondile yokugqoka, bagqoka loko abakubona kubalungele ngaleso sikhathi. Izingubo zokugqoka esikhathini esiningi zisetshenziswa ngendlela yokuhlukanisa ubulili. Esikhathi samanje akusafani nakudala lapho abantu besifazane babengagqoki okuthile noma abantu besilisa babengagqoki okuthile. Abantu sebegqoka abakuthandayo noma ngabe akukona okubulili obuhambisana nababo inqobo nje uma umuntu ekuthanda lokhu akugqokile. Kokunye kubakhona izimahla ezithile ezigqokwa endaweni ethile. Okwesibonelo, angeke ufake isikhindi uya kwinhlolokho, kukhona indlela ethize ehloniphekayo okumele ugqoke ngayo. Akuyona imfihlo ukuthi izingubo ozigqokayo zithinta indlela oziphatha ngayo, isimo sakho sengqondo, ubuntu bakho, imizwa yakho, ukuzethemba kwakho, kanye nendlela oxhumana ngayo nabanye. Izingubo zakho azikuchazi futhi azinqumi ukubaluleka kwakho njengomuntu kodwa zinomthelela omkhulu ukuthi abantu
  • 2. bakubuka kanjani. Sizobheka inoveli ‘inkinsela yase Mgungundlo’ ukuchaza abalingiswa ngendlela abagqoke ngayo ukuthi bangabantu abanjani. Indaba ‘Inkinsela yaseMgungundlovu’ yenzeka endaweni yaseNyanyadu emakhaya eduzana nedolobha laseDandi. Lendaba yenzeka esikhathini sakudala lapho khona uhululumeni wobandlululo akhipha khona umthetho wokuthi abantu abamnyama mabanciphiselwe izinga lemfuyo. Abalingiswa kulenoveli bangabalingiswa abangabantu abahlukene futhi nezimilo zabo zempilo azifani. Indlela abachazwe ngayo ngokokugqoka ikhombisa ukuthi bangabantu abanjani futhi abakuliphi izinga. NDEBENKULU Umnumzane undebenkulu ungumlingiswa osemqoka kakhulu endabeni nguyena okuthiwa uyinkinsela yaseMgungundlovu. Uma sifunda indaba sithola ukuthi uNdebenkulu wasuka eMgungundlovu waya eNyanyadu ngenhloso yokusiza abantu ngokuthi abathengisele izinkomo zabo kubelungu ukuze bazothola inzuzo. UNdebenkulu ubuye avezwe njengomuntu owayefundile kakhulu futhi edla izambane likapondo. Lokhu kufakazelwa yizimpahla umbhali athi wayezigqoka, umbhali uthi wayegqoka izimpahla ezibukeka zibiza kakhulu kusukele esigqokweni ayesigqoke ekhanda ukuya ezicathulweni ayezifake onyaweni yingakho ngisho abantu baseNyanyadu babemethemba bengasoli lutho ngaye. Indlela owayekhuluma ngayo wayenakho ukuzethemba ngoba ezazi ukuthi lokhu akugqokile kuyamfakazela kulokhu akukhulumayo. Undebenkulu ubegqoka amasudi ayebonakala ukuthi ayabiza, efaka isigqoko efaka nezibuko. Ubethi uma efika endaweni, abantu bebengabuzi ukuthi ungumuntu osezingeni eliphezulu kepha bekuziveza khona ngendlela agqoke ngayo.Siyathola nokuthi wayenezimoto, okukhombisa ukuthi wayengaswele lutho wayedla izambane likapondo. Undebenkulu ubezibiza ngesikwaya sasedolobheni esizwana nabalengu kanye nabantu abasezingeni eliphezuli. Umnumzane Ndebenkulu ungumuntu othanda izinto zobukhazikhazi, impahla zakhe zazimkhulumela yena engakakhulumi. Bekuthi nanoma esebaqambela amanga abantu bamkholwe kungabikho abamngabazayo ngenxa yokuthi wayebukeka njengomuntu othembekile kusukela kwindlela agqoke ngayo. Ubebonakala njengomuntu owazana nabantu abasezingeni eliphezulu ngoba nje wayehlezi ehamba ephethe isikhwama.
  • 3. UMKHWANAZI Umkhwanazi naye ungumlingiswa osemqoka endabeni njengoba kunguyena obhekana nenkinga kakhulu endabeni. UMkhwanazi ungumnumzane wekhaya, ungubaba kaThemba noThoko aphinde abe ngumyeni kaMaNtuli. UMkhwanazi ubegqoka amabhulukwe namahembe akhakhi kanye namabhuzu ngoba wayengumuntu ozithandela umsebenzi wezandla, imfuyo yakhe kanye nokulima. Umkhwanazi ubefaka mabhuzu ngoba ethi yiwona amphatha kahle uma eyolima. Indlela agqoka ngayo ibikhombisa nje ukuthi ungubaba womuzi okhuthele nje emzini wakhe ohlala elima futhi enza umsebenzi wezandla. Ibhulukwe nehembe elikhakhi yimpahla ezivame ukugqokwa abantu abasebenza ngamasimu nezimfuyo esikhathini esiningi. Lokhu kugqoka kuka Mkwanazi kuyamchaza ukuthi ungumuntu onjani. Isizathu esingenza ukuthi abantu bagqoke impahla ezikhakhi uma beyosebenza kungaba ukuthi umbala okhakhi uwuhlukene kakhulu kumbala womhlabathi futhi awugqamile kakhulu. Uma umuntu osebenza umsebenzi wezandla noma elima noma ebheke imfuyo uye angcole yingakho bengakuthandi ukufaka imibala egqamile kakhulu. uMkhwanazi umuntu ojwayele ukufingqa ihembe lakhe, lokhu kukhombisa ukuthi ungumuntuojwayele ukusebenza ngezandla. UMkwanazi ungumuntu ofasa ibhande lesikhumba aliqinise, isizathi kungaba ukuthi uma esebenza akafuni ukulibele ehlushwa yibhulukwe limane lehla uma egoba. Uma usebenza umsebenzi wezandla noma owangaphandle wehla wenyuka, lokhukusho ukuthi uma ibhande ungalifasile lizolibe lehla njalo. MANTULI UMaNtuli ungumlingiswa ongaqondakali ukuthi ungumuntu onjani ngakho ngizothi ungumlingiswaoyindilinga. Umbhali umveze njengomuntu othwalayo ekhanda, lokhu kuyakhombisa ukuthi usengumama omdala oganile ohlala endaweni yasemakhaya. Bonke omama emakhaya abaganile bayathwala emakhanda ukukhombisa inhlonipho. uMaNtuli ungumuntu ogqoka ngokuhlonipheka njengabo bonke omama basemakhaya abaganile. Siyazi sonke ukuthi omama emakhaya bafaka iziketi ezinde ezihloniphekile. Omama babuye bafake amaphinifa ngoba bengafuni ukungcolisa izimpahla zabo uma besebenza ekhaya, kungba ukupheka, ukulima noma ukuhlanza ikhaya.
  • 4. THEMBA uThemba yizibulo lika mnumzane uMkhwanazi nowakwakhe uMaNtuli. UThemba wayeyinsizwa eyayiyohlanganisa amashumi amabili eminyaka. Ungumlingiswa oyisicaba ngoba selokhu indaba iqalile akaguquki entweni ayishoyo. Ungumfana ogqoka amabhulukwe amade, lokho kuyinto ethandwa abafana asebethe ukukhula abayizinswizwa. Umbhali ubesikhombisa ukuthi uThemba usengumfana okhulile osenomqondo ophusile. Indlela aziphatha ngayo endabeni iyakhombisa ukuthi usekhulile ngoba useyakwazi nokubonisa abazali bakhe uma benza into engathi ayiqondile kahle. Sikubona ngenkathi ekhombisa abazali bakhe ibufakazi bokuthi uNdebenkulu akayona lento athi uyiyo. Indlela agqoka ngayo iyakhombisa ukuthi uzokhula abe yindoda ekwaziyo ukunakekela umndeni wayo futhi yonke into ayenzayo uyayiqaphelisisa. Okunye okuvelayo ngaye ukuthi uyazethemba, ukholelwa kulento yena akholelwa kuyo, yize noma zonke izaba azenzayo ukukhombisa abazali bakhe ukuthi akethembekile uNdebenkulu zifana nokuthela amanzi emhlane wedada waqhubeka wangamethemba uNdebenkulu. THOKO Ungudadewabo ka Themba, indodakazi ka Mkhwanazi noMaNtuli. Ungumlingiswa ongagqamanga kakhulu ngeba akavelanga kakhulu endabeni. Endabeni bamuchaza njengentombazane ehloniphayo egqoka izingubo ezinde ezifika phansi ezinyaweni. Lokhu kuyakhombisa ukuthi uThoko useyintombazane esithe ukukhula kancane ehlala endaweni yasemakhaya. Iyakhombisa ukuthi iphuma emzini onenhlonipho futhi uyabahlonipha abazali. Lokhu sikubona encwadini, nanoma uThoko ebona naye ukuthi uyise uyaphazama akamlwisi kodwa usizana nobhudi wakhe ukuze bazokwazi ukutshengisa uyise ukuthi uyaphazama ngokwethemba uNdebenkulu. ABANYE ABALINGISWA Bakhona abanye abalingiswa abatholakala endabeni. Abalingiswa abafana noMaShezi, uDiliza, uMpungose kanye noShandu. Laba balingiswa abagqamile endabeni kodwa bayavela. Laba abalingiswa abaseka abalingiswa abakhulu. UMaShezi uvezwe njengentokazi ende, enomzimba, enamabele agcwele isifuba. Uthanda ukuzithi kamfu ngebhande.
  • 5. ISIPHETHO Kule Ndaba sithola ukuchazwa kwabalingiswa ngendlela abagqoka ngayo. Lokhu kukhombisa amakhono umbhali anawo ukuthi asichazele abalingiswa thina abafundayo sizakhele bona emiqondweni yethu. Nanoma sikholelwa ekutheni umuntu uchazwa yilokhu akugqokile kwesinye esikhathi abantu sibakha ngomqondo ongesiwo ngendlela abagqoke ngayo. Singathatha sibheke endabeni, UNdebenkulu uvele endabeni engumuntu ogqoka izimpahla ezibizayo, lezo zimpahla yizona ezibe nomthelela wokuthi bamethembe abanye abantu endaweni bengaboni ukuthi uyisigebengu. Engingakusho ukuthi indlela yokugqoka iyona enomthelela ukuthi abantu bakuthathe kanjani yingakho kubalulekile ukuthi ugqoke ngendlela efanelekile endaweni efanelekile.
  • 6. IMITHOMBO YOLWAZI Forster, E.M. (1974). Aspects of the Novel and Related Writings. London: William & Sons Ltd, Colchester & Beccles. Ntuli, J.H. (1998). The conception And Evolution of Characterisation in The Zulu Novel. KwaZulu Natal: Department of African Languages at The University of Zululand. Nyembezi, S. (1961). Inkinsela Yasemgungundlovu. KwaZulu Natal: Shutter & Shooters Publishers (Pty) Ltd.