ISIZULU.pptx
- 3. IMIPHUMELA YESIFUNDO
>Abafundi kumele bekwazi ukuchaza ukuthi uyini umlando kamufi
nokuthi ubhalwa kanjani
>Abafundi kumele bekwazi izigaba ezahlukene eziqukethe wonke
amaphuzu abalulekile abhekwayo uma kubhalwa umlando kamufi
>Abafundi kumele bazi ukuthi kubaluleke ngani ukubhala nokufundwa
komlando kamufi
- 4. UYINI UMLANDO KAMUFI
Umlando kamufi umbhalo
obhalwa abomndeni noma
ilowo oqokwe abomndeni
(ngokumethemba)
osethulela/osixoxela
ngempilo ebikade iphilwa
umufi emhlabeni.
Lona-ke kuba umbhalo
oqoqekile ongankanti
ngoba ekubhalweni kwawo
kugxilwa kulokho
okugqamile, okusemqoka
nokuyiqiniso ngempilo
ebikade iphilwa umufi.
Uwumbhalo obhalelwa
ukuthi ufundwe
enkonzweni yakhe
yokugcina umufi (ngosuku
angcwantshwa ngalo).
- 5. UKUBHALWA KOMLANDO KAMUFI
• Umlando kamufi ubhalwa ngendlela ye-eseyi, awubhalwa
ngendlela yamaphuzu.
• Okusho ukuthi uma uwubhala ugxila kulezi zinkundla ezintathu
okubala phakathi: Isingeniso
Umzimba kanye,
Nesiphetho
• Ubhalwa kusetshenziswe umlandi wesithathu.
• Uba senkathini edlule
- 6. UKUHLELWA KWEZIGABA KANYE NAMAPHUZU
ATHOLAKALA KUZO.
• ISIHLOKO
>Sibhale ngosonhlamvukazi isihloko sakho
>Qinisekisa ukuthi uwabhala aphelele amagama kamufi
*Isib. UMLANDO KAMUFI UMAQHAWE MBOBOZEHLUZO BHENGU
Noma: Umlando Kamufi uMaqhawe Mbobozehluzo Bhengu
• ISINGENISO
>Phinda ubhale amagama kamufi aphelele
>Bhala amagama abazali bakamufi aphelele nawo (uma bengasekho emhlabeni
kuveze lokho khona lapha)
>Bhala usuku azalwa ngalo nashone ngalo
>Bhala indawo azalelwa kuyo (Hhayi isibhedlela)
- 7. KUYAQHUTSHWA…
• UMZIMBA (UHLUKANISWA NGEZIGABA EZIMBILI)
• ISIGABA SOKUQALA
>Kulesi sigaba kusuke kubhekwa noma kuxoxwa khona ngemfundo kamufi.
Uveza lapho afunda khona amabanga aphansi, amabanga aphezulu kanye
nesikhungo semfundo ephakeme aqhuba kuso izifundo zakhe.
• ISIGABA SESIBILI
>Kulesi sigaba usuke usuveza imisebenzi eyenziwe umufi esaphila okubala
phakathi imikhakha asebenze kuyo(kungabala/uveze ezimbili noma
ngaphezulu) uphinde ubheke amagalelo akhe noma iqhaza alibambile
ekuthuthukiseni umphakathi.
- 8. KUYAQHUTSHWA…
• ISIPHETHO
>Abantu abayigazi abashiyile emhlabeni
>Uma ngabe umufi ubeshadile, awube usababala abakwabo kanye
nabazali bakhe kepha ubala unkosikazi wakhe kanye nezingane
zakhe/zabo okunguwona mndeni wakhe awushiyile emhlabeni.
• EKUGCINENI
>Phetha umlando wakho ngomusho ovalelisayo efana nokuthi,”Lala
ngoxolo” noma uthi “Lala uphumule siyohlala sikukhumbula” ebese
ufaka nezithakazelo zikamufi.
*Isib. Lala ngoxolo Dlabazane siyohlala sikukhumbula.
(Ungaziqhuba izithakazelo zakho ngendlela othanda ngayo kodwa
zingeqi kwezine)
- 9. UKUBALULEKA KOKUFUNDWA NOKUBHALWA
KOMLANDO KAMUFI.
• Umlando kamufi obhaleke kahle ungalekelela umndeni
ekwamukeleni isimo nasekutheni uphole.
• Inganika abantu iminingwane emisha abebengayazi ngomufi
(bathola ukumazi kangcono umufi bayeke ukuqagula)
• Unika umndeni ithuba lokuthi kube iwona osho/onika
imininingwane lokuthi kube iwona onika imininingwane eyiqiniso
ngomufi.
- 10. OKUMELE UKUQAPHELE
• Ungalenzi I iphutha lokubhala umlando kamufi njengomuntu wokuqala
• Ungasivezi isifo esiyimbangela yokushona kukamufi
• Ungazzivezi izinto ezihlambalazayo noma ezingehlisa isithunzi sikamufi
kanye nomndeni
• Fundisisa umyalelo owunikiwe ngaphambi kokuthi ubhale ngoba umlando
kamufi angeke uhlezi ufana ngoba abantu abafani futhi badlula
emhlabeni ngeminyaka engafani, omunye udlula emncane omunye adlule
esemdala, omunye udlula esafunda omunye adlule esesebenza kanti
omunye angangasiqeda kwasikolo leso. Ngakho-ke qaphelisisa amaphuzu
ongawaveza kumufi ngamunye.
• Sebenzisa ulimi oluqoqekile/oluhloniphisayo
• Okunye okuphawulekayo ukuthi umlando kamufi ufundwa ngesizotha
- 12. UMSEBENZI WASEKHAYA
• Umngani wakho ebenifunda naye ibanga leshumi nanye udlule
emhlabeni ngokukhulu ukuzuma. Ucelwe umndeni ukuba ubhale
umlando wakhe.
• Bhala umlando kamufi.
• Amagama 80-100
• LO MSEBENZI UYATHOLAKA ENCWADINI YOMFUNDI IsiZulu Sethu
(ikhasi-30)