SlideShare a Scribd company logo
1 of 8
Download to read offline
7IZINDABAiLembe Eyethu • 20 February 2015
EZESIFUNDAZWE
Sesisuse umsindo isinqumo
sikaNgqongqoshe
Isinqumo sikaNgqongqoshe
wezokuBusa ngokuBambisana
neziNdaba zoMdabu KwaZulu
Natal, uNkk Nomusa Dube Ncube
sokufaka amakhosi kuMasipala
weTheku lapho kumele athole
umhlomulo ka-R5000 njalo
ngenyanga. Lomsindo uvela
kwi-DA ngoba ithi inkulu lemali
kanti futhi lamakhosi ngeke
alubhade ngisho emhlanganweni.
Kumele angalahlwa
uDhlomo
Bathi akangalahlwa abe-
ANCYL uSihlalo we-ANC
eThekwini uDkt Sibongiseni
Dhlomo osebeka phansi
izintambo kumele abhekelelwe
ekutheni athathe isikhundla
esiphethwenguMnuz Willies
Mchunu sokuba iphini likaSihlalo
wesifundazwe ngonyaka ozayo.
Loludaba luxoxwa kakhulu
ngamalunga kaKhongolose aseka
uNkk Zandile Gumede ukuba
abenguSihlalo weTheku.
Baboshelwe icala lokubamba
inkunzi kuhlonyiweSebekhalelwe
amasongo kasigonyela abalisa
abathathu kubalwa nephoyisa
lasoNdini, enyakatho neKwazulu
-Natal kubona. Labasolwa
bahlasele umshayeli weloli
ebelipake eceleni komgwaqo
kuN2 maqondana nasoPongolo
bamkhomba ngesibhamu maqeda
bamphuca umakhalekhukhwini
basebezama kuvula isisefo semali
phakathi bahluleka amaphoyisa
aze-ababamba sebebaleka
ngezinyawo ezimobeni.
Abe- IFP bagxeka
uNgqongqoshe
Umengameli wombutho
wentsha eqenjini le IFP uMnuz
Mkhuleko Hlengwa usekhwele
wadilika kungqongqoshe
wezokuBusa ngokuBambisana
nezoMdabu,KwaZulu – Natal
uNkk Nomusa Dube – Ncube
ngenxa yesinyathelo sakhe
asithathile uthi sikhombisile
ukuthi ucasulwa ukubambisana
kweIFP neNFP kulomasipala.
Isisuse esinye isiteleka i-DUT
Sekuphazamiseke ukufunda
eDurban University of
Technology njengoba abafundi
bemise yonke into bahambisa
incwadi yezikhalo kwisekela
lekhansela lesikole uSolwazi
Ahmed Bawa. Bavuke
umbejazana labafundi kade
uSolwazi ebatshela ukuthi imali
yeNational Student Financial Aid
Scheme (NSFAS) iyashoda.
Kubuye ithemba
kowesifazane waseMlazi
Kugwetshwe ojele abayishumi
ngecala lokubulala isiboshwa
sase-Waterval uMnuz Ayanda
Cele(24). Unina kamufi
uNkz Thulile Ntshingila uthe
sekubuye ithemba njengoba
labojele sebegwetshiwe ngoba
ubengasaboni kahle ukuthi
yayoke bajeze ngokubulala
indodana yakhe
GOGO TYPHINA
8 EZEMIDLALO iLembe Eyethu • 20 February 2015
NGOKUBONA KWAMI
Ese: Jerry Barnes
032 551 3232
UMA UFUNA UKUKHANGISA
FONELA KULENAMBA
CISHE wonke amakilabhu
amakhulu nathathwa
njengezikhokho eMzansi
nakwiPSL avele ashaywe uvalo
oluncane uma ecabanga umlando
weNedbank Cup.
Lomqhudelwano usudume
ngokuthi ofishi abancane bahlala
bedla abakhulu, futhi abalandeli
bebhola sebehlala ngokuminca
uma iqala imidlalo yalenkomishi
ngoba lamaqembu angaziwa
asevamisile ngoba phela avele
abukise ngobhuti abadala.
Ubani ungakhohlwa yiqembu
elalingaziwa iMaluti FET College
eyathela ngehlazo iBhakaBhaka
uqobo, iOrlando Pirates ngo
2013 emzuliswaneni wokuqala?
IPirates yaphinda yazalelwa inja
endlini ngesikhathi iqembu elikwi
National First Division (NFD)
iThanda Zulu Royals ngonyaka
odlule icishe yona umcimbi
kodwa-ke AmaBhakaBhaka
agcina ephume ngembobo
yenaliti aze ayodla umhlanganiso
kwiNedbank Cup. Phela
lenkomishi iqhukethe isiteki sika
R7 Million.
Okubuhlungu nje ukuthi
amakilabhu aseKwaZulu Natal
abhekene namakilabhu angaba
yinkinga uma ezothathwa
kancane.
Iqiniso lithi uma amakilabhu
aseKZN afuna ukuqhubekela
kuzofanele azibambe ngoqhoqho
lezifanyana ezizobe zidlala
nazo. IMaritzburg United yona
idlale neMpumalanga Black
Aces eMbombela Stadium
izolo ebusuku. Ngesikhathi
sokushicilela imiphumela
ibingaziwa.
Umdlalo okubhekeke ukuthi
udle ngokushuba futhi
ugedlise namazinyo uzoba
phakathi kwekhokho zaseKZN
AmaZulu kanye nomakhelwane
iLamontville Golden Arrows
edlala kwiNFD. Lomdlalo uzoba
usePrincess Magogo Stadium
kwaMashu ngoLwesihlanu ngo
8pm.
Kulezinsuku akuhambi kahle-hle
oSuthwini ngoba phela basalokhu
belwa nokusuka emsileni ukuze
bavike izembe phela.
Oshampeni bangonyaka odlule,
iPirates bazobhekana noma
badlale neqembu laseEast London
edlala kwiABC Motsepe League
iTornado eqeqeshwa owayeyisi
kwebhisi kwiBhakaBhaka
ngaleyaminyaka esiyadlula uJerry
“Legs of Thunder” Sikhosana.
NgoMqgibelo iKaizer Chiefs
izobhekana neAfrican All Stars
ngo3pm eFNB. IThanda Royal
Zulu yona izodlala neMamelodi
Sundowns eLoftus ePitoli ngo
5.30pm ngawo uMqgibelo.
Amanye amathemba aseKZN
iNatal United azonikizana
neChippa United eWolfson
Stadium ngo 3pm ngosuku
olufanayo.
Kanti isiyonke imidlalo
yeNedbank Cup last 32 imi kanje:
Friday, February 20, 2015 20:00
AmaZulu v Golden Arrows
Princess Magogo Stadium
Saturday, February 21, 2015
15:00 Kaizer Chiefs v Edu
Sports FC FNB Stadium
15:00 Black Leopards v FC
Cape Town Thohoyandou
Stadium
15:00 Chippa United v Natal
United Wolfson Stadium
15:00 Phiva Young Stars v
Jomo Cosmos Kamhlushwa
Stadium
15:00 Bellevue WInners Park
v Vasco Da Gama Giyani
Stadium
17:30 Mamelodi Sundowns v
Thanda Royal Zulu FC Loftus
Stadium
20:15 Bidvest Wits v Free
State Stars Bidvest Stadium
Sunday, February 22, 2015
15:00 Platinum Stars v The
Magic FC Royal Bafokeng
Stadium
15:00 Bloem Celtic v Roses
United Seisa Ramabodu
Stadium
15:00 African Warriors v
Maluti FET College Charles
Mopeli Stadium
15:00 Mainstay United v
Ajax Cape Town GWK Stadium
Wednesday, February 25, 2015
19:30 University of Pretoria v
Moroka Swallows Tuks Stadium
19:30 SuperSport United v
Polokwane City Lucas Moripe
Stadium.
SELUQALILE USHIKISHI LWE-NEDBANK CUP_______________________
Jerry Barnes
Abadlali be Orlando Pirates bejabulela ukuwina indebe ye Nedbank
Cup ngonyaka odlule. Isithombe esakwa Back page pics.
Indawo yokuzivocavoca eHowick West Sports Centre
MANGIQALE nje ngicacise
ukuthi mina ngavotela noma
ngiyohlale ngivotela uhulumeni
wabamnyama nowentando
yeningi, ngoba phela ngiyazi
lapho sivela khona.
Ngaphandle kokubala
amagama ezinhlangano
nokuzwakala sengathi
mhlawumbe ngiyacwasa, mina
mangisho nje kusakhanya futhi
wonke umuntu esabhekile
ukuthi angikaze ngiphuphe
ontamo lukhuni noma amabhunu
eshintsha ukucabanga nokwenza.
Ushansi nje omncane
abawowuthola bayowusebenzisa
noma kanjani ukuthi basicindezele
ukuthi sizibone sicindezekile
futhi. Futhi-ke guys, akucace
lokhu Maqabane amahle nakini
nonke zinkokheli nani makhansela
ethu emalokishini nase zindaweni
zethu zakobantu, sebenzelani
imiphakathi yenu ukuze izwe
namawadi ethu angaweli
ezandleni ezi wrong. Isikhathi
samakhansela nabaholi bamanga
nakhohlisanayo sesiphelile.
Mangisho nje njevolontiya
eliqhenyayo likahulumeni weningi
nobusayo, kwaze kwabuhlungu
engikubona eHowick
ezinkundleni zakhona ezindala
zemidlalo, edolobheni impela.
Phela lenkundla ingenkulukazi
ngaphansi koMngeni
Municipality futhi yiyo ehlala
isingatha imidlalo yomphakathi
neyedolobha eseqophelweni
eliphezulu. Engikubuzayo mina
futhi okuhlala kungiphula umoya
ukuthi kodwa yini eyenza ukuthi
uHulumeni wethu esimthandayo
nesamvotela kanye noMnyango
weZemidlalo nokuNgcebeleka
eKwaZulu Natal (Department of
Sports and Recreation) ukuthi
bathathe imishini yokuzivocavoca
eyakhelwe ngaphande ebaleni
(Outdoor Gym) ukuthi bayise
endaweni yabelungu futhi abadla
izambane likapondo.
Mina ngangishi lama Out Door
Gyms azokwakhelwa abantu
bethu abamnyama nabantulayo
nabangakwazi ukukhokhela
amagym ezigwili noma aphambili.
Mina ngokubona kwami
ngikholelwa wukuthi akekho
umuntu ohluphekayo nothwele
kanzima emndenini nasempilweni
ongakwazi ukukhokhela ukuya
ejimini. Phela sike sibone
amajita amaningi kanye nabo
sisters sebeya emajimini aqalwe
emalokishini ngoba phela
akukho easy or just affordable
ukukhokhela lamajimu asema
town eniwaziyo nani. Abanye
bethu bake bayele nje ukuyobuka
osisters abami kahle emajimini.
Kanti abanye osisters emajimini
baya ngoba beyofuna ukubukwa
noma ukuphanta umendo.
Ungize kahle, ngithe abanye
babo. Nase celeni kwase
Natalia Building, ekhoneni lika
Langalibalele (Longmarket Street)
and Boshoff Street, kunezinye
izinsimbi zokujima ezavele
zafakwa zase ziyekwa nje kanjalo.
Eish! bafwethu...zisedolobheni
and akekho ozisebenzisayo ngoba
azivulelekile kumphakathi. Ngike
ngizibuze ngingaqedi ukuthi kaze
uDept of Sports and Recreation
(DSR) wayecabangani la. Maybe
uDSR akazazi izimfuno noma
izidingo zethu zabamnyama
emalokishini ethu noma
ezindaweni zethu. Yini eyavimba
ukuthi leOutdoor Gym yakhiwe
eMphophomeni Township.
Phela iqiniso lithi iMpophomeni
isenhlwempu futhi isadinga izinto
eziningi zezemidlalo. Amabhunu
aseHowick noma abantu abakwazi
ukuthi bazithengele imizi etown
yaseHowick abayidingi leOut
door Gym.
Iziphathi mandla zakwaDSR
ikakhulukazi itop management
yakhona kufanele ikhunjuzwe
ukuthi kahle-kahle lamaOutdoor
Gym aye akhelwa abantu
abamnyama abantulayo
emalokishi, hhayi ukuhlobisa
nje ngemishini ingasetshenziswa
muntu. NaseNatalia, indaba
efanayo. Lemishini izihlalele nje
ngaphandle and akukho muntu
oyisebenzisayo. Ngike ngithi uma
ngiphumile ngisebenza ngakulezo
zindawo, ngime imizuzwane
mhlawumbe eyishumi ngethemba
lokuthi bakhona engizobabona
bejima ngenhlanhla.
Ngiyathemba ukuthi
amalokishi afana noMlazi
noKwaMashu noLamontville
around Durban ngeke abe nalo
ibhadi abone iOutdoor Gym
yakhiwe ngaphandle kweMoses
Mabhida Stadium kunokuba
iye ezindaweni zethu thina
bantu. Ngomoya wami omuhle
wesonto ngithi nje please DSR,
listen to the people and build the
Outdoor Gyms in the townships.
Ukube nje iOutdoor engaphandle
kwaseNatalia Building yayiswa
eCopesville noma eThembalihle
ngabe asikhali (PMBurg). Nalena
eseHowick kwakufanele iye
eMpophomeni, finish and klaar,
this thing is simple and straight
forward.
Hhayi-ke asiyiyeke lapha
inkulumo yethu namhlanje, wena
nje uhlale ubusisekile- Stay
Blessed.
KWAZE KWABUHLUNGU ENGIKUBONA EHOWICK NASE NATALIA EMARITZBURG

More Related Content

Featured

How Race, Age and Gender Shape Attitudes Towards Mental Health
How Race, Age and Gender Shape Attitudes Towards Mental HealthHow Race, Age and Gender Shape Attitudes Towards Mental Health
How Race, Age and Gender Shape Attitudes Towards Mental Health
ThinkNow
 
Social Media Marketing Trends 2024 // The Global Indie Insights
Social Media Marketing Trends 2024 // The Global Indie InsightsSocial Media Marketing Trends 2024 // The Global Indie Insights
Social Media Marketing Trends 2024 // The Global Indie Insights
Kurio // The Social Media Age(ncy)
 

Featured (20)

2024 State of Marketing Report – by Hubspot
2024 State of Marketing Report – by Hubspot2024 State of Marketing Report – by Hubspot
2024 State of Marketing Report – by Hubspot
 
Everything You Need To Know About ChatGPT
Everything You Need To Know About ChatGPTEverything You Need To Know About ChatGPT
Everything You Need To Know About ChatGPT
 
Product Design Trends in 2024 | Teenage Engineerings
Product Design Trends in 2024 | Teenage EngineeringsProduct Design Trends in 2024 | Teenage Engineerings
Product Design Trends in 2024 | Teenage Engineerings
 
How Race, Age and Gender Shape Attitudes Towards Mental Health
How Race, Age and Gender Shape Attitudes Towards Mental HealthHow Race, Age and Gender Shape Attitudes Towards Mental Health
How Race, Age and Gender Shape Attitudes Towards Mental Health
 
AI Trends in Creative Operations 2024 by Artwork Flow.pdf
AI Trends in Creative Operations 2024 by Artwork Flow.pdfAI Trends in Creative Operations 2024 by Artwork Flow.pdf
AI Trends in Creative Operations 2024 by Artwork Flow.pdf
 
Skeleton Culture Code
Skeleton Culture CodeSkeleton Culture Code
Skeleton Culture Code
 
PEPSICO Presentation to CAGNY Conference Feb 2024
PEPSICO Presentation to CAGNY Conference Feb 2024PEPSICO Presentation to CAGNY Conference Feb 2024
PEPSICO Presentation to CAGNY Conference Feb 2024
 
Content Methodology: A Best Practices Report (Webinar)
Content Methodology: A Best Practices Report (Webinar)Content Methodology: A Best Practices Report (Webinar)
Content Methodology: A Best Practices Report (Webinar)
 
How to Prepare For a Successful Job Search for 2024
How to Prepare For a Successful Job Search for 2024How to Prepare For a Successful Job Search for 2024
How to Prepare For a Successful Job Search for 2024
 
Social Media Marketing Trends 2024 // The Global Indie Insights
Social Media Marketing Trends 2024 // The Global Indie InsightsSocial Media Marketing Trends 2024 // The Global Indie Insights
Social Media Marketing Trends 2024 // The Global Indie Insights
 
Trends In Paid Search: Navigating The Digital Landscape In 2024
Trends In Paid Search: Navigating The Digital Landscape In 2024Trends In Paid Search: Navigating The Digital Landscape In 2024
Trends In Paid Search: Navigating The Digital Landscape In 2024
 
5 Public speaking tips from TED - Visualized summary
5 Public speaking tips from TED - Visualized summary5 Public speaking tips from TED - Visualized summary
5 Public speaking tips from TED - Visualized summary
 
ChatGPT and the Future of Work - Clark Boyd
ChatGPT and the Future of Work - Clark Boyd ChatGPT and the Future of Work - Clark Boyd
ChatGPT and the Future of Work - Clark Boyd
 
Getting into the tech field. what next
Getting into the tech field. what next Getting into the tech field. what next
Getting into the tech field. what next
 
Google's Just Not That Into You: Understanding Core Updates & Search Intent
Google's Just Not That Into You: Understanding Core Updates & Search IntentGoogle's Just Not That Into You: Understanding Core Updates & Search Intent
Google's Just Not That Into You: Understanding Core Updates & Search Intent
 
How to have difficult conversations
How to have difficult conversations How to have difficult conversations
How to have difficult conversations
 
Introduction to Data Science
Introduction to Data ScienceIntroduction to Data Science
Introduction to Data Science
 
Time Management & Productivity - Best Practices
Time Management & Productivity -  Best PracticesTime Management & Productivity -  Best Practices
Time Management & Productivity - Best Practices
 
The six step guide to practical project management
The six step guide to practical project managementThe six step guide to practical project management
The six step guide to practical project management
 
Beginners Guide to TikTok for Search - Rachel Pearson - We are Tilt __ Bright...
Beginners Guide to TikTok for Search - Rachel Pearson - We are Tilt __ Bright...Beginners Guide to TikTok for Search - Rachel Pearson - We are Tilt __ Bright...
Beginners Guide to TikTok for Search - Rachel Pearson - We are Tilt __ Bright...
 

iLembe.compressed

  • 1.
  • 2.
  • 3.
  • 4.
  • 5.
  • 6.
  • 7. 7IZINDABAiLembe Eyethu • 20 February 2015 EZESIFUNDAZWE Sesisuse umsindo isinqumo sikaNgqongqoshe Isinqumo sikaNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu Natal, uNkk Nomusa Dube Ncube sokufaka amakhosi kuMasipala weTheku lapho kumele athole umhlomulo ka-R5000 njalo ngenyanga. Lomsindo uvela kwi-DA ngoba ithi inkulu lemali kanti futhi lamakhosi ngeke alubhade ngisho emhlanganweni. Kumele angalahlwa uDhlomo Bathi akangalahlwa abe- ANCYL uSihlalo we-ANC eThekwini uDkt Sibongiseni Dhlomo osebeka phansi izintambo kumele abhekelelwe ekutheni athathe isikhundla esiphethwenguMnuz Willies Mchunu sokuba iphini likaSihlalo wesifundazwe ngonyaka ozayo. Loludaba luxoxwa kakhulu ngamalunga kaKhongolose aseka uNkk Zandile Gumede ukuba abenguSihlalo weTheku. Baboshelwe icala lokubamba inkunzi kuhlonyiweSebekhalelwe amasongo kasigonyela abalisa abathathu kubalwa nephoyisa lasoNdini, enyakatho neKwazulu -Natal kubona. Labasolwa bahlasele umshayeli weloli ebelipake eceleni komgwaqo kuN2 maqondana nasoPongolo bamkhomba ngesibhamu maqeda bamphuca umakhalekhukhwini basebezama kuvula isisefo semali phakathi bahluleka amaphoyisa aze-ababamba sebebaleka ngezinyawo ezimobeni. Abe- IFP bagxeka uNgqongqoshe Umengameli wombutho wentsha eqenjini le IFP uMnuz Mkhuleko Hlengwa usekhwele wadilika kungqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu,KwaZulu – Natal uNkk Nomusa Dube – Ncube ngenxa yesinyathelo sakhe asithathile uthi sikhombisile ukuthi ucasulwa ukubambisana kweIFP neNFP kulomasipala. Isisuse esinye isiteleka i-DUT Sekuphazamiseke ukufunda eDurban University of Technology njengoba abafundi bemise yonke into bahambisa incwadi yezikhalo kwisekela lekhansela lesikole uSolwazi Ahmed Bawa. Bavuke umbejazana labafundi kade uSolwazi ebatshela ukuthi imali yeNational Student Financial Aid Scheme (NSFAS) iyashoda. Kubuye ithemba kowesifazane waseMlazi Kugwetshwe ojele abayishumi ngecala lokubulala isiboshwa sase-Waterval uMnuz Ayanda Cele(24). Unina kamufi uNkz Thulile Ntshingila uthe sekubuye ithemba njengoba labojele sebegwetshiwe ngoba ubengasaboni kahle ukuthi yayoke bajeze ngokubulala indodana yakhe GOGO TYPHINA
  • 8. 8 EZEMIDLALO iLembe Eyethu • 20 February 2015 NGOKUBONA KWAMI Ese: Jerry Barnes 032 551 3232 UMA UFUNA UKUKHANGISA FONELA KULENAMBA CISHE wonke amakilabhu amakhulu nathathwa njengezikhokho eMzansi nakwiPSL avele ashaywe uvalo oluncane uma ecabanga umlando weNedbank Cup. Lomqhudelwano usudume ngokuthi ofishi abancane bahlala bedla abakhulu, futhi abalandeli bebhola sebehlala ngokuminca uma iqala imidlalo yalenkomishi ngoba lamaqembu angaziwa asevamisile ngoba phela avele abukise ngobhuti abadala. Ubani ungakhohlwa yiqembu elalingaziwa iMaluti FET College eyathela ngehlazo iBhakaBhaka uqobo, iOrlando Pirates ngo 2013 emzuliswaneni wokuqala? IPirates yaphinda yazalelwa inja endlini ngesikhathi iqembu elikwi National First Division (NFD) iThanda Zulu Royals ngonyaka odlule icishe yona umcimbi kodwa-ke AmaBhakaBhaka agcina ephume ngembobo yenaliti aze ayodla umhlanganiso kwiNedbank Cup. Phela lenkomishi iqhukethe isiteki sika R7 Million. Okubuhlungu nje ukuthi amakilabhu aseKwaZulu Natal abhekene namakilabhu angaba yinkinga uma ezothathwa kancane. Iqiniso lithi uma amakilabhu aseKZN afuna ukuqhubekela kuzofanele azibambe ngoqhoqho lezifanyana ezizobe zidlala nazo. IMaritzburg United yona idlale neMpumalanga Black Aces eMbombela Stadium izolo ebusuku. Ngesikhathi sokushicilela imiphumela ibingaziwa. Umdlalo okubhekeke ukuthi udle ngokushuba futhi ugedlise namazinyo uzoba phakathi kwekhokho zaseKZN AmaZulu kanye nomakhelwane iLamontville Golden Arrows edlala kwiNFD. Lomdlalo uzoba usePrincess Magogo Stadium kwaMashu ngoLwesihlanu ngo 8pm. Kulezinsuku akuhambi kahle-hle oSuthwini ngoba phela basalokhu belwa nokusuka emsileni ukuze bavike izembe phela. Oshampeni bangonyaka odlule, iPirates bazobhekana noma badlale neqembu laseEast London edlala kwiABC Motsepe League iTornado eqeqeshwa owayeyisi kwebhisi kwiBhakaBhaka ngaleyaminyaka esiyadlula uJerry “Legs of Thunder” Sikhosana. NgoMqgibelo iKaizer Chiefs izobhekana neAfrican All Stars ngo3pm eFNB. IThanda Royal Zulu yona izodlala neMamelodi Sundowns eLoftus ePitoli ngo 5.30pm ngawo uMqgibelo. Amanye amathemba aseKZN iNatal United azonikizana neChippa United eWolfson Stadium ngo 3pm ngosuku olufanayo. Kanti isiyonke imidlalo yeNedbank Cup last 32 imi kanje: Friday, February 20, 2015 20:00 AmaZulu v Golden Arrows Princess Magogo Stadium Saturday, February 21, 2015 15:00 Kaizer Chiefs v Edu Sports FC FNB Stadium 15:00 Black Leopards v FC Cape Town Thohoyandou Stadium 15:00 Chippa United v Natal United Wolfson Stadium 15:00 Phiva Young Stars v Jomo Cosmos Kamhlushwa Stadium 15:00 Bellevue WInners Park v Vasco Da Gama Giyani Stadium 17:30 Mamelodi Sundowns v Thanda Royal Zulu FC Loftus Stadium 20:15 Bidvest Wits v Free State Stars Bidvest Stadium Sunday, February 22, 2015 15:00 Platinum Stars v The Magic FC Royal Bafokeng Stadium 15:00 Bloem Celtic v Roses United Seisa Ramabodu Stadium 15:00 African Warriors v Maluti FET College Charles Mopeli Stadium 15:00 Mainstay United v Ajax Cape Town GWK Stadium Wednesday, February 25, 2015 19:30 University of Pretoria v Moroka Swallows Tuks Stadium 19:30 SuperSport United v Polokwane City Lucas Moripe Stadium. SELUQALILE USHIKISHI LWE-NEDBANK CUP_______________________ Jerry Barnes Abadlali be Orlando Pirates bejabulela ukuwina indebe ye Nedbank Cup ngonyaka odlule. Isithombe esakwa Back page pics. Indawo yokuzivocavoca eHowick West Sports Centre MANGIQALE nje ngicacise ukuthi mina ngavotela noma ngiyohlale ngivotela uhulumeni wabamnyama nowentando yeningi, ngoba phela ngiyazi lapho sivela khona. Ngaphandle kokubala amagama ezinhlangano nokuzwakala sengathi mhlawumbe ngiyacwasa, mina mangisho nje kusakhanya futhi wonke umuntu esabhekile ukuthi angikaze ngiphuphe ontamo lukhuni noma amabhunu eshintsha ukucabanga nokwenza. Ushansi nje omncane abawowuthola bayowusebenzisa noma kanjani ukuthi basicindezele ukuthi sizibone sicindezekile futhi. Futhi-ke guys, akucace lokhu Maqabane amahle nakini nonke zinkokheli nani makhansela ethu emalokishini nase zindaweni zethu zakobantu, sebenzelani imiphakathi yenu ukuze izwe namawadi ethu angaweli ezandleni ezi wrong. Isikhathi samakhansela nabaholi bamanga nakhohlisanayo sesiphelile. Mangisho nje njevolontiya eliqhenyayo likahulumeni weningi nobusayo, kwaze kwabuhlungu engikubona eHowick ezinkundleni zakhona ezindala zemidlalo, edolobheni impela. Phela lenkundla ingenkulukazi ngaphansi koMngeni Municipality futhi yiyo ehlala isingatha imidlalo yomphakathi neyedolobha eseqophelweni eliphezulu. Engikubuzayo mina futhi okuhlala kungiphula umoya ukuthi kodwa yini eyenza ukuthi uHulumeni wethu esimthandayo nesamvotela kanye noMnyango weZemidlalo nokuNgcebeleka eKwaZulu Natal (Department of Sports and Recreation) ukuthi bathathe imishini yokuzivocavoca eyakhelwe ngaphande ebaleni (Outdoor Gym) ukuthi bayise endaweni yabelungu futhi abadla izambane likapondo. Mina ngangishi lama Out Door Gyms azokwakhelwa abantu bethu abamnyama nabantulayo nabangakwazi ukukhokhela amagym ezigwili noma aphambili. Mina ngokubona kwami ngikholelwa wukuthi akekho umuntu ohluphekayo nothwele kanzima emndenini nasempilweni ongakwazi ukukhokhela ukuya ejimini. Phela sike sibone amajita amaningi kanye nabo sisters sebeya emajimini aqalwe emalokishini ngoba phela akukho easy or just affordable ukukhokhela lamajimu asema town eniwaziyo nani. Abanye bethu bake bayele nje ukuyobuka osisters abami kahle emajimini. Kanti abanye osisters emajimini baya ngoba beyofuna ukubukwa noma ukuphanta umendo. Ungize kahle, ngithe abanye babo. Nase celeni kwase Natalia Building, ekhoneni lika Langalibalele (Longmarket Street) and Boshoff Street, kunezinye izinsimbi zokujima ezavele zafakwa zase ziyekwa nje kanjalo. Eish! bafwethu...zisedolobheni and akekho ozisebenzisayo ngoba azivulelekile kumphakathi. Ngike ngizibuze ngingaqedi ukuthi kaze uDept of Sports and Recreation (DSR) wayecabangani la. Maybe uDSR akazazi izimfuno noma izidingo zethu zabamnyama emalokishini ethu noma ezindaweni zethu. Yini eyavimba ukuthi leOutdoor Gym yakhiwe eMphophomeni Township. Phela iqiniso lithi iMpophomeni isenhlwempu futhi isadinga izinto eziningi zezemidlalo. Amabhunu aseHowick noma abantu abakwazi ukuthi bazithengele imizi etown yaseHowick abayidingi leOut door Gym. Iziphathi mandla zakwaDSR ikakhulukazi itop management yakhona kufanele ikhunjuzwe ukuthi kahle-kahle lamaOutdoor Gym aye akhelwa abantu abamnyama abantulayo emalokishi, hhayi ukuhlobisa nje ngemishini ingasetshenziswa muntu. NaseNatalia, indaba efanayo. Lemishini izihlalele nje ngaphandle and akukho muntu oyisebenzisayo. Ngike ngithi uma ngiphumile ngisebenza ngakulezo zindawo, ngime imizuzwane mhlawumbe eyishumi ngethemba lokuthi bakhona engizobabona bejima ngenhlanhla. Ngiyathemba ukuthi amalokishi afana noMlazi noKwaMashu noLamontville around Durban ngeke abe nalo ibhadi abone iOutdoor Gym yakhiwe ngaphandle kweMoses Mabhida Stadium kunokuba iye ezindaweni zethu thina bantu. Ngomoya wami omuhle wesonto ngithi nje please DSR, listen to the people and build the Outdoor Gyms in the townships. Ukube nje iOutdoor engaphandle kwaseNatalia Building yayiswa eCopesville noma eThembalihle ngabe asikhali (PMBurg). Nalena eseHowick kwakufanele iye eMpophomeni, finish and klaar, this thing is simple and straight forward. Hhayi-ke asiyiyeke lapha inkulumo yethu namhlanje, wena nje uhlale ubusisekile- Stay Blessed. KWAZE KWABUHLUNGU ENGIKUBONA EHOWICK NASE NATALIA EMARITZBURG